Skip to Content

"ngomnikelo"

75 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 18:29

Kwathi lapho isidlulil e imini , baprofetha kwaze kwanikelwa ngomnikelo wempuphu, kepha akubangakho zwi, nophendulayo, nonakekelayo.

1 AmaKhosi 18:36

Kwathi ngesikhathi sokunikela ngomnikelo wempuphu u -Eliya umprofethi wasondela, wathi: Jehova Nkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka noka-Israyeli, makwazeke namuhla ukuthi wena unguNkulu nkulu kwa -Israyeli, nokuthi mina ngiyinceku yakho, nokuthi ngenzile konke lokhu ngezwi lakho.

1 AmaKhosi 8:64

Ngalona lolo suku inkosi yangcwelisa ingaphakathi legceke elalinga phambi kwendlu kaJehova , ngokuba wanikela lapho ngomnikelo wokushiswa , nangomnikelo wempuphu, nangamanoni eminikelo yokuthula, lokhu i-altare lethusi elaliphambi kukaJehova lalilincane ukuba liwamukele umnikelo wokushiswa, nomnikelo wempuphu, namanoni eminikelo yokuthula.

1 iziKronike 16:2

UDavide e seqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula wababusisa abantu egameni likaJehova.

1 iziKronike 21:24

Inkosi uDavide yathi ku -Orinani: Qha, ngiyakukuthenga nokukuthenga ngemali epheleleyo , ngokuba angizukumthathela uJehova okungokwakho , nginikele ngomnikelo wokushiswa ngengikuthole ngeze.

1 uSamuweli 13:10

Kwathi eseqedile ukunikela ngomnikelo wokush iswa, bheka, uSamuweli wafika; uSawule waphuma ukumhlangabeza ukuba ambingelele.

1 uSamuweli 13:12

ngathi: M anje amaFilisti ayakwehlela kimi eGiligali ngingakhulekanga ; ngase ngiziphoqa, nganikela ngomnikelo wokushiswa.

1 uSamuweli 13:9

USawule wayesethi : Lethani kimi umnikelo wokushiswa neminikelo yokuthula. Wanikela ngomnikelo wokushiswa.

1 uSamuweli 7:10

USamuweli esanikela ngomnikelo wokushiswa, amaFilisti asondela ukulwa no-Israyeli; kepha uJehova waduma ngokuduma okukhulu phezu kwamaFilisti ngalolo suku, wawangquzula, abulawa phambi kuka-Israyeli.

2 AmaKhosi 3:20

Kwathi ekuseni ngesikhathi sokunikela ngomnikelo wempuphu , bheka, kwafika amanzi ngasendleleni yakwa-Edomi, izwe lagcwala amanzi.

2 AmaKhosi 5:17

Wayesethi uNahamani: Uma kunjalo , inceku yakho mayinikwe umthwalo weminyuzi emibili womhlabathi , ngokuba inceku yakho ayisayikunikela ngomnikelo wokushiswa nomhlatshelo kwabanye onkulunkulu , kuJehova kuphela.

2 iziKronike 29:27

UHezekiya wayala ukunikela ngomnikelo wokushiswa e-altare. Ngesikhathi sokuqala kom nikelo wokushiswa kwaqala nesihlabelelo sikaJehova , namacilongo, kanye nezinto zokubethwa zikaDavide inkosi yakwa-Israyeli.

2 uSamuweli 6:18

UDavide eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula wabusisa abantu egameni likaJehova Sebawoti.

AbAhluleli 6:26

umakhele uJehova uNkulunkulu wakho i -altare esiqongweni sal e nqaba ngokuhlelekileyo, uyithathe inkunzi yesibili, unikele ngomnikelo wokushiswa ngezinkuni zika-Ashera ozakumgawula.

AmaHubo 50:23

Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa ; oqaphela indlel a yakh e ngiyakumbonisa insindiso kaNkulunkulu.

KumaHeberu 10:14

Ngokuba ngomnikelo munye uphelelise njalonjalo labo abangcwelisiweyo.

U-Eksodusi 30:14

Yilowo nalowo odlulela kwababaliweyo , abaneminyaka engamashumi amabili nangaphezulu, uyakunikela ngomnikelo kuJehova.

U-Eksodusi 30:15

Ocebileyo akayikunika kakhulu , ompofu angatheli kancane kunenxenye yeshekeli, lapho benikela ngomnikelo kuJehova ukuba kwenzelwe ukubuyisana kwemiphefumulo yenu.

U-Eksodusi 35:22

Beza abesilisa nabesifazane, bonke abaqhutshwa yizinhliziyo zabo , baletha iziqhobosho namacici nezindandatho namasongo, izinto zonke zegolide , bonke ababenokunikela ngomnikelo wegolide kuJehova.

