Skip to Content

"ngukukhanya"

11 occurrences in ZUL

IzEnzo 13:47

Ngokuba iNkosi isiyalezile kanjalo ukuthi : Ngikubekile ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso kuze kube semkhawulweni womhlaba.

Kwabase-Efesu 5:13

Kepha konke okudalulwayo kubonakaliswa ngukukhanya , ngokuba konke okubonakaliswayo kungukukhanya.

NgokukaJohane 12:36

Nise nokukhanya kholwani ngukukhanya , ukuze nibe ngabantwana bokukhanya. Washo lokho uJesu, wamuka, wasithela kubo. Ukwahlulelwa kwabaJuda ngokungakholwa kwabo

U-Isaya 42:16

Ngiyakuhambisa izimpumputhe ngendlela ezingayaziyo ; emikhondweni ezingayaziyo ngiyakuzihola ; ngiyakwenza ubumnyama bube ngukukhanya phambi kwazo, namagebhugebhu ukuba ahlelenjwe ; ngiyakwenza lezi zinto ngingazishiyi.

U-Isaya 51:4

Ngizweni, bantu bami , ningibekele indlebe nina sizwe sami , ngokuba kuyakuphuma kimi umthetho , ngibeke ukwahlulela kwami kube ngukukhanya kwabantu.

U-Isaya 5:20

Wo kubona abasho okubi ukuthi kungokuhle , nokuhle ukuthi kungububi , ababeka ubumnyama bube ngukukhanya , nokukhanya kube ngubumnyama , babeke nokubabayo kube ngubumtoti, nobumtoti bube ngokubabayo!

U-Isaya 60:19

Ilanga alisayikuba ngukukhanya kuwe emini , nenyanga ayisayikukukhanyisela ngokukh azimula ebusuku ; uJehova uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe, uNkulunkulu wakho abe ludumo lwakho.

U-Isaya 60:20

Ilanga lakho alisayikushona , nenyanga yakho ayisayikuncipha , ngokuba uJehova uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe , nezinsuku zokulila kwakho ziyakuphela.

UJeremiya 31:35

Usho kanje uJehova obeka ilanga libe ngukukhanya emini , nezimiso zenyanga nezezinkanyezi zokuba zibe ngukukhanya ebusuku, ovusa ulwandle ukuba kuhlokome amaza alo, ogama lakhe linguJehova Sebawoti, uthi:

UMika 7:8

Ungathokozi ngami, sitha sami; ngokuba uma ngiwile , ngiyakuvuka; lapho ngihlezi ebumnyameni, uJehova uzakuba ngukukhanya kwami.

UZakariya 14:7

Kuyakuba lusuku ngokwalo olwaziwa nguJehova , kungabi yimini, kungabi ngubusuku, kepha kube ngukukhanya ngesikhathi sokuhlwa.