Skip to Content

"ngokunjalo"

33 occurrences in ZUL

1 kaPetru 5:5

Ngokunjalo, nina basha , thobelani amalunga ; kepha nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.

1 kuThimothewu 2:9

Ngokunjalo nabesifazane mabagqoke izingubo ezifaneleyo, bazihlobise ngokuhlonipha nokuqonda , kungabi ngezinwele ezalukiweyo , nangegolide, nangamaparele, nangezambatho ezinemali eningi,

1 kuThimothewu 3:11

Ngokunjalo nabesifazane mababe nesizotha, abangahlebi, abazithibayo, abathembekayo ezintweni zonke.

1 kuThimothewu 3:8

Ngokunjalo namadiyakoni kufanele abe nesizotha, angabi ndimimbili , angabi ngabanaka kakhulu iwayini, angahaheli inzuzo embi,

1 kuThimothewu 5:25

Ngokunjalo nemisebenzi emihle isobala; naleyo engenjalo ingesitheke.

1 kwabaseKorinte 14:12

Ngokunjalo nani , lokhu nishisekele iziphiwo zomoya , funani ukuba n ibe nazo kakhulu, ukuze kwakheke ibandla.

1 kwabaseKorinte 15:22

Ngokuba njengalokhu ku-Adamu bonke bayafa , ngokunjalo futhi kuKristu bonke bayakuphiliswa.

1 kwabaseKorinte 2:11

Ngokuba ngumuphi kubantu owazi okomuntu , uma kungesiye umoya womuntu okuye na ? Ngokunjalo nokukaNkulunkulu akwaziwa muntu , kuphela nguMoya kaNkulunkulu.

1 kwabaseKorinte 7:22

Ngokuba owabizelwa eNkosini eyisigqila ungok hululekile weNkosi ; ngokunjalo nowabizwa ekhululekile uyisigqila sikaKristu.

1 kwabaseKorinte 9:14

Ngokunjalo iNkosi imisile ukuba abamemezela ivangeli baphile ngevangeli.

1 kwabaseThesalonika 2:4

kepha njengokuba sivunyiwe nguNkulunkulu ukuba siphathiswe ivangeli , siyakhuluma ngokunjalo, singenzeli ukuthokozisa abantu kepha uNkulunkulu ovivinya izinhliziyo zethu.

1 kwabaseThesalonika 2:8

Ngokunjalo lokhu besinilangazelele , sasifuna ukuninika kungesilo ivangeli likaNkulunkulu kuphela , kepha nokuphila kwethu uqobo , ngokuba nase ningabathandekayo kithina.

1 kwabaseThesalonika 4:14

Ngokuba uma sikholwa ukuthi uJesu wafa , wavuka, ngokunjalo-ke uNkulunkulu uyakubaletha nabaleleyo kuJesu kanye naye.

2 iziKronike 34:22

Wayesehamba uHilikiya nabanye benkosi , baya kuHulida umprofethikazi , umkaShalumi indodana kaThokathi kaHasira , umgcinizingubo -- wahlala eJerusalema enxenyeni yesibili -- bakhuluma kuye ngokunjalo.

AbAhluleli 8:8

Wenyuka lapho , waya ePhenuweli , wakhuluma kubo ngokunjalo ; abantu basePhenuweli bamphendula njengabantu baseSukoti bebephendulile.

EkaJuda 1:8

Nokho ngokunjalo -ke nalabo abaphuphayo bangcolisa inyama , bayeyisa imibuso, bahlambalaza ubukhosi.

IsAmbulo 18:21

Ingelosi enamandla yafukula itshe linjengelokusila elikhulu , yaliphonsa elwandle, yathi: Ngokunjalo iBabiloni umuzi omkhulu liyakuphonswa phansi ngamandla, lingabe lisafunyanwa.

IsAmbulo 2:15

Futhi-ke nawe unabo ababambisisa isifundiso samaNikolawu ngokunjalo.

IsAmbulo 8:12

Ingelosi yesine yayisibetha ; kwashaywa okwesithathu kwelanga, nokwesithathu kwenyanga , nokwesithathu kwezinkany ezi, ukuze okwesithathu kwakho kufiphazwe , nemini ingakhanyi okwesithathu kwayo , nobusuku ngokunjalo.

IzEnzo 23:11

Ngobusuku obu landelayo iNkosi yema ngakuye , yathi: Yima isibindi ; njengalokho ufakaze ngami eJerusalema , ngokunjalo umelwe ukufakaza naseRoma. Icebo labaJuda lokumbulala uPawulu

IzEnzo 24:14

Kepha ngiyavuma lokhu kuwe ukuthi ngeNdlela abathi iyihlelo ngiyamkhonza ngokunjalo uNkulunkulu wawobaba , ngikholwa yikho konke okulotshiwe emthethweni nakubaprofethi;

KuThithu 2:6

Ngokunjalo ubayale abesilisa abasha ukuba babe ngabaqondileyo,

KumaHeberu 9:6

Kepha lezo zinto zilungisiwe ngokunjalo , abapristi bangena njalo etabernakele lokuqala befeza izinkonzo,

KwabaseFilipi 2:18

ngokunjalo-ke thokozani nani, nithokoze kanye nami. UPawulu uyakubathumela oThimothewu no-Ephafrodithu

KwabaseRoma 1:27

ngokunjalo nabesilisa bayeka ukwenza kwemvelo kowesifazane , basha ngokukhanukelana, abesilisa benza okuyichilo kwabesilisa , bezitholela umvuzo ofanele ukuduka kwabo.

KwabaseRoma 5:12

Ngakho-ke njengalokho isono sangena ezweni ngamuntu munye , nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwafikela abantu bonke, lokhu bonke bonile;

KwabaseRoma 8:26

Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu ; ngokuba asikwazi esingakucela ngokufaneleyo , kodwa uMoya uqobo usikhulumela ngokububula okungenakuphinyiselwa;

NgokukaLuka 13:5

Ngithi kini : Qha, kepha uma ningaphenduki , niyakubhubha ngokunjalo nonke.

NgokukaMarku 15:39

Kepha induna yekhulu eyayimi maqondana naye imbona efa ngokunjalo , yathi: Nempela lo muntu ube yiNdodana kaNkulunkulu.

NgokukaMarku 2:28

Ngokunjalo iNdodana yomuntu iyinkosi neyesabatha.

UDaniyeli 6:9

Ngokunjalo inkosi uDariyu yayisiloba umbhalo nesiyalezo.

UJeremiya 9:24

kepha ozibongayo makazibong e ngalokhu ukuthi uyangiqonda , angazi ukuthi nginguJehov a owenza umusa nokwahlulela nokulunga emhlabeni , ngokuba ngiyathokoza ngokunjalo, usho uJehova.

UNehemiya 6:4

Bathumela kane kimi ngaleyo ndlela; ngabaphendula ngokunjalo.