Skip to Content

"ngiyethemba"

20 occurrences in ZUL

2 kaJohane 1:12

Nginokuningi kokunilobela, angithandanga ukukuloba ngephepha noyinki, kodwa ngiyethemba ukuza kini , ngikhulume nani umlomo nomlomo , ukuze ukuthokoza kwethu kuphelele.

2 kuThimothewu 1:12

ngaleso sizathu ngiyahlupheka nangalokhu , kepha anginamahloni , ngokuba ngiyamazi engikholwa nguye , ngiyethemba ukuthi unamandla okulonda lokho engikubekile kuye, kuze kube yilolo suku.

2 kuThimothewu 1:5

ngikhunjuzwe uku kholwa okungenakuzenzisa okukuwe , okwahlala kuqala kunyokokhulu uLowisi nakunyoko uYunisi, yebo, ngiyethemba, nakuwena.

2 kwabaseKorinte 13:6

Kepha ngiyethemba ukuthi nizakwazi ukuthi thina asisibo abokwaliwa.

2 kwabaseKorinte 1:13

Ngokuba asinilobeli okunye , kuphela lokho enikufundayo nenikuqonda kahle; ngiyethemba futhi ukuthi niyakukuqonda kahle kuze kube sekugcineni,

2 kwabaseKorinte 5:11

Ngakho lokhu sikwazi ukwesaba iNkosi , siyabancenga abantu; kepha sibonakalisiwe kuNkulunkulu; ngiyethemba ukuthi nakuye unembeza wenu sibonakalisiwe.

3 kaJohane 1:14

kepha ngiyethemba ukukubona masinyane, sikhulume umlomo nomlomo.

AmaHubo 119:114

Wena uyisiphephelo sami nesihlangu sami; ngiyethemba izwi lakho.

AmaHubo 119:147

Ngiyandulela uvivi lokusa ngikhala; ngiyethemba amazwi akho.

AmaHubo 119:166

Ngiyethemba insindiso yakho, Jehova; imiyalo yakho ngiyayenza.

AmaHubo 119:43

Ungalisusi emlonyeni wami ngokupheleleyo izwi leqiniso , ngokuba ngiyethemba izahlulelo zakho.

AmaHubo 143:8

Ngizwise umusa wakho ekuseni , ngokuba ngiyethemba kuwe ; ngazise indlela engifanele ukuhamba ngayo , ngokuba ngiphakamisela kuwe umphefumulo wami.

AmaHubo 25:2

Nkulunkulu wami , ngiyethemba kuwe ; mawungangijabhisi; izitha zami mazingethabi ngami.

AmaHubo 56:11

Ngiyethemba kuNkulunkulu, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?

AmaHubo 71:1

Jehova, ngiyethemba wena; mangingajabhi naphakade.

KuFilemoni 1:22

Futhi-ke wongilungisela nami indawo ; ngokuba ngiyethemba ukuthi ngemikhuleko yenu ngizakuphiwa nina.

KwabaseFilipi 2:19

Kepha ngiyethemba eNkosini uJesu ukuthuma uThimothewu kini masinyane, ukuze nami ngename nxa sengazi izindaba zenu.

KwabaseFilipi 2:23

Yena-ke ngiyethemba ukumthuma masinyane , uma sengibonile ukuthi okuqondene nami kophelelaphi;

KwabaseFilipi 2:24

kepha ngiyethemba eNkosini ukuthi nami ngizakuza eduzane.

KwabaseRoma 15:24

ngiyakuza nxa ngiya eSpaniya ; ngokuba ngiyethemba ukuthi ekudluleni kwami ngizakunibona , ngikhashwe yinina , nxa ngiya khona , uma sengike nganeliswa yinina;