Skip to Content

"ngolokuqala"

15 occurrences in ZUL

2 iziKronike 29:17

Baqala ukungcwelisa ngolokuqala lwenyanga yokuqala ; ngosuku lwesishiyagalombili lwenyanga bafika emphemeni kaJehova , bayingcwelisa indlu kaJehova ngezinsuku eziyisishiyagalombili ; ngosuku lweshumi nesithupha lwenyanga yokuqala baqeda.

U-Eksodusi 40:17

Kwathi enyangeni yokuqala ngomnyaka wesibili , ngolokuqala lwenyanga itabernakele lamiswa.

U-Ezra 7:9

Ngokuba ngolokuqala lwenyanga yokuqala waqala ukukhuphuka eBabele; ngolokuqala lwenyanga yesihlanu wafika eJer usalema ngokwesandla esihle sikaNkulunkulu wakhe esasiphezu kwakhe,

UDuteronomi 1:3

Kwathi ngomnyaka wamashumi amane ngenyanga yeshumi nanye ngolokuqala lwenyanga uMose wakhuluma kubantwana bakwa -Israyeli njengakho konke uJehova amyale ngakho ukuba akukhulume kubo,

UGenesise 8:13

Kwathi ngomnyaka wamakhulu ayisithupha nanye ngenyanga yokuqala ngolokuqala lwenyanga amanzi abeseshile emh labeni; uNowa wasusa uphahla lomkhumbi, wabona, bheka, ubuso bomhlaba base bomile.

UGenesise 8:5

Amanzi ancipha njalonjalo, kwaze kwaba senyangeni yeshumi . Ngeyeshumi ngolokuqala lwenyanga iziqongo zezintaba zabonakala.

UHezekeli 29:17

Kwathi ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa ngenyanga yokuqala, ngolokuqala lwenyanga, lafika kimi izwi likaJehova, lathi:

UHezekeli 31:1

Kwathi ngomnyaka weshumi nanye ngenyanga yesithathu ngolokuqala lwenyanga lafika kimi izwi likaJehova, lathi:

UHezekeli 32:1

Kwathi ngomnyaka weshumi nambili , ngenyanga yeshumi nambili , ngolokuqala lwenyanga lafika kimi izwi likaJehova, lathi:

UHezekeli 45:18

Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngenyanga yokuqala , ngolokuqala lwenyanga, uyakuthatha inkunzi , iduna elingenasici, uhlambulule indlu engcwele.

ULevitikusi 23:24

Yisho kubantwana bakwa -Israyeli, uthi: Ngenyanga yesikhombisa ngolokuqala lwenyanga anoba nokuphumula okuzothileyo , isikhumbuzo ngokushaya amacilongo, umhlangano ongcwele.

UNumeri 1:1

UJehova wakhuluma kuMose ehlane laseSinayi etendeni lokuhlangana ngolokuqala lwenyanga yesibili ngomnyaka wesibili emva kokuphuma kwabo eGibithe, wathi:

UNumeri 1:18

Babutha inhlangano yonke ngolokuqala lwenyanga yesibili , basho okhokho babo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama , kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu , ngezinhloko zabo.

UNumeri 29:1

Ngenyanga yesikhombisa ngolokuqala lwenyanga niyakuba nomhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi; kulusuku lokubetha amacilongo kini.

UNumeri 33:38

U-Aroni umpristi wakhuphukela entabeni yaseHori ngesiyalezo sikaJehova, wafela khona ngomnyaka wamashumi amane emva kokuphuma kwabantwana bakwa -Israyeli ezweni laseGibithe, ngenyanga yesihlanu ngolokuqala lwenyanga.