Skip to Content

"ngokwesibili"

34 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 18:34

Wathi: Gcwalisani izimbiza ezine ngamanzi, niwathele emnikelweni wokushiswa naphezu kwezinkuni. Wathi: Kwenzeni ngokwesibili. Wayesethi: Kwenzeni nangokwesithathu. Baphinda ngokwesithathu.

1 AmaKhosi 19:7

Ingelosi kaJehova yabuye yamthinta ngokwesibili , yathi: Vuka udle , ngokuba indlela yakho inde.

1 AmaKhosi 9:2

uJehova wabonakala kuSolomoni ngokwesibili , njengalokho ayebonakele kuye eGibeyoni.

1 iziKronike 29:22

badla, baphuza phambi kukaJehova ngalolo suku ngokuthokoza okukhulu . Bambeka uSolomoni indodana kaDavide inkosi ngokwesibili, bamgcobela uJehova ukuba abe ngumholi, uSadoki abe ngumpristi.

1 uSamuweli 18:21

Wayesethi uSawule : Ngiyakumnika yena ukuba abe lugibe kuye , isandla samaFilisti sibe phezu kwakhe . Ngalokho uSawule wathi kuDavide: Uyakuba ngumkhwenyana wami ngokwesibili namuhla.

2 iziKronike 7:10

Ngosuku lwamashumi amabili nantathu lwenyanga yesikhombisa wabamukisa abantu baya ematendeni abo , bethokoza benezinhliziyo ezenamileyo ngobuhle uJehova abenzel e oDavide noSolomoni no -Israyeli abantu bakhe. UNkulunkulu uyabonakala ngokwesibili kuSolomoni

2 kwabaseKorinte 13:2

Besengishilo ngaphambili kulabo abakade bonile nakubo bonke abanye , nakalokhu ngisho ngaphambili -- ngisho manje ngingekho , njengalokho ngasho ngikhona ngokwesibili -- ukuthi nxa ngifika futhi, angiyikuyekethisa.

2 kwabaseKorinte 1:15

Nginalelo themba ngangifuna ukuza kini kuqala , ukuze nithole umusa ngokwesibili,

2 uSamuweli 14:29

U-Abisalomu wayesethumela kuJowabe ukuba amthume enkosini , kepha akavumanga ukuza kuye ; waphinda wathu mela ngokwesibili , kepha akavumanga ukuza.

IsAmbulo 19:3

Bathi ngokwesibili : Haleluya! Nomusi waso wenyuka kuze kube phakade naphakade.

IzEnzo 10:15

Izwi laphind a lasho kuye ngokwesibili, lathi: Lokho akuhlambululile uNkulunkulu, ungasho wena ukuthi kubi.

IzEnzo 11:9

Khona izwi elivela ezulwini laphendula ngokwesibili , lathi: Lokho akuhlambululileyo uNkulunkulu, ungasho wena ukuthi kuyichilo.

IzEnzo 7:13

kwathi ngokwesibili uJosefa waziwa ngabafowabo ; kwabonakala kuFaro isizwe sakubo kaJosefa.

KumaHeberu 9:28

kunjalo noKristu , esenikelwe kanye ukuba athwale izono zabaningi , uyakubonakala ngokwesibili ngaphandle kwesono kulabo abamlindeleyo , kube ngukusindiswa.

NgokukaJohane 18:24

U-Anase wamthumela eboshiwe kuKayafase umpristi omkhulu. UJesu uphikwa nguPetru ngokwesibili nangokwesithathu

NgokukaJohane 21:16

Wabuye wathi kuye ngokwesibili: Simoni kaJona, uyangithanda na? Wathi kuye: Yebo, Nkosi, uyazi wena ukuthi ngiyakuthanda . Wathi kuye: Yalusa izimvu zami.

NgokukaJohane 3:4

UNikodemu wathi kuye : Umuntu angazalwa kanjani esemdala na ? Angangena ngokwesibili esiswini sikanina, azalwe, na?

NgokukaJohane 9:24

Bambiza-ke ngokwesibili lowo muntu owabeyimpumputhe , bathi kuye : Mnike uNkulunkulu udumo; thina siyazi ukuthi lowo muntu uyisoni.

NgokukaMarku 14:72

Lase likhala masinyane iqhude ngokwesibili . UPetru wayesekhumbula izwi abelishilo kuye uJesu lokuthi : Iqhude lingakakhali kabili , uzakungiphika kathathu; wakhala nokukhala izinyembezi.

NgokukaMathewu 26:42

Wabuye waya ngokwesibili , wakhuleka wathi : Baba, uma lesi sitsha singedlule kimi ngingasiphuzanga, mayenziwe intando yakho.

U-Esteri 2:19

Lapho izintombi sezibuthwa ngokwesibili , uMoridekayi wahlala esangweni lenkosi.

UGenesise 22:15

Ingelosi kaJehova yayisimemeza ku-Abrahama ngokwesibili isezulwini,

UGenesise 41:5

Walala ubuthongo , waphupha ngokwesibili ; bheka, kwahluma izikhwebu eziyisikhombisa ezeleni linye, zibhoxile, zizinhle.

UGenesise 43:10

ngokuba uma sasingalibalanga, impela nga sesibuyile manje ngokwesibili.

UHagayi 2:20

Izwi likaJehova lafika ngokwesibili kuHagayi ngolwamashumi amabili nane lwenyanga, lathi:

UJeremiya 13:3

Lase lifika izwi likaJehova ngokwesibili, lithi:

UJeremiya 1:13

Lase lifika kimi izwi likaJehova ngokwesibili , lithi: Ubonani na ? Ngathi: Ngibona ikhanzi elibilayo. Ubuso balo bungasenyakatho.

UJona 3:1

Izwi likaJehova lafika kuJona ngokwesibili, lathi:

UJoshuwa 5:2

Ngaleso sikhathi uJehova wathi kuJoshuwa : Zenzele omese bensengetsha , ubuye usoke abantwana bakwa-Israyeli ngokwesibili.

ULevitikusi 13:58

Ingubo noma izintanjana eziqondileyo noma ezinqamulayo noma intoni yesikhumba oyakuyihlanza, uma ibala lisuka kukho, kohlanzwa ngokwesibili, kuhlambuluke.

UMalaki 2:13

Ngokwesibili niyakwenza nalokhu : nisibekela i -altare likaJehova ngezinyembezi, nangokukhala, nangokububula, angabe esayinakekela iminikelo, ingabe isamukeleka esandleni senu.

UNahume 1:9

Enikucebayo ngoJehova uyakuqeda yena ; ukuhlupheka akuyikuvela ngokwesibili.

UNumeri 10:6

Nanxa nihlaba umkhosi ngokwesibili , amakamu asohlangothini lwaseningizimu ayakusuka; bayakuhlaba umkhosi ekusukeni kwabo.

UZakariya 4:12

Ngathatha ngokwesibili, ngathi kuyo : Ayini lawa magatsha amabili eminqumo aseceleni kwemibhobho emibili y egolide, athululwa ngayo amafutha egolide na?