Skip to Content

"nhliziyonye"

5 occurrences in ZUL

1 kaPetru 3:8

Okokugcina, manibe nhliziyonye nonke , nihawukelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka,

2 kwabaseKorinte 13:11

Elokugcina, bazalwane, thokozani, nipheleliswe, niduduzwe, nibe nhliziyonye, nibe nokuthula ; khona uNkulunkulu wothando nokuthula uyakuba nani.

IzEnzo 5:12

Kwenziwa izimangaliso nezibonakaliso eziningi ebantwini ngezandla zabaphostoli; bonke babe nhliziyonye besemphemeni kaSolomoni.

KwabaseFilipi 2:2

gcwalisani ukuthokoza kwami ukuba nibe nomqondo munye , ninothando lunye, nibe nhliziyonye, niqonde into inye;

KwabaseRoma 12:16

Manibe nhliziyonye ; ningazindli okuphakemeyo , kodwa yaneliswani ngokuphansi. Ningazishayi abahlakaniphileyo.