Skip to Content

"nibone"

42 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 20:7

Inkosi yakwa-Israyeli yayisibiza onke amalunga ezwe , yathi: Ake niqaphele, nibone ukuthi lowo muntu ufuna okubi , ngokuba wathumela kimi ngawomkami, nangabantwana bami , nangesiliva lami , nangegolide lami , angimnqabelanga.

1 uSamuweli 12:16

Ngalokho yimani nibone le nto enkulu ayakuye nza uJehova phambi kwamehlo enu.

1 uSamuweli 12:17

Angithi kuyisikhathi sokuvuna ukolweni namuhla na ? Ngiyakukhuleka kuJehova ukuba athume ukuduma nemvula , nazi, nibone ukuthi okubi kwenu enikwenzile emehlweni kaJehova ngokucela inkosi kukhulu.

1 uSamuweli 14:17

USawule wayesethi kubantu ababe naye : Balani manje, nibone ukuthi ngubani omukile kithi . Babala, bheka, uJonathani nodibi lwezikhali zakhe babengekho.

1 uSamuweli 14:29

Wayesethi uJonathani : Ubaba uhluphile izwe ; ake nibone ukuthi amehlo ami aseqabukile, ngokuba ngizwe ingcosana yalezi zinyosi.

1 uSamuweli 14:38

USawule wathi: Sondelani lapha nina nonke zinhloko zabantu, nazi, nibone ukuthi bekuyisiphi lesi sono sanamuhla.

1 uSamuweli 23:22

Manihambe, niqinise, nazi, nibone indawo yakhe lapho kukhona unyawo lwakhe nokuthi ubonwe ngubani khona , ngokuba ngitsheliwe ukuthi unobuqili impela.

2 AmaKhosi 10:23

Wayesengena uJehu noJehonadaba indodana kaRekabi endlini kaBali ; wathi ezincekwini zikaBali : Cingani, nibone ukuba kungabikho kini lapha noyedwa wezinceku zikaJehova, izinceku zikaBali kuphela.

2 AmaKhosi 5:7

Kwathi inkosi yakwa -Israyeli isiyifundile incwadi , yaklebhula izingubo zayo, yathi: Mina nginguNkulunkulu yini ukuba ngibulale , ngiphilise, ukuze lo athumele kimi umuntu ukumphilisa ochokweni lw akhe, na? Ake niqonde, nibone ukufuna kwakhe ithuba lokulwa nami.

2 AmaKhosi 7:14

Bathatha izinqola ezimbili namahhashi ; inkosi yathumela emva kwempi yama-Aramu ngokuthi: Hambani nibone.

2 iziKronike 20:17

Akusikho okwenu ukulwa kule mpi ; zihleleni, nime, nibone ukunisindisa kukaJehova, nina Juda neJerusalema ; ningesabi, ningapheli amandla ; phumelani kubo kusasa, ngokuba uJehova unani.

2 kwabaseKorinte 13:5

Zihloleni nina, nibone ukuba nisekukholweni yini , nizivivinye nina. Kanti anizazeli yini ukuthi uJesu Kristu ukinina? Uma kungenjalo, ningabokwaliwa.

AbAhluleli 19:24

Bhekani, nansi indodakazi yami , intombi, nesancinza sakhe ; ngiyakubakhipha bona manje , nibone, nenze kubo njengokuthanda kwenu ; kepha kulo muntu ningenzi ubuwula obunjalo.

AbAhluleli 21:21

nibone: bhekani, uma amadodakazi aseShilo ephuma ukusina lapho kusinwa khona , anophuma ezivinini , nizibambele, kube yilowo nalowo umkakhe kuwo amadodakazi aseShilo, niye ezweni lakwaBenjamini.

AmaHubo 34:8

Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle ; ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye.

AmaHubo 46:8

Wozani nibone izenzo zikaJehova, izincithakalo azenzileyo emhlabeni.

AmaHubo 66:5

Wozani nibone izenzo zikaNkulunkulu ; uyesabeka ekwenzeni kwakhe kubantwana babantu.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 3:11

Phumani nina madodakazi aseJerusalema , nibone inkosi uSolomoni , inomqhele eyawuqheliswa ngunin a ngosuku lokugcagca kway o nangomhla wokuthokoza kwenhliziyo yayo.

IsiLilo 1:12

Akulutho kinina nonke enidlul a ngendlela na ? Bhekani, nibone ukuba kukhona yini ubuhlungu obunjengobuhlungu bami engehlelwe yibo, uJehova angihluphe ngabo ngosuku lokufutheka kwentukuthelo yakhe.

IsiLilo 1:18

UJehova ulungile , ngokuba ngihlubukile izwi lakhe . Ake nizwe , bantu bonke, nibone ubuhlungu bami . Izintombi zami nezinsizwa zami ziye ekuthunjweni.

KwabaseGalathiya 6:11

Ake nibone ukuloba okungaka enginilobele ngakho ngesami isandla.

NgokukaJohane 1:39

Wathi kubo: Wozani nibone. Ngakho-ke beza babona lapho ehlala khona ; bahlala naye ngalolo suku; kwakungaba yihora leshumi.

NgokukaJohane 4:29

Wozani nibone umuntu ongitshele konke engikwenzileyo ; kungebe nguye uKristu na?

NgokukaJohane 4:35

Anisho yini ukuthi izinyanga zisezine kufike ukuvuna na ? Bhekani, ngithi kini: Phakamisani amehlo enu , nibone ukuthi amasimu asemhl ophe, aselungele ukuvunwa.

NgokukaLuka 24:39

Bhekani izandla zami nezinyawo zami uku thi yimina uqobo ; ngiphatheni, nibone, ngokuba ithongo alinanyama namathambo , njengokuba ningibona nginakho.

NgokukaMarku 6:38

Wathi kubo : Ninezinkwa ezingaki na ? Hambani nibone . Sebazi bathi : Ziyisihlanu, nezinhlanzi ezimbili.

NgokukaMathewu 28:6

kakho lapha, ngokuba uvukile njengokusho kwakhe ; zanini nibone indawo lapho ebelele khona.

U-Amose 3:9

Zwakalisani ezindlini zamakhosi zase -Ashidodi, nasezindlini zamakhosi zasezweni laseGibithe , nithi: Buthanani ezintabeni zaseSamariya , nibone izidumo ezinkulu eziphakathi kwalo, nokucindezelwa okukulo.

U-Amose 6:2

Dlulelani eKaline, nibone; nisuke lapho, niye eHamati elikhulu, bese nehlela eGati lamaFilisti ; bahle kunale mibuso yini , umkhawulo wabo mkhulu kunomkhawulo wenu na?

U-Eksodusi 14:13

UMose wathi kubantu : Ningesabi; qinani, nibone ukusindisa kukaJehova azakunenzela khona namuhla , ngokuba abaseGibithe enibabonile namuhla anisayikubuye nibabone naphakade.

U-Isaya 40:26

Phakamiselani amehlo enu phezulu, nibone. Ngubani odalile lezo zinto na? Nguye okhipha ibandla lazo ngezibalo , abize zonke ngamagama; ngobuningi bamandla akhe nangobukhulu bezikhwepha zakhe ayisilali neyodwa.

U-Isaya 42:18

Yizwani nina zithulu; bhekani nina zimpumputhe, ukuze nibone.

UGenesise 44:23

Wathi wena ezincekwini zakho : U ma umfowenu omncane engehli nani , anisayikubuye nibone ubuso bami.

UHezekeli 14:22

Kepha bheka , kuyakushiywa kulo ababalekileyo abayakukhishwa , amadodana namadodakazi; bheka, ayakuphumela kini, nibone indlela yawo nemisebenzi yawo , niduduzwe ngokubi engehlisele khona phezu kweJerusalema, yebo, ngakho konke engehlisele khona phezu kwalo.

UJeremiya 13:20

Phakamisani amehlo enu , nibone abavela enyakatho ; uphi umhlambi owaphiwa wona, izimvu zakho ezinhle, na?

UJeremiya 2:10

Dlulani eziqhingini zaseKitimi , nibone, nithume eKedari , niqonde kahle , nibone uma yake yaba khona into