Skip to Content

"ngobuqotho"

22 occurrences in ZUL

1 iziKronike 29:17

Ngiyazi, Nkulunkulu wami , ukuthi uhlola inhliziyo , uthanda ubuqotho . Mina-ke ngobuqotho benhliziyo yami nginikele ngokuthokoza zonke lezi zinto, futhi sengibonile ngokujabula abantu bakho abakhona lapha ukuthi nabo banikele kuwe ngokuthokoza.

AmaHubo 119:7

Ngiyakukubonga ngobuqotho benhliziyo , lapho ngifunda izahlulelo zakho ezilungileyo.

AmaHubo 15:2

Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza ukulunga , okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe,

AmaHubo 58:1

Imbala nikhuluma ukulunga ngokuthula na ? Madodana abantu , nahlulela ngobuqotho na?

AmaHubo 78:72

Njalo wabelusa ngobuqotho benhliziyo yakhe , wabahola ngenhlakanipho yesandla sakhe.

AmaHubo 84:11

Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu ; uJehova uyakupha umusa nodumo; akayikubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.

AmaHubo 96:10

Thanini phaka thi kwabezizwe : UJehova uyinkosi , izwe lihlala liqinile , lingenakushukunyiswa; uthetha amacala ezizwe ngobuqotho.

AmaHubo 98:9

ebusweni bukaJehova , ngokuba uyeza ukwahlulela umhlaba . Uyakwahlulela izwe ngokulunga nezizwe ngobuqotho.

AmaHubo 9:8

umhlaba uyakuwahlulela ngokulunga, athethe amacala ezizwe ngobuqotho.

IzAga 10:9

Ohamba ngobuqotho uhamba ngoku londeka, kepha ohlanekezela izindlela zakhe uyakwaziwa.

IzAga 14:2

Ohamba ngobuqotho uyamesaba uJehova, kepha ophambanisa izindlela zakhe uyamdelela.

Kwabase-Efesu 6:5

Zinceku, abangamakhosi enu ngokwenyama , balaleleni ngokwesaba nokuthuthumela ngobuqotho benhliziyo yenu kungathi kukuKristu,

KwabaseFilipi 2:20

Ngokuba anginamuntu onenhliziyo enjengeyakhe , onganakekela izindaba zenu ngobuqotho;

KwabaseKolose 3:22

Zinceku, lalelani ezintweni zonke labo abangamakhosi enu ngokwenyama , kungengokuthenga amehlo njengabathokozisa abantu kodwa ngobuqotho benhliziyo, niyesabe iNkosi.

KwabaseRoma 12:8

oyalayo, ekuyaleni; owabayo, enze ngobuqotho ; oholayo, ngenkuthalo; ohawukelayo, ngentokozo. Uthando nokuphathana kahle

U-Isaya 33:15

Yena ohamba ngokulunga , okhuluma ngobuqotho , odelela inzuzo yokucindezela, othintitha izandla zakhe ukuze angamukeli imivuzo , ovala izindlebe zakhe ukuze angezwa nge gazi, ocimeza amehlo akhe ukuze angaboni okubi,

U-Isaya 57:2

angene ekuthuleni ; abahambe ngobuqotho bayakuphumula emibhedeni yabo.

UDuteronomi 9:5

Akungokulunga kwakho noma ngobuqotho benhliziyo yakho ungena ulidle izwe lazo , kepha kungobubi balezo zizwe uJehova uNkulunkulu wakho azixosha phambi kwakho nangokuba eyakuliqinisa izwi uJehova alifunge la oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.

UGenesise 20:5

Akashongo kimi ukuthi : U ngudadewethu, na? Naye uqobo wathi : Ungumnewethu. Ngobuqotho benh liziyo yami nangobumhlophe bezandla zami ngikwenzile lokhu.

UGenesise 20:6

Wayesethi uNkulunkulu kuye ephusheni : Nami ngiyazi ukuthi ukwenze lokhu ngobuqotho benhliziyo yakho ; futhi ngakuvimba ukuba ungoni kimi ; ngalokho angikuvumelanga ukuba umthinte.

UJoshuwa 24:14

Manje yesabani uJehova , nimkhonze ngobuqotho nangeqiniso , nisuse onkulunkulu ababakhonzayo oyihlo phesheya koMfula naseGibithe, nimkhonze uJehova.

UMika 2:7

Kuyakushiwo, nina ndlu kaJakobe , ukuthi uMoya kaJehova unyinyekile ; yizenzo zakhe lezi na? Awamahle yini amazwi ami kohamba ngobuqotho?