Skip to Content

"ngombuso"

6 occurrences in ZUL

2 iziKronike 29:21

Baletha izinkunzi eziyisikhombisa , nezinqama eziyisikhombisa , namawundlu ayisikhombisa, nezimpongo eziyisikhombisa, kube ngumnikelo wokona ngombuso nangendlu engcwele nangoJuda . Wayaleza abapristi , amadodana ka-Aroni, ukuba banikele ngakho e-altare likaJehova.

IzEnzo 19:8

Wayesengena esinagogeni , wakhuluma ngesibindi izinyanga zaba ntathu , eshumayela ebafundisa ngombuso kaNkulunkulu.

IzEnzo 28:23

Khona sebemmisele usuku beza kuye endlini yakhe bebaningi , wabachasisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu , wabaqondisa ngoJesu ethathela emthethweni kaMose nakubaprofethi , kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.

IzEnzo 8:12

Kepha bathi ukuba bakholwe nguFiliphu eshumayela ivangeli ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu Kristu , babhapathizwa abesilisa nabesifazane.

NgokukaLuka 13:17

Wathi ukuba asho lokho , bajabha bonke ababemelene naye ; isixuku sonke sathokoza ngemisebenzi yonke yenkazimulo eyenziwe nguye. Imifanekiso ngombuso kaNkulunkulu (Math. 13:31; Mark. 4:30)

NgokukaLuka 9:11

Kepha izixuku sezazi zamlandela ; wazithakazela, wakhuluma kuzo ngombuso kaNkulunkulu, wabaphulukisa abaswela ukuphulukiswa. UJesu usuthisa amadoda ayizinkulungwane eziyisihlanu (Math. 14:13; Mark. 6:30; Joh. 6:1)