Skip to Content

"ngolweshumi"

22 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 25:1

Kwathi ngomnyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwakhe , ngenyanga yeshumi ngolweshumi lwenyanga , uNebukadinesari inkosi yaseBabele wafika, yena nayo yonke impi yakhe , eJerusalema, wamisa malungana nalo; bakha inqaba ngakulo nxazonke.

2 iziKronike 30:15

Base belihlaba iphasika ngolweshumi nane lwenyanga yesibili ; abapristi namaLevi babe namahloni , bazingcwelisa, baletha iminikelo yokushiswa endlini kaJehova.

2 iziKronike 35:1

UJosiya wamenzela uJehova iphasika eJerusalema ; balihlaba iphasika ngolweshumi nane lwenyanga yokuqala.

U-Eksodusi 12:3

Khulumani kuyo inhlangano yonke yakwa-Israyeli, nithi: Ngolweshumi lwale nyanga yilowo nalowo makazithathele iwundlu ngokwezindlu zawoyise, kube yiwundlu ngendlu;

U-Esteri 3:13

Izincwadi zathunywa ngesandla sezigijimi ezifundeni zonke zenkosi ukuba kuchithwe, kubulawe, kubhujiswe abaJuda bonke, abasha nabadala, izingane nabesifazane, ngalusuku lunye , ngolweshumi nantathu lwenyanga yeshumi nambili eyinyanga ka-Adari, impahla yabo ibe yimpango.

U-Esteri 8:12

ngosuku oluthile ezifundeni zonke zenkosi u -Ahashiveroshi, ngolweshumi nantathu lwenyanga yeshumi nambili eyinyanga ka-Adari.

U-Esteri 9:18

Kepha abaJuda ababe seShushani babuthana ngolweshumi nantathu lwayo nangolweshumi nane lwayo ; ngolweshumi nanhlanu lwayo baphumula , balwenza lwaba lusuku lwedili nolokuthokoza.

U-Ezra 6:19

Abathunjwa bagcina iphasika ngolweshumi nane lwenyanga yokuqala.

U-Ezra 8:31

Sase sisuka emfuleni i -Ahava ngolweshumi nambili lwenyanga yokuqala ukuba siye eJerusa lema; isandla sikaNkulunkulu wethu sasiphezu kwethu , wasophula esandleni sesitha nakumqamekeli endleleni.

UHezekeli 20:1

Kwathi ngomnyaka wesikhombisa , ngenyanga yesihlanu , ngolweshumi lwenyanga kwafika amadoda athile amalunga akwa -Israyeli ukuba abuze kuJehova; ahlala phambi kwami.

UHezekeli 24:1

Izwi likaJehova lafika kimi ngomnyaka wesishiyagalolunye , ngenyanga yeshumi ngolweshumi lwenyanga, lathi:

UHezekeli 29:1

Ngomnyaka weshumi, ngenyanga yeshumi, ngolweshumi nambili lwenyanga lafika kimi izwi likaJehova, lathi:

UHezekeli 32:17

Kwathi ngomnyaka weshumi nambili , ngolweshumi nanhlanu lwenyanga , izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

UHezekeli 40:1

Ngomnyaka wamashumi amabili nanhlanu, wokuthunjwa kwethu ekuqaleni komnyaka, ngolweshumi lwenyanga , ngomnyaka weshumi nane , emva kokunqotshwa komuzi , ngalona lolo suku , isandla sikaJehova sasiphezu kwami, wangiyisa khona.

UJeremiya 52:12

Ngenyanga yesihlanu , ngolweshumi lwenyanga okwakungumnyaka weshumi nesishiyag alolunye wenkosi uNebukadinesari , inkosi yaseBabele , kwafika uNebuzaradani induna yabalindi , inceku yenkosi yaseBabele , eJerusalema.

UJeremiya 52:4

Kwathi ngomnyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwakhe ngenyanga yeshumi, ngolweshumi lwenyanga , kwafika uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, yena nayo yonke impi yakhe , eJerusalema, wamisa malungana nalo, bakha inqaba ngakulo nxazonke.

UJoshuwa 4:19

Abantu benyuka eJordani ngolweshumi lwenyanga yokuqala , bamisa eGiligali emkhawulweni wangasempumalanga kwaseJeriko.

ULevitikusi 16:29

Lokhu kuyakuba yisimiso esiphakade kini : ngenyanga yesikhombisa ngolweshumi lwenyanga niyakuthobisa imiphefumulo yenu , ningasebenzi msebenzi, owokuzalwa ekhaya nomfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu.

ULevitikusi 23:27

Kepha ngolweshumi lwaleyo nyanga yesikhombisa kulusuku lokubuyisana; anoba nomhlangano ongcwele, nithobise imiphefumulo yenu , ninikele ngomnikelo womlilo kuJehova.

ULevitikusi 23:5

Ngenyanga yo kuqala ngolweshumi nane lwenyanga kusihlwa kuyiphasika likaJehova.

ULevitikusi 25:9

Uyakuthuma izwi lecilongo elizwakala kakhulu ngolweshumi lwenyanga yesikhombisa; ngosuku lokubuyisana niyakuthuma izwi lecilongo ezweni lonke lakini.

UNumeri 29:7

Ngolweshumi lwaleyo nyanga yesikhombisa niyakuba nomhlangano ongcwele, nithobise imiphefumulo yenu; ningasebenzi msebenzi,