Skip to Content

"ngokushesha"

11 occurrences in ZUL

AbAhluleli 5:15

Izikhulu zakwa-Isakare zazinaye uDebora; njengo-Isakare, kanjalo noBaraki; behlela ngokushesha esigodini ezinyathelweni zakhe . Ngaseminonjaneni yakwaRubeni kwakukhona ukululekana okukhulu kwenhliziyo.

AmaHubo 45:1

Inhliziyo yami iyachichima ngendaba enhle; ngikhuluma igama engiliqambe ngenkosi; ulimi lwami lulusiba loloba ngokushesha.

AmaHubo 68:31

Izikhulu ziyakuvela eGibithe; amaKushe ayakwelulela ngokushesha izandla zawo kuNkulunkulu.

IzAga 20:21

Imfuyo ingatholwa ngokushesha ekuqaleni , kepha ukuphela kwayo akuyikubusiswa.

IzEnzo 17:15

Abamphelekezelayo uPawulu bamfikisa e -Athene; kwathi sebamukele isiyalezo ngoSila nangoThimothewu sokuba beze kuye ngokushesha okukhulu, bamuka. UPawulu ushumayela e-Athene

NgokukaLuka 1:39

Ngalezo zinsuku uMariya wasuka waya ngokushesha kwelezintaba emzini wakwaJuda.

U-Eksodusi 12:11

Niyakulidla kanje: izinkalo zenu ziboshiwe , izicathulo zenu zisezinyaweni zenu, nezindondolo zenu zisezandleni zenu ; niyakulidla ngokushesha ; kuyiphasika likaJehova.

U-Eksodusi 12:33

AbaseGibithe babebacindezela abantu ukuba babakhiphe ezweni ngokushesha, ngokuba bathi: Thina sonke sifile.

U-Isaya 52:12

Ngokuba aniyikuphuma ngokushesha , ningahambi ngokubaleka, ngokuba uJehova uyakuhamba phambi kwenu , noNkulunkulu ka -Israyeli uyakuba semva kwenu. Ukuhlupheka kwenceku

UDaniyeli 9:21

yebo, ngisakhuluma ngomkhuleko , lowo muntu uGabriyeli engambona embonweni kuqala , endiziswa ngokushesha , wangithinta ngesikhathi somnikelo wakusihlwa.

UDuteronomi 28:20

UJehova uyakukwehlisela isiqalekiso , nokuphaphatheka, nokusolwa, kukho konke obeka isandla sakho kukho ukuba ukwenze , uze uchithwe , ubhubhe ngokushesha ngenxa yobubi bezenzo zakho ongidelele ngazo.