Skip to Content

"ngolimi"

26 occurrences in ZUL

1 kwabaseKorinte 14:9

Kanjalo nani , uma ningakhiphi izwi elichachileyo ngolimi , kuzakwaziwa kanjani okukhulunywayo na? Ngokuba niyakube nikhuluma emoyeni.

2 AmaKhosi 18:26

Base bethi u -Eliyakimi indodana kaHilikiya noShebina noJowa kuRabi Shake: Ake ukhulume ezincekwini zakho ngesi -Aramu, ngokuba siy aluzwa, ungakhulumi kithi ngolimi lwabaJuda ezindlebeni zabantu abasogangeni.

2 AmaKhosi 18:28

Wayesema uRabi Shake , wamemeza ngezwi elikhulu ngolimi lwabaJuda , wakhuluma wathi: Zwanini amazwi enkosi enkulu, inkosi yase-Asiriya.

2 iziKronike 32:18

Bamemeza ngezwi elikhulu ngolimi lwabaJuda kubantu baseJerusalema ababe sogangeni ukuba babethuse, babesabise, ukuze bawuthathe umuzi.

AbAhluleli 7:5

Wayesebehlisela abantu ngasemanzini ; uJehova wathi kuGideyoni : Bonke abaxhapha amanzi ngolimi lwabo njengokuxhapha kwenja babeke bodwa , kanjalo nabo bonke abaguqa ngamadolo ukuba baphuze.

AmaHubo 109:2

Ngokuba umlomo womubi nomlomo wenkohliso bawuvulile ngakimi ; bakhulumile ngami ngolimi lwamanga.

AmaHubo 12:4

abathi: Siyakunqoba ngolimi lwethu ; izindebe zethu zinathi ; ngubani oyinkosi phezu kwethu na?

AmaHubo 15:3

ongahlebi ngolimi lwakhe , ongamoni umngane wakhe , nongamhlazi umakhelwane wakhe;

AmaHubo 39:1

Ngithe: Ngizakulinda izindlela zam i ukuba ngingoni ngolimi lwami ; ngizakugcina umlomo wami ngesifonyo , omubi esekhona pham bi kwamehlo ami.

AmaHubo 39:3

Inhliziyo yami yavutha phakathi kwami ; kwaphembeka umlilo ngisazindla; ngakhuluma ngolimi lwami.

AmaHubo 5:9

Ngokuba alikho iqiniso emlonyeni wabo ; izibilini zabo zingukonakala : umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo; bayathopha ngolimi lwabo.

AmaHubo 78:36

Kepha bamthopha ngomlomo wabo, baqamba amanga kuye ngolimi lwabo;

IzAga 21:6

Ukuthola ingcebo ngolimi lwamang a kuyize elizulazuliswa , nezingibe zokufa.

IzAga 28:23

Osola umuntu uyakuthola ngasemuva isisa kunothopha ngolimi lwakhe.

IzEnzo 1:19

kwaziwa yibo bonke abakhileyo eJerusalema , yaze yaqanjwa leyo nsimu ngolimi lwakubo ngokuthi i-Akeldama, okungukuthi iNsimu Yegazi.

IzEnzo 21:40

Esemvumele, uPawulu wema esikhwelweni , waqhweba abantu ngesandla ; sekuthe cwaka, wakhuluma ngolimi lwesiHeberu, wathi:

IzEnzo 22:2

Kwathi bemuzwa ekhuluma kubo ngolimi lwesiHeberu , bathula bathi du . Wayesethi:

IzEnzo 2:6

kwathi kuzwakele lowo mdumo, uquqaba lwabuthana, lwaphithiza, ngokuba kwaba yilowo nalowo wabezwa bekhuluma ngolimi lwakubo.

IzEnzo 2:8

Yini, pho, ukuba sonke ngabanye sizwe ngolimi lwakithi esazalwa nalo na?

KwabaseKolose 2:21

Ungaphathi, ungezwa ngolimi, ungathinti,

U-Esteri 1:22

yathuma izincwadi ezifundeni zonke zenkosi , ezifundeni ngezifunda njengokubhala kwazo nasezizweni ngezizwe njengezilimi zazo ukuba yilowo nalowo muntu abuse endlini yakhe, akhulume ngolimi lwesizwe sakubo.

U-Isaya 36:11

Base be thi o-Eliyakimi noShebina noJowa kuRabi Shake : Ake ukhulume ezincekwini zakho ngesi -Aramu, ngokuba siyaluzwa , ungakhulumi kithi ngolimi lwabaJuda ezindlebeni zabantu abasogangeni.

U-Isaya 36:13

Wayesema uRabi Shake , wamemeza ngezwi elikhulu ngolimi lwabaJuda , wathi: Zwanini amazwi enkosi enkulu, inkosi yase-Asiriya.

UGenesise 10:5

Kuvela kulabo iziqhingi zabezizwe zahlukaniselwa amazwe abo , kwaba yilelo nalelo ngolimi lwalo, nangemindeni yalo, nangezizwe zalo.

UJeremiya 18:18

Base bethi : Wozani simcebele uJeremiya amacebo, ngokuba umthetho awuyikuphela kumpristi, nesu kohlakaniphileyo, nezwi kumprofethi, sihambe simshaye ngolimi, singaqapheli nelilodwa lamazwi akhe.

UNehemiya 13:24

Abantwana babo bakhuluma ngokwenxenye ngesi-Ashidodi; bengenakukhuluma isiJuda bakhuluma ngolimi lwezizwe ngezizwe.