U-Eksodusi 35:24

Bonke abanikela ngomnikelo wesiliva nowethusi baletha umnikelo kuJehova, nabo bonke okwafunyanwa kubo umuthi womtholo womsebenzi wenkonzo bawuletha.

U-Eksodusi 40:29

Wabeka i -altare lomnikelo woku shiswa ngasemnyango wetabernakele letende lokuhlangana, wanikela kulo ngomnikelo wokushiswa nangomnikelo wempuphu, njengalokho uJehova emyalile uMose.

U-Isaya 40:20

Ompofu kunokuba anikele ngomnikelo onjal o uyakhetha umuthi ongaboliyo, azifunele isisebenzi esihlakaniphiley o ukuba simise isithombe esibaziweyo esingenakuzanyazanyiswa.

U-Isaya 66:3

Ohlaba inkunzi ebulala nomuntu, nohlaba iwundlu eyaphula nentamo yenja, nonikela ngomnikelo wempuphu , kepha enikela nangegazi lezingulube , noshisa inhlaka , ebonga nesithombe , yebo, laba bakhethile izindlela zabo , nemiphefumulo yabo iyathokoza ngezinengiso zabo.

UDaniyeli 2:46

Inkosi uNebukadinesari yayisiwa ngobuso, yakhuleka kuDaniyeli, yayaleza ukuba banikele ngomnikelo nangempepho kuye.

UHezekeli 44:27

Ngosuku angena ngalo endlini engcwele egcekeni elingaphakathi ukuyokhonza endlini engcwele, uyakunikela ngomnikelo wakhe wesono, isho iNkosi uJehova.

UHezekeli 45:1

Kuyakuthi ekwahlukanisweni kwezwe ngenkatho libe ngamafa, ninikele kuJehova ngomnikelo , okungcwele kwezwe , ubude bube ngubude bezinhlanga eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu, ububanzi bube yizinkulungwane eziyishumi , kube ngcwele emikhawulweni yonke nxazonke.

UHezekeli 48:20

Wonke umnikelo uyakuba yizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu , ninikele ngomnikelo ongcwele, unezinhlangothi ezine kanye nefa lomuzi.

UJeremiya 14:12

Noma bezila ukudla, angiyikuzwa ukumemeza kw abo; noma benikela ngomnikelo wokushiswa nangowempuphu , angiyikuthokoza ngabo , kepha ngiyakubaqeda ngenkemba, nangendlala, nangesifo.

ULevitikusi 10:19

U-Aroni wathi kuMose : Bheka-ke, namuhla banikele ngomnikelo wabo wesono nangomnikelo wabo wokushiswa phambi kukaJehova ; nokho ngehlelwe yilokhu mina ; uma bengidlile umnikelo wesono namuhla , bekuzakwamukeleka emehlweni kaJehova na?

ULevitikusi 14:19

Umpristi wonikela ngomnikelo wesono , amenzele oyakuhlanjululwa ukubuyisana n genxa yokungcola kwakhe , andukuba ahlabe umnikelo wokushiswa,

ULevitikusi 14:20

umpristi anikele ngomnikelo wokushiswa nangomnikelo wempuphu e - altare, umpristi amenzele ukubuyisana, ahlambuluke.

ULevitikusi 16:24

Uyakugeza umzimba wakhe ngamanzi enda weni engcwele , agqoke izambatho zakhe , aphume, anikele ngomnikelo wakhe wokushiswa nangomnikelo wokushiswa wabantu, azenzele yena nabantu ukubuyisana.

ULevitikusi 17:8

Wothi kubo : Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa -Israyeli noma owabafokazi abagogobeleyo phakathi kwabo onikela ngomnikelo wokushiswa noma ngomhlatshelo,

ULevitikusi 1:14

Uma umnikelo wakhe kuJehova ungumnikelo wokushiswa kwezinyoni , wonikela ngomnikelo wamahobhe noma ngowamaphuphu amajuba.

ULevitikusi 1:2

Yisho kubantwana bakwa -Israyeli, uthi ku bo: Nxa umuntu wakini eletha umnikelo kuJehova , anonikela ngomnikelo wenu wezinkomo zemihlambi nowezimvu.

ULevitikusi 22:18

Yisho ku -Aroni, nakumadodana akhe , nakubo bonke abantwana bakwa - Israyeli, uthi kubo: Yilowo nalowo wendlu ka -Israyeli noma umfokazi kwa - Israyeli onikela ngomnikelo wakhe , noma owesithembiso sakhe noma oweminikelo yakhe yesihle , okunikelwa ngayo kuJehova ibe ngumnikelo wokushiswa,

ULevitikusi 23:16

kuze kufike olwangakusasa emva kwesabatha lesikhombisa anobala izinsuku ezingamashumi ayisihlanu, ninikele ngomnikelo omusha wempuphu kuJehova.

ULevitikusi 23:25

Ningasebenzi msebenzi, ninikele ngomnikelo womlilo kuJehova.

ULevitikusi 23:27

Kepha ngolweshumi lwaleyo nyanga yesikhombisa kulusuku lokubuyisana; anoba nomhlangano ongcwele, nithobise imiphefumulo yenu , ninikele ngomnikelo womlilo kuJehova.

ULevitikusi 23:36

Izinsuku eziyisikhombisa niyakunikela ngomnikelo womlilo kuJehova ; ngosuku lwesishiyagalombili nibe nomhlangano ozothileyo , ninikele ngomnikelo womlilo kuJehova ; kungumhlangano wokugcina ; ningasebenzi msebenzi.

ULevitikusi 23:37

Le iyimikhosi emisiweyo kaJehova eniyakuyimemezela ibe yimihlangano engcwele ukunikela ngomnikelo womlilo kuJehova , umnikelo wokushiswa nomnikelo wempuphu , umhlatshelo neminikelo yokuphu zwa, kube yilowo nalowo ngosuku lwawo,

ULevitikusi 23:8

Kepha niyakunikela ngomnikelo womlilo kuJehova izinsuku eziyisikhombisa. Ngosuku lwesikhombisa kungumhlangano ongcwele ; ningasebenzi msebenzi.

ULevitikusi 2:1

Nxa umuntu enikela ngomnikelo wempuphu kuJehova , umnikelo woba yimpuphu ecolekileyo, athele amafutha kuwo, abeke inhlaka kuwo,

ULevitikusi 2:14

Uma unikela ngomnikelo wempuphu wolibo kuJehova , wonikela ngezikhwebu zamabele ezosiwe ngomlilo , amabele agquliweyo ezikhwebu ezintsha, ube ngumnikelo wempuphu wolibo lwakho,

ULevitikusi 3:14

Abesethabatha kuyo, anikele ngomnikelo wakhe ube ngumnikelo womlilo kuJehova, amanoni asibekela izibilini nawo onke amanoni aphezu kwezibilini,

ULevitikusi 3:3

Wothabatha kuwo umhlatshelo weminikelo yokuthula , anikele ngomnikelo womlilo kuJehova, umhlehlo osibekela izibilini nawo onke amanoni aphezu kwezibilini,

ULevitikusi 3:9

Wothabatha kuwo umhlatshelo weminikelo yokuthula , anikele ngomnikelo womlilo kuJehova amanoni awo , nomsila wonke ononileyo , awunqume eduze nomhlandla, namanoni asibekela izibilini, nawo onke amanoni aphezu kwezibilini,

ULevitikusi 6:21

Uyakwenziwa emqengeleni ngamafutha ; usuxutshanisiwe wowungenisa , unikele ngomnikelo wempuphu , ube yizingcezu ezihl eshuliweyo, zibe yiphunga elimnandi kuJehova.

ULevitikusi 7:8

Umpristi onikela ngomnikelo wokushiswa womuntu , isikhumba somnikelo wokushiswa anikele ngawo siyakuba ngesompristi.

ULevitikusi 9:22

U-Aroni waphakamisela izandla zakhe kubantu , wababusisa; wayesehla ekunikeleni ngomnikelo wesono nangomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula.

ULevitikusi 9:7

UMose wathi ku-Aroni: Sondela e-altare, unikele ngomnikelo wakho wesono nangomnikelo wakho wokushiswa , uzenzele wena nabantu ukubuyisana, andukuba unikele ngomnikelo wabantu , ubenzele ukubuyisana, njengalokho uJehova eyalile.

UNehemiya 10:34

Senza inkatho thina bapristi namaLevi nabantu ngomnikelo wezinkuni ukuba zingeniswe endlini kaNkulunku lu wethu njengezindlu zawobaba ngezikhathi ezinqunyiweyo, iminyaka ngeminyaka, zibaswe phezu kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wethu njengokulotshiweyo emthethweni,

UNumeri 15:13

Bonke abokuzalwa ekhaya bayakwenza lezo zinto ngaleyo ndlela, benikela ngomnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova.

UNumeri 15:14

Uma umfokazi egogobele kuwe , noma ubani ophakathi kwenu ezizukulwaneni zenu eyakunikela ngomnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova, uyakwenza njengalokhu nenza nina.

UNumeri 15:19

kuyakuthi, lapho nidla isinkwa sezwe , ninikele ngomnikelo wokuphakanyiswa kuJehova.

UNumeri 15:4

khona-ke onikela ngomnikelo wakhe woletha kuJehova umnikelo wempuphu wokweshumi kwempuphu ecolekileyo exovwe nokwesine kwehini lamafutha;

UNumeri 15:9

uyakunikela ngomnikelo wempuphu wokweshumi ok uthathu kwempuphu ecolekileyo exovwe nenxenye yehini lamafutha kanye neduna.

UNumeri 18:26

Futhi uyakukhuluma kumaLevi , uthi kuwo : Nxa nithabatha kwabakwa - Israyeli okweshumi engininike khona kuvela kubo, kube yifa lenu , niyakunikela ngomnikelo wokuphakanyiswa kuJehova , okweshumi kokweshumi.

UNumeri 18:28

Kanjalo nani niyakunikela ngomnikelo wokuphakanyiswa kuJehova ngakho konke okweshumi kwenu enikwamukelayo kubantwana bakwa -Israyeli; niyakunikela ku-Aroni umpristi ngomnikelo wokuphakanyiswa kaJehova.

UNumeri 28:11

Ekwethwaseni kwenyanga niyakunikela ngomnikelo wokushiswa kuJehova: amaduna amabili, nenqama ibe nye , nezimvu zamaduna eziyisikhombisa ezinomnyaka munye ezingenasici,

UNumeri 28:19

kepha ninikele ngomnikelo womlilo , umnikelo wokushiswa kuJehova , amaduna amabili , nenqama ibe nye , nezimvu zamaduna eziyisikhombisa ezinomnyaka munye, zibe ngezingenasici kini,

UNumeri 28:26

Ngosuku lolibo, lapho ninikela ngomnikelo omusha wempuphu kuJehova emkhosini wenu wamasonto, niyakuba nomhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi,

UNumeri 28:27

kepha ninikele ngomnikelo wokushi swa wephunga elimnandi : amaduna amabili, nenqama ibe nye, nezimvu zamaduna eziyisikhombisa ezinomnyaka munye,

UNumeri 29:13

ninikele ngomnikelo wokushiswa , umnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova: amaduna ayishumi nantathu , nezinqama ezimbili , nezimvu zamaduna eziyishumi nane ezinomnyaka munye, zibe ngezingenasici,

UNumeri 29:2

Niyakunikela ngomnikelo wokushiswa ube yiphunga elimnandi kuJehova : iduna, nenqama, nezimvu zamaduna eziyisikhombisa ezinomnyaka munye ezingenasici,

UNumeri 29:36

kepha ninikele ngomnikelo wokushiswa , umnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova: inkunzi ibe nye , nenqama ibe nye , nezimvu zamaduna eziyisikhombisa ezinomnyaka munye ezingenasici,

UNumeri 29:8

kepha ninikele ngomnikelo wokushiswa kuJehova ube yiphunga elimnandi : iduna, nenqama, nezimvu zamaduna ez iyisikhombisa ezinomnyaka m unye, zibe ngezingenasici kini,

UNumeri 6:14

anikele ngomnikelo wakhe k uJehova, imvu yeduna enomnyaka munye engenasici ibe ngumnikelo wokushiswa , neyensikazi enomnyaka munye engenasici ibe ngumnikelo wesono , nenqama engenasici ibe ngumnikelo wokuthula,

UNumeri 6:16

Umpristi uyakukuletha phambi kukaJehova , anikele ngomnikelo wakhe wesono nangowokushiswa wakhe.

UNumeri 6:17

Uyakunikela ngenqama ibe ngumhlatshelo womnikelo w okuthula kaJehova kanye neqoma lesinkwa esingenamvubelo; futhi umpristi anikele ngomnikelo wayo wempuphu nangomnikelo wayo wokuphuzwa.

UNumeri 7:10

Izikhulu zanikelela ukwahlukaniselwa kwe -altare ngosuku lokugcotshwa kwalo, izikhulu zanikela ngomnikelo wazo phambi kwe-altare.

UNumeri 7:11

UJehova wathi kuMose: Izikhulu ziyakunikela ngomnikelo wazo , yileso naleso ngosuku lwaso, ube ngowahlukaniselwa kwe-altare.

UNumeri 7:12

Owanikela ngomnikelo wakhe ngosuku lokuqala nguNaheshoni indodana ka-Aminadaba, owesizwe sakwaJuda.

UNumeri 9:13

Kepha umuntu ohlambulukileyo , engekho ekuhambeni , oyeka ukulenza iphasika, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo , ngokuba akanikelanga ngomnikelo kaJehova ngesikhathi esinqunyiweyo ; lowo muntu uyakuthwala ububi bakhe.

UNumeri 9:7

Lawo madoda at hi kuye : Singcolisiwe yisidumbu somuntu ; sivinjelelwani ukunikela ngomnikelo kaJehova ngesikhathi sawo esinqunyiweyo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli na?