Skip to Content

"ngokuphila"

18 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 22:27

uthi: Isho kanje inkosi , ithi: Fakani lona etilongweni , nimuphe isinkwa sokuhlupheka namanzi okuhlupheka, ngize ngibuye ngokuphila.

1 AmaKhosi 22:28

Wayesethi uMikhaya : Uma ubuya impela ngokuphila , uyakube engakhulumanga ngami uJehova. Wathi futhi: Yizwani nina bantu bonke.

2 AmaKhosi 10:24

Bangena u kunikela ngemihlatshelo nangeminikelo yokushiswa . UJehu wayezimisele ngaphandle abantu abangamashumi ayisishiyagalombili, wathi: Uma kuphunyuka umuntu walaba bantu engibaletha ezandleni zenu , kuyakuba ngukuphila ngokuphila.

2 iziKronike 18:26

nithi: Isho kanje inkosi , ithi: Fakani lona etilongweni , nimuphe isinkwa sokuhlupheka namanzi okuhlupheka, ngize ngibuye ngokuphila.

2 iziKronike 18:27

Wayesethi u Mikhaya: Uma ubuya impela ngokuphila, uyakube engakhulumanga ngami uJehova. Wathi futhi: Yizwani nina bantu bonke.

2 uSamuweli 18:13

Uma bengisebenzile inkohliso ngokuphila kwakhe , njengokuba kungekho nto efihlwa enkosini, nawe uqobo ngabe umelene nami.

KwabaseRoma 5:10

Ngokuba uma sathola ukubuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe sise yizitha , ikakhulu siyakusindiswa ngokuphila kwayo sesitholile ukubuyisana;

NgokukaLuka 12:22

Wayesethi kubafundi bakhe : Ngakho-ke ngithi kini : Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakud lani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani.

NgokukaMathewu 6:25

Ngalokho-ke ngithi kini : Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani , nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla nomzimba kunesambatho na?

U-Eksodusi 21:23

Uma kuvela ingozi, wokwenana ukuphila ngokuphila:

U-Esteri 7:7

Yayisisukuma inkosi ngolaka lwayo edilini lewayini , yaya ensimini yendlu yenkosi; uHamani wasukuma ukunxusa u -Esteri inkosikazi ngokuphila kwakhe, ngokuba wabona ukuthi usenqunyelwe okubi yinkosi.

UDuteronomi 19:21

Iso lakho aliyikuhawukela ; makube ngukuphila ngokuphila , iso n geso, izinyo ngezinyo, isandla ngesandla, unyawo ngonyawo.

UDuteronomi 28:66

ukuphila kwakho kujikiswa phambi kwakho , wesabe ubusuku nemini , ungabe usaba nethemba ngokuphila kwakho;

UHezekeli 32:10

Ngiyakwenza ukuba abantu abaningi bamangale ngawe , amakhosi abo aqhakanyeke, lapho ngisikaza ngenkemba phambi kwawo , aqhaqhazele imizuzwana yonke , kube yileyo naleyo ngokuphila kwayo ngosuku lokuwa kwakho.

UJobe 2:4

USathane wamphendula uJehova , wathi: Isikhumba ngesikhumba , yebo, konke umuntu anakho uyakunika ngokuphila kwakhe.

UJoshuwa 9:24

Bamphendula uJoshuwa , bathi: Kungokuba izinceku zakho zatshelwa nokutshelwa ukuthi uJehova uNkulunkulu wa kho wayala inceku yakhe uMose ukuba aninike izwe lonke , achithe bonke abakhileyo ezweni phambi kwenu; ngalokho sesaba kakhulu ngokuphila kwethu ngenxa yenu , sakwenza lokho.

ULevitikusi 24:18

Oshaya inkomo ize ife uyakuyikhokha, kube ngukuphila ngokuphila.

UmShumayeli 9:9

Thokoza ngokuphila nomkakho omthandayo zonke izinsuku zokuphila kwakho okuyize, oziphiwayo phansi kwelanga zonke izinsuku zakho eziyize , ngokuba lokhu kuyisabelo sakho kulokho kuphila ngomshikashika wakho owushikashikayo phansi kwelanga.