Skip to Content

"ngokuzumayo"

15 occurrences in ZUL

IzAga 6:15

Ngalokho ingozi yakhe iyakufika ngokuzumayo; ngokuphazima kweso uyakwaphulwa, kungabikho ukuphiliswa.

U-Isaya 29:5

Kodwa isixuku sezitha zakho siyakuba njengebhuqu elicolekileyo, noquqaba lwabacindezeli njengamakhoba adlulayo , yebo, kuyakwenzakala ngokuzumayo ngokuphazima kweso.

U-Isaya 30:13

ngalokho lobu bub i buyakuba njengokomf antu lapho sekuzakuwa , kuvokomele ogangeni oluphakemeyo , ukudilika kwalo kufike ngokuzumayo ngokuphazima kweso.

U-Isaya 47:11

Kepha ububi buyakukwehlela , awuyikwazi lapho buvela khona ; nengozi iyakuwela phezu kwakho , awuyikuba namandla okuyichezukisa , incithakalo ifike phezu kwakho ngokuzumayo, ungazi.

U-Isaya 48:3

Ngimemezele izinto zakuqala zamandulo , zaphuma emlonyeni wami, ngazizwakalisa; ngazenza ngokuzumayo, zenzeka.

UJeremiya 18:22

Makuzwakale ukukhala e zindlini zabo , lapho ubehlisela impi ngokuzumayo, ngokuba bembile umgodi wokungibamba , bafihlela izinyawo zami izingibe.

UJeremiya 51:8

IBabele seliwile ngokuzumayo , lachithwa; hhewulani ngalo , nithathele ubuhlungu balo ibhalisamu; mhlawumbe lingaphiliswa.

UJobe 5:3

Mina ngibonile isiwula sigxilile , kepha ngaqalekisa indlu yaso ngokuzumayo.

UJobe 9:23

Uma isiswebhu sibulala ngokuzumayo, uyahleka ingozi yabangenacala.

UJoshuwa 10:9

UJoshuwa wabafikela ngokuzumayo; wakhuphuka eGiligali ubusuku bonke.

UMalaki 3:1

Bhekani, ngiyathuma isithunywa sami ; siyakulungisa indlela phambi kwami. INkosi eniyifunay o iyakufika ngokuzumayo ethempelini layo ; nesithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso , bheka, siyeza, usho uJehova Sebawoti.

UNumeri 12:4

UJehova wayesekhuluma ngokuzumayo kuMose naku -Aroni nakuMiriyamu, wathi: Wozani nina nobathathu etendeni lokuhlangana. Baphuma bobathathu.

UNumeri 6:9

Uma umuntu efa ngokuzumayo eceleni kwakhe , angcolise ikhanda lobuNaziri bakhe , uyakuphucula ikhanda lakhe ngosuku lokuhlanjululwa kwakhe, aliphucule ngosuku lwesikhombisa.

UZefaniya 1:18

Nasiliva labo nago lide labo akuyikuba namandla okubophul a ngosuku lwentukuthelo lukaJehova , kepha umhlaba wonke uyakudliwa ngumlilo womhawu wakh e, ngokuba uyakuqeda , yebo, aqede ngokuzumayo bonke abakhileyo ezweni.

UmShumayeli 9:12

Ngokuba umuntu akasazi isikhathi sakhe ; njengezinhlanzi ezibanjwa enetheni elib i nezinyoni ezibanjwa ogibeni , kanjalo amadodana abantu abekelwa isihibe ngesikhathi esibi, lapho siwehlela ngokuzumayo.