"ngomoya"
79 occurrences in ZUL
abambulelwe ukuba bangazikhonzi bona kepha nina ngalezo zinto enishunyayezwa zona manje ngabanishumayeza ivangeli ngoMoya oNgcwele othunywe evela ezulwini, izinto ezizifisayo izingelosi ukuzibona. UPetru ukhuthaza abakholwayo ukuba bahambe ngobungcwele
Ngakho ngiyanazisa ukuthi : Akukho muntu okhuluma ngoMoya kaNkulunkulu ongathi: Kathukwe uJesu; futhi akukho muntu ongathi : UJesu uyiNkosi, kuphela ngaye uMoya oNgcwele.
Ngokuba omunye uphiwa ngoMoya izwi lokuhlakanipha , kepha omunye izwi lokwazi ngaye lowo Moya,
Kunjani pho? Ngizakukhuleka ngomoya, ngikhuleke nangengqondo futhi; ngizakuhuba ngomoya, ngihube nangengqondo futhi.
Uma kungenjalo , nxa ubonga ngomoya , lowo osesikhundleni sabangafundile angasho kanjani ukuthi Amen ekubongeni kwakho na , lokhu engakwazi okushoyo?
Ngokuba okhuluma ngezilimi ka khulumi kubantu , kepha ukhuluma kuNkulunkulu; ngokuba kakho ozwayo, ukhuluma izimfihlakalo ngomoya.
Ngokuba kithina uNkulunkulu ukwambulile ngoMoya ; ngokuba uMoya uhlolisisa konke, yebo, nokujulileyo kukaNkulunkulu.
Ngokuba mina ngokwami , noma ngingekho ngomzimba , nokho ngikhona ngomoya, senginqumile ngokungathi ngikhona ngalowo muntu owe nze okunjalo ukuba
okuhle okubekiwe kuwe ukulonde ngoMoya oNgcwele ohlala kithi.
ibalaya ngomoya omnene abamelene nayo , kumbe uNkulunkulu angabanika ukuphenduka, baze balazisise iqiniso,
nibonakala ukuthi niyincwadi kaKristu eyenziwe ngokukhonza kwethu , ilotshiwe kungengoyinki kodwa ngoMoya kaNkulunkulu ophilayo , kungabi sezibhebheni zamatshe kodwa ezibhebheni eziyizinhliziyo zenyama.
ukuba ningasheshi ninyak aziswe engqondweni yenu , ningethuswa noma ngomoya, noma ngezwi, noma ngencwadi ngokungathi ivela kithi , sengathi usuku lukaKristu selufikile.
Lapho-ke uzakwambulwa lowo ongenamthetho , eyakumqeda iNkosi uJesu Kristu ngomoya womlomo wayo, imchithe ngokubonakala kokufika kwayo,
Ngezwi likaJehova izulu lenziwa , namabandla onke ngomoya womlomo wakhe.
Ngomoya wasempumalanga waphula imikhumbi yaseTharishishi.
Buyisela kimi ukuthokoza kwensindiso yakho , ungiphase ngomoya ovumayo.
Ngakho lahlani yonke insila nokubi okuvamileyo , namukele ngomoya omnene izwi elitshaliweyo elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu.
Kepha nina bathandekayo , yakhelanani ekukholweni kwenu okungcw ele kakhulu, nikhuleke ngoMoya oNgcwele,
lokuthi: UNkulunkulu wamgcoba uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamandla, owahamba enza umusa , ephulukisa bonke ababesemandleni kaSathane, ngokuba uNkulunkulu wayenaye.
Ngalikhumbula-ke izwi leNkosi, njengalokho yathi: UJohane wabhapathiza ngamanzi, kodwa nina nizakubhapathizwa ngoMoya oNgcwele.
Kwasukuma omunye kubo ogama lakhe lingu -Agabu, wakhomba ngoMoya ukuthi kuzakuba khona indlala enzima ezweni lonke ; yaba khona emihleni kaKlawudiyu.
Kepha nabathile abayizanusi kubaJuda , abayizinzulane, balokotha ukuphatha igama leNkosi uJesu phezu kwabakhwelwe ngomoya ababi, bathi: Ngiyanifungisa uJesu amshumayelayo uPawulu.
kwaze kwaba lusuku akhushulwa ngalo , esebayalile ngoMoya oN gcwele abaphostoli ayebakhethile;
Ngokuba uJohane wayebhapathiza ngamanzi , kepha nina nizakubhapathizwa ngoMoya oNgcwele kungakadluli izinsuku eziningi.
Safumana abafundi , sahlala khona izinsuku eziyisikhombisa ; bona bathi ngoMoya kuPawulu, angalubeki unyawo eJerusalema.
owasho ngoMoya oNgcwele ngomlomo kababa uDavide inceku yakho ukuthi: Kungani ukuba abezizwe baxokozele, nabantu bacebe okuyize, na?
Khona wahamba u -Ananiya, wangena endlini , wabeka izandla phezu kwakhe, wathi: Sawulu umzalwane , iNkosi uJesu eyabonakala kuwe endleleni oze ngayo , ingithumile ukuba ubuye ubone , ugcwaliswe ngoMoya oNgcwele.
wasisindisa kungengamisebenzi yokulunga esayenzayo thina kepha ngokwesihawu sakhe ngesige zo sokuphindukuzalwa nokwenziwa sibe basha ngoMoya oNgcwele,
kakhulu kangakanani igazi likaKristu o wazinikela kuNkulunkulu ngoMoya ophakade engenacala lizakuhlanza unembeza wethu emisebenzi ni efileyo , ukuze sikhonze uNkulunkulu ophilayo. UKristu ungumlamuleli wesivumelwano esisha ngegazi lakhe
Ngokuba ngaye sinokungena sobabili ngoMoya munye kuYise.
okukuyo nani, nakhiwe kanye nabanye , ukuba nibe yindlu kaNkulunkulu ngoMoya.
ukuba ngokwengcebo yenkazimulo yakhe aninike ukuqiniseka emandleni ngoMoya wakhe kumuntu ongaphakathi;
bengayaziswanga abantwana babantu ezizukulwaneni ezinye , njengalokhu isiyambuliwe manje kubaphostoli bakhe abangcwele nabaprofethi ngoMoya
Ningadakwa yiwayini , kuvela kulo umhumheko, kodwa nigcwaliswe ngoMoya,
ngokukhuleka konke nokunxusa , nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya ; kulokho nilinde ngesineke sonke nangokunxusela abangcwele bonke,
Ngokuba singukusoka thina e sikhonza ngoMoya kaNkulunkulu , sizibonga kuKristu Jesu, singethembi enyameni,
Kepha ngithi: Hambani ngoMoya, khona aniyikufeza izinkanuko zenyama.
Uma siphila ngoMoya, masihambe futhi ngoMoya.
Bazalwane, uma umuntu ehlelwa yisiphambeko , nina bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene; uzibheke wena, funa uyengwe nawe.
okunguyena futhi wasitshela ngothando lwenu ngoMoya. UPawulu ubakhulekela kuJesu
Ngokuba noma ngingekho ngomzimba , nokho ngikhona kini ngomoya ngithokoza, ngibona inhlelo yenu nokuqina kokukholwa kwenu kuKristu.
wokuba ngibe yisikhonzi sikaKristu Jesu kwabezizwe , ngikhonze ivangeli likaNkulunkulu njengompristi , ukuze abezizwe babe ngumnikelo owamukeleka kahle, ungcwelisiwe ngoMoya oNgcwele.
ukuze nganhliziyonye nidumise ngamlomo munye uNkulunku lu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu. Bonke mabaphathane ngomoya kaKristu
kodwa umJuda yilowo onguye ngaphakathi , nokusoka kungokwenhliziyo, ngomoya kungengegama , okutuswa kwakhe kungaveli kubantu kepha kuNkulunkulu.
ithemba alijabhisi, ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimuphiweyo.
Ngokuba uma nihamba ngokwenyama, nizakufa; kepha uma nibulala imisebenzi yomzimba ngoMoya, nizakuphila.
Nami bengingamazi, kodwa owangithuma ukubhapathiza ngamanzi wathi kimi: Lowo oyakubona uMoya ehla ahlale phezu kwakhe , nguyena obhapathiza ngoMoya oNgcwele.
Kodwa isikhathi siyeza , sesikhona namanje , lapho abakhulekayo abaqinisileyo beyakukhuleka kuBaba ngomoya nangeqiniso ; ngokuba uBaba ufuna abakhuleka kuye abanjalo.
UNkulunkulu unguMoya; abakhuleka kuye bafanele ukukhuleka ngomoya nangeqiniso.
Washo lokho ngoMoya abazakuma mukela abakholwa nguye , ngokuba uMoya wayengakafiki, lokhu uJesu wayengakakhazimuliswa.
Ngasona leso sikhathi wathokoza ngoMoya oNgcwele , wathi: Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba , ngokuba ukufihlile lokho kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda, wakwambulela izingane; yebo, Baba, ngokuba kwaba kuhle phambi kwakho ukuba kube njalo.
Kwakubonakalisiwe kuye ngoMoya oNgcwele ukuthi akayikubona ukufa engakamboni uKristu weNkosi.
Wafika ngoMoya ethempelini. Kwathi ukuba abazali balethe umntwana uJesu ethempelini ukuba benze kuye njengesiko lomthetho,
uJohane waphendula , wathi kubo bonke : Mina kambe nginibhapathiza ngamanzi, kepha uyeza onamandla kunami engingafanele ukuthukulula umchilo wezicathulo zakhe ; yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele nangomlilo;
UJesu egcwele uMoya oNgcwele wabuya eJordani , waholekela ngoMoya ehlane,
UDavide uqobo lwakhe washo ngoMoya oNgcwele ukuthi : INkosi yathi eNkosini yami : Hlala ngakwesokunene sami , ngize ngibeke izitha zakho phansi kwezinyawo zakho.
Mina nginibhapathize ngamanzi , kepha yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele. Ukubhapathizwa kukaJesu. Ulingwa nguSathane (Math. 3:13; Luk. 3:21; Math. 4:1; Luk. 4:1)
Kepha uma mina ngikhipha amademoni ngoMoya kaNkulunkulu , umbuso kaNkulunkulu usufikile phela kini.
Ukuzalwa kukaJesu Kristu kwaba nje : unina uMariya esemiselwe uJosefa , bengakahlangani wafunyanwa ekhulelwe ngoMoya oNgcwele.
Wathi kubo: Pho, uDavide ngoMoya wambiza kanjani ngokuthi iNkosi, ethi:
Mina nginibhapathiza ngamanzi , kube ngukuphenduka ; kepha yena oza emva kwami unamandla kunami engingafanele ukuthwala izicathulo zakhe ; yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele nangomlilo,
UMose wayeselula isandla sakhe phezu kolwandle ; uJehova wamukisa amanzi ngomoya onamandla wasempumalanga ubusuku bonke , waphendula ulwandle lwaba ngumhlabathi owomileyo, amanzi ahlukana.
Waphephetha ngomoya wakho , ulwandle lwabasibekela ; baminzisa okomthofu emanzini anamandla.
Wokhuluma kubo bonke abahlakaniphile ngenhliziyo en gibagcwalisile ngomoya wokuhlakanipha ukuba bazenze izambatho zika -Aroni zokumngcwelisa, ukuze angikhonze esikhundleni sobupristi.
umgcwalisile ngoMoya kaNkulunkulu , ngokuhlakanipha nangokuqonda nangokwazi nangamandla emisebenzini yonke
Ngomphefumulo wami ngikulangazelela ebusuku , yebo, ngomoya wami ophakathi kwami ngiyakufunisisa , ngokuba lapho izahlulelo zakho zisemhlabeni, abakhileyo bezwe bafunda ukulunga.
Ngokubamukisa nangokubaxo sha uyabajezisa ; wabasusa ngomoya wakhe olukhuni ngosuku lomoya wasempumalanga.
lapho iNkosi igezile insila yamadodakazi aseJerusalema, nalapho isihlanzile igazi laseJerusalema phakathi kwalo ngomoya wokwahlulela nangomoya wokushisa.
Kwatshelwa indlu kaDavide ukuthi : I-Aramu limise kwa -Efrayimi. Yayisiqhaqhazela inhliziyo yakhe nenhliziyo yabantu bakhe njengemithi yasehlathini ithuthumela ngomoya.
UMoya wayesengiphakamisa, wangiyisa ngombono ngoMoya kaNkulunkulu eKalideya kubathunjwa. Wase wenyuka kimi umbono engiwubonileyo.
Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngiyakuludabula ngomoya wesivunguvungu ngokufutheka kwami , kube yimvula ekh ukhulayo ngentukuthelo yami, namatshe esichotho ngokufutheka ukuba aluqede.
Isandla sikaJehova sasiphezu kwami , sangikhipha ngoMoya kaJehova , sangibeka phakathi kwesigodi; sasigcwele amathambo.
Ngalokho ngiyakubasakaza njengamabibi adlula ngomoya wasehlane.
Ohlakaniphileyo uyakuphendula ngokwazi okungumoya nje, agcwalise isisu ngomoya wasempumalanga, na?
Babhubha ngokuphephetha kukaNkulunkulu; ngomoya wentukuthelo yakhe bayaphela.
Kepha mina ngigcwele amandla ngoMoya kaJehov a ngokulunga nangobuqhawe ukuba ngimtshele uJakobe iziphambeko zakhe , u-Israyeli izono zakhe.
Nokho iminyaka eminingi wababekezelela , wabaxwayisa ngoMoya wakho ngesandla sabaprofethi bakho, kepha abezwanga; wawusubanikela esandleni sabantu bezizwe.
Yayisithatha isho kimi , ithi: Lokhu kuyizwi likaJehova kaZerubabele lokuthi: Kungabi ngempi , kungabi ngamandla , kepha kube ngomoya wami kuphela, usho uJehova Sebawoti.
Benza izi nhliziyo zabo zaba yidayimani , funa bezwe umthetho namazwi ayewathume uJehova Sebawoti ngoMoya wakhe ngesandla sabaprofethi bokuqala; ngalokho kwavela intukuthelo enkulu ivela kuJehova Sebawoti.