Skip to Content

"ngokuthokoza"

31 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 1:40

Bonke abantu benyuka emva kwakhe , abantu babetha imitshingo . Bathokoza ngokuthokoza okukhulu, kwaze kwangathi kuqhekezeka umhlaba ngomsindo wabo.

1 iziKronike 15:16

UDavide washo ezinduneni zamaLevi ukuba zibeke abafowabo abahlabeleli, benezinto zokubetha , izingubhu, namahabhu, namasimbali, bakubethe, baphakamise izwi labo ngokuthokoza.

1 iziKronike 15:25

UDavide namalunga akwa -Israyeli nezinduna zezinkulungwane baya ukuwukhuphula umphongolo wesivumelwano sika Jehova endlini ka -Obede Edomi ngokuthokoza;

1 iziKronike 29:17

Ngiyazi, Nkulunkulu wami , ukuthi uhlola inhliziyo , uthanda ubuqotho . Mina-ke ngobuqotho benhliziyo yami nginikele ngokuthokoza zonke lezi zinto, futhi sengibonile ngokujabula abantu bakho abakhona lapha ukuthi nabo banikele kuwe ngokuthokoza.

1 iziKronike 29:22

badla, baphuza phambi kukaJehova ngalolo suku ngokuthokoza okukhulu . Bambeka uSolomoni indodana kaDavide inkosi ngokwesibili, bamgcobela uJehova ukuba abe ngumholi, uSadoki abe ngumpristi.

1 kwabaseThesalonika 1:6

Nani naba ngabalingisi bethu , nabeNkosi senilamukele izwi ekukhathazekeni okukhulu ngokuthokoza kukaMoya oNgcwele,

1 kwabaseThesalonika 3:9

Ngokuba ngukubonga okunjani esingakubuyisela kuNkulunkulu ngani ngokuthokoza konke esithokoza ngakho ngenxa yenu phambi kukaNkulunkulu wethu na?

2 iziKronike 29:30

UHezekiya inkosi nezikhulu bawayala amaLevi ukumdumisa uJehova ngamazwi kaDavide nangaka-Asafa umboni . Badumisa ngokuthokoza , bakhothamisa amakhanda abo, bakhuleka.

2 iziKronike 30:21

Abantwana bakwa-Israyeli ababe khona eJerusalema bawugubha umkhosi wesinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa ngokuthokoza okukhulu; amaLevi nabapristi bamdumisa uJehova imihla ngemihla ngezinto zokubethwa ezizwakalayo kuJehova.

2 iziKronike 30:23

Lonke ibandla lase livumelana ukugubha ezinye izinsuku eziyisikhombisa ; bagubha ezinye izinsuku eziyisikhombisa ngokuthokoza.

2 kwabaseKorinte 7:13

Ngalokho siduduz ekile. Nasekududuzekeni kwethu sathokoza impela , ikakhulu ngokuthokoza kukaThithu , ngokuba umoya wakhe uhlunyelelwe yinina nonke;

AmaHubo 105:43

Wayesekhipha abantu bakhe ngokujabula , abakhethiweyo bakhe ngokuthokoza.

AmaHubo 126:5

Abahlwanyela ngezinyembezi bayakuvuna ngokuthokoza.

AmaHubo 126:6

Ohamba ekhala izinyembezi , ephethe imbewu yokuhlwanyela, uyakubuya ngokuthokoza, ephethe izinyanda zakhe.

AmaHubo 92:11

Iso lami liyakubona ngokujabula izitha zami , nezindlebe zami ziyakuzwa ngokuthokoza ngababi abangivukelayo.

KumaHeberu 10:34

Ngokuba nazwelana nababoshiweyo, navuma ngokuthokoza ukuphangwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ninempahla enhle kunaleyo, nemiyo njalo.

KwabaseFilipi 1:4

ngezikhathi z onke ekunxuseni kwami konke ngani nonke , nginxusa ngokuthokoza,

KwabaseFilipi 2:29

Ngakho-ke mamukeleni eNkosini ngokuthokoza konke , abanjalo-ke nibaphathe ngokubatusa,

KwabaseRoma 15:32

ukuba ngize kini ngokuthokoza , ngentando kaNkulunkulu , ngiphumule kanye nani.

NgokukaLuka 19:6

Washesha wehla, wamamukela ngokuthokoza.

NgokukaLuka 8:13

Abasedwaleni yilabo abathi sebezwile , balamukele izwi ngokuthokoza ; kepha laba kabanampande , bakholwa isikhasha na nje , kuthi ngesikhathi sokulingwa bahlubuke.

NgokukaMarku 4:16

Kanjalo abahlwanyelwe edwaleni yilabo abathi sebelizwile izwi , balamukele masinyane ngokuthokoza;

NgokukaMathewu 13:20

Ohlwanyelwe edwaleni nguye olizwa izwi , alamukele masinyane ngokuthokoza;

NgokukaMathewu 13:44

Umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini , yafunyanwa ngumuntu, wayithukusa; ngokuthokoza kwakhe uyahamba , athengise ngakho konke anakho, athenge leyo nsimu.

NgokukaMathewu 2:10

Zathi ukuyibona inkanyezi, zathokoza ngokuthokoza okukhulu kakhulu.

U-Esteri 5:14

Wayesethi uZereshi umkakhe nabo bonke abangane bakhe kuye : Yenza umuthi, ukuphakama kwawo kube yizingalo ezingamashumi ayisihlanu , ukhulume ekuseni enkosini ukuba uMoridekayi aphanyekwe kuwo , besewungena ngokuthokoza kanye nenkosi edilini . Laba lihle lelo zwi kuHamani, wenza umuthi.

U-Ezra 6:16

Abantwana bakwa -Israyeli, abapristi namaLevi nabanye abathunjwa , bagcina ukuhlanjululwa kwaleyo ndlu kaNkulunkulu ngokuthokoza.

U-Ezra 6:22

bagubha umkhosi wesinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa ngokuthokoza, ngokuba uJehova wayebathokozisile, waguqulela inhliziyo yenkosi yase-Asiriya kubo ukuba kuqiniswe izandla zabo emsebenzini wendlu kaNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli.

U-Isaya 55:12

Ngokuba niyakuphuma ngokuthokoza , niholwe ngokuthula; izintaba namagquma kuyakuqhumuka ngokuhlabelela phambi kwenu , nemithi yonke yasendle iyakushaya ihlombe.

UJona 4:6

UJehova uNkulunkulu walungisela umhlakuva , wawukhulisa phezu kukaJona ukuba ube ngumthunzi phezu kwekhanda lakhe ukumophula kokubi kwakhe. UJona wathokoza ngomhlakuva ngokuthokoza okukhulu.

UNehemiya 12:27

Ekuhlanjululweni kogange lwaseJerusalema bafuna amaLevi ezindaweni zawo zonke ukuba ayiswe eJerusalema ukwenza ukuhlambulula ngokuthokoza, nangokubonga, nangokuhlabelela ngamasimbali nangezingubhu nangamahabhu.