Skip to Content

"ngosizi"

10 occurrences in ZUL

2 kwabaseKorinte 1:8

Ngokuba asithandi, bazalwane, ukuba ningazi ngosizi lwethu olwasehlela e- Asiya ukuthi sasindwa kakhulu impela ngaphezu kwamandla ethu , saze salahlekelwa nayithemba lokuphila.

2 kwabaseKorinte 2:4

Ngokuba ngosizi olukhulu nangobuhlungu be nhliziyo nganilobela nginezinyembezi eziningi, kungabi ngukuba nidabukiswe, kodwa ukuze nazi uthando enginithanda kakhulu ngalo.

AmaHubo 107:26

Bakhuphukela ezulwini , babuye behlela kuzo izintwa ; umphefumulo wancibilika ngosizi.

AmaHubo 119:28

Umphefumulo wami uyakhala ngosizi; ngivuse ngokwezwi lakho.

AmaHubo 88:9

Iso lami liyafa ngosizi ; ngikhala kuwe Jehova imihla yonke , ngizelulela izandla zami kuwe.

IzAga 15:13

Inhliziyo ethokozayo yenza ubuso bube buhle , kepha ngosizi lwenhliziyo uyachotshozwa umoya.

UGenesise 42:38

Wathi: Indodana yami ayiyikwehla nani , ngokuba umfowabo ufile , kusele yona yodwa; uma yehlelwa yingozi endleleni eniyihambayo , niyakwehlisela endaweni yabafileyo izimvi zami ngosizi.

UGenesise 44:29

Nanxa nithatha nalena , niyisuse kimi , yehlelwa yingozi , niyakwehlisela izimvi zami endaweni yabafileyo ngosizi.

UGenesise 44:31

kuzakuthi lapho ebona ukuthi umfana akakho , afe, izinceku zakho zibe zehlisela endaweni yabafileyo izimvi zenceku yakho ubaba ngosizi.

UJobe 17:7

Iso lami lifiphele ngosizi; onke amalungu ami anjengethunzi.