Skip to Content

"ngufakazi"

18 occurrences in ZUL

2 kwabaseKorinte 1:23

Kepha mina ngibiza uNkulunkulu abe ngufakazi emphefumulweni wami ukuthi ngenziwa ukuniphephisa ukuba ngingaphindanga ngize eKorinte,

AbAhluleli 11:10

Amalunga akwaGileyadi athi kuJefta : UJehova makabe ngufakazi wethu ; impela siyakwenza njengezwi lakho.

EkaJakobe 5:3

igolide lenu nesiliva kugwalile , nokugwala kwakho kuyakuba ngufakazi ngakini, kudle inyama yenu njengomlilo . Niqongelele ingcebo ezinsukwini zokuphela.

IzAga 24:28

Ungabi ngufakazi ngomakhelwane wakho kungekho sizathu ; wothi ukhohlise ngezindebe zakho na?

IzEnzo 1:22

kuqalela embhapathizweni kaJohane kwaze kwaba lusuku akhushulwa ngalo kithi, kumelwe ukuba enye kuwo ibe ngufakazi kanye nathi ngokuvuka kwakhe.

IzEnzo 22:15

ngokuba uzakuba ngufakazi wakhe kubantu bonke walokho okubonileyo nokuzwileyo.

U-Eksodusi 22:13

Uma idweshuliwe , makayilethe ibe ngufakazi , angakhokhi okudweshuliweyo.

U-Eksodusi 23:1

Awuyikuthutha indaba yamanga , ungafaki isandla sakho kubo ababi , ube ngufakazi wamanga.

U-Isaya 55:4

Bheka, ngimnike abe ngufakazi kubantu, umholi nomyali kubantu.

UDuteronomi 31:19

Ngalokho zilobeleni leli hubo , ulifundise abantwana bakwa -Israyeli, ulibeke emilonyeni yabo ukuba leli hubo libe ngufakazi wami ukumelana nabantwana bakwa-Israyeli.

UDuteronomi 31:26

Thathani le ncwadi yomthetho , niyibeke ngaseceleni komphongolo wesivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu , ibe khona , ibe ngufakazi , imelane nani.

UGenesise 31:44

Woza manje , senze isivumelwano mina nawe , sibe ngufakazi phakathi kwami nawe. Ukubuyisana kukaJakobe noLabani

UGenesise 31:52

le nqwaba ayibe ngufakazi, nensika ibe ngufakazi ukuthi angiyikudlula kule nqwaba, ngiye kuwe, nokuthi wena awuyikudlula kule nqwaba nakule nsika, uze kimi, ngokubi.

UJeremiya 42:5

Bathi kuJeremiya: UJehova makabe ngufakazi oqinisileyo nothembekileyo ngathi, uma singenzi njengamazwi onke uJehova uNkulunkulu wakho ayakukuthuma nawo kithi.

UJoshuwa 22:27

kepha libe ngufakazi phakathi kwethu nani naphakathi kwezizukulwane zethu emva kwethu , ukuze senze inkonzo kaJehova phambi kwakhe ngeminikelo yethu yokushiswa , nangemihlatshelo ye thu, nangeminikelo yethu yokuthula , ukuba abantwana benu bangasho kubantwana bethu ngesikhathi esizayo ukuthi: Aninasabelo kuJehova.

UJoshuwa 24:27

Wayesethi uJoshuwa kubo abantu bonke : Bhekani, leli tshe liyakuba ngufakazi ngathi, ngokuba lizwile onke amazwi kaJehova awak huluma kithi; ngalokho liyakuba ngufakazi ngani, funa nimphike uNkulunkulu wenu.

UMalaki 3:5

Ngiyakusondela kini ukwahlulela , ngibe ngufakazi osheshayo ngabalumbi , nangeziphingi, nangabafunga amanga , nangabacindezela abaqashwa ngenkokhelo yabo , nabafelokazi, nezintandane, nabachezukisa abafokazi , bengangesabi mina, usho uJehova Sebawoti.

UMika 1:2

Zwanini, bantu bonke , uqaphele, mhlaba nokugcwala kwakho , iNkosi uJehova ibe ngufakazi ngani, iNkosi isethempelini layo elingcwele.