"ngumuphi"
39 occurrences in ZUL
bese kuzwakala namuphi umkhuleko nakuphi ukunxusa noma ngumuphi umuntu noma yibo bonke abantu bakho u -Israyeli abayakwazi, kube yilowo nalowo inhlupheko yasenhliziyweni yakhe, elulele izandla zakhe kule ndlu,
Ngokuba ngumuphi kubantu owazi okomuntu , uma kungesiye umoya womuntu okuye na ? Ngokunjalo nokukaNkulunkulu akwaziwa muntu , kuphela nguMoya kaNkulunkulu.
Usho kanje uKoresi , inkosi yasePheresiya , uthi: U Jehova uNkulunkulu wezulu unginikile yonke imibuso yomhlaba ; ungiyalile ukumakhela indlu eJerusalema lakwaJuda . Noma ngumuphi phakathi kwenu kubo bonke abantu bakhe, uNkulunkulu makabe naye, akhuphuke.
bese kuzwakala namuphi umkhuleko nakuphi ukun xusa noma ngumuphi umuntu noma yibo bonke abantu bakho u -Israyeli abayakwazi, kube yilowo nalowo inhlupheko yakhe nosizi lwakhe, elulele izandla zakhe kule ndlu,
Abantu, izikhulu zakwaGileyadi , bathi omunye komunye : Ngumuphi umuntu oyakuqala ukulwa nabantwana bakwa -Amoni na ? Yena uyakuba yinhloko yabo bonke abakhe kwaGileyadi.
Ngumuphi umuntu omesaba uJehova na ? Nguyena oyakufundiswa nguye indlela ayakuyikhetha.
Ngumuphi umuntu othanda ukuphila, ofisa izinsuku zokuba abone okuhle na?
badazuluka bebona umusi wokusha kwalo , bethi: Ngumuphi umuzi ofana nalowo muzi omkhulu na?
Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na ? Bababulala ababememezela ngaphambili ukuza koLungileyo , eseningabakhapheli nababulali bakhe,
Ngumuphi kini ongangilahla ngesono na ? Uma ngikhuluma iqiniso , anikholwa yimi ngani na?
Ngumuphi ngokubona kwakho kula ba abathathu owaba ngumakhelwane wakhe owatheleka phakathi kwezigcwelegcwele na?
Ngumuphi kini onguyise , oyakuthi nxa indodana icela inhlanzi , ayinike inyoka esikhundleni senhlanzi;
Wathi kubo : Ngumuphi kini oyakuba nomhlobo , aye kuye phakathi kobusuku, athi kuye: Mhlobo, ngitsheleke izinkwa zibe zintathu,
Ngumuphi kini ongathi ngokukhathazeka enezele ebudeni bakhe ingalo na?
Yayisithi iNkosi : Ngumuphi-ke umphathi othembekileyo noqondileyo , inkosi yakhe eyakumbeka phezu kwabendlu bayo ukuba abanike isabelo sabo sokudla ngesikhathi sakho?
Ngokuba ngumuphi kini othi efuna ukwakha umbhoshongo , angaqali ahlale phansi, abale izindleko ukuthi unakho okokuwuqeda na?
Wathi kubo: Ngumuphi kini ongathi indodana noma inkabi iyele emgodini , angayikhiphi masinyane ngosuku lwesabatha, na?
Ngumuphi umuntu kini onezimvu eziyikhulu , alahlekelwe ngenye kuzo , angazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ehlane , aye kwelahlekileyo, aze ayithole, na?
Noma ngumuphi owesifazane othi enezinhlamvu zesiliva eziyishumi , uma elahlekelwe luhlamvu lwaba lunye , angokheli isibani , ashanele indlu , afunisise, aze aluthole?
Ngumuphi kini onenceku elimayo nokuba eyalusayo, athi kuyo ibuya endle: Sondela masinyane, uhlale phansi, udle ?
Kwavela nokuphikisana phakathi kwabo kokuthi ngumuphi kubo ongathiwa omkhulu.
Ngokuba ngumuphi omkhulu , ohlezi ekudleni noma okhonzayo , na? Akusiye ohlezi ekudleni na ? Kepha mina ngiphakathi kwenu njengokhonzayo.
Bengenanto yokukhokha , wabayekela bobabili . Ngumuphi kubo konje oyakumthanda kakhulu na?
Kwase kusondela omunye wababhali owayebezwile bebuzana , eqonda ukuthi wayebaphendule kahle, wambuza wathi: Ngumuphi umyalo wokuqala kuyo yonke na?
Kepha wathi kubo : Ngumuphi umuntu kini enemvu eyodwa , uma iyele emgodini ngesabatha, ongayikuyibamba, ayikhiphe, na?
Mfundisi, ngumuphi umyalo omkhulu emthethweni na?
Ngumuphi kini ongelekela ebudeni bakhe ingalo ibe nye ngokukhathazeka na?
Noma ngumuphi umuntu kini ongathi , uma indodana yakhe icela isinkwa , ayinike itshe,
Noma ngumuphi phakathi kwenu kubo bonke abant u bakhe, uNkulunkulu wakhe makabe naye , akhuphukele eJerusalema lakwaJuda , akhe indlu kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, yena onguNkulunkulu waseJerusalema.
Usho kanje uJehova , uthi: Iphi incwadi yesahlukanis o engimlahlile ngayo, noma ngumuphi enginesikwenetu kuy e engithengisile ngani kuye na ? Bhekani, nathengiswa ngobubi benu, nangeziphambeko zenu , unyoko walahlwa.
Manje uma nilungele ukuba ng esikhathi enizwa ngaso ukukhala kwecilongo, negenkle, nehabhu, nomqangala, nogubhu, negemfe, nazo zonke izinhlobo zokubethwa, niwe phansi , nikhuleke esithombeni engisenzileyo , kuhle; kepha uma ningakhuleki , niyakuphonswa ngasona leso sikhathi phakathi kwes ithando somlilo ovuthayo ; ngumuphi lowo nkulunkulu oyakunikhulula ezandleni zami na?
Izinduna ziyakukhuluma kubantu, zithi: Ngumuphi umuntu owakhile indlu entsha engayivulanga na ? Makahambe, abuyele endlini yakhe , funa afele empini, omunye umuntu ayivule.
Ngumuphi umuntu otshalile isivini engadlanga izithelo zaso na ? Makahambe, abuyele endlini yakhe , funa afele empini , omunye umuntu asidle.
Ngumuphi umuntu onengoduso engayithathanga na ? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa afele empini, omunye umuntu ayithathe.
Izinduna ziyakukhuluma futhi kubantu , zithi: Ngumuphi umuntu owesabayo onenhliziyo edangeleyo na ? Makahambe, abuyele endlini yakhe , funa izinhliziyo zabafowabo zincibilike njengenhliziyo yakhe.
Nkosi Jehova, uqalile ukubonisa inceku yakho ubukhulu bakho nesandla sakho esinamandla, ngokuba ngumuphi unkulunkulu ezulwini nasemhlabeni ongenza njengemisebenzi yakho nanjengezenzo zakho zamandla na?
Bheka, njengengonyama ekhuphuka ezihlahleni zaseJordani, iye endaweni eyinqaba, ngiyakubazuma, ngibagijimise, basuke kuyo ; nobani okhethwayo ngiyakumbeka phezu kwabo , ngokuba ngubani onjengami , ngubani onginqumelayo, ngumuphi umalusi oyakuma phambi kwami, na?
Bheka, njengengonyama ekhuphuka ezihlahleni zaseJordani, iye endaweni eyinqaba, ngiyakubazuma, ngibagijimise, basuke kuyo ; nobani okhethwayo ngiyakumbeka phezu kwabo , ngokuba ngubani onjengami , ngubani onginqumelayo, ngumuphi umalusi oyakuma phambi kwami, na?
Ngumuphi umuntu onjengoJobe ophuza usulu njengamanzi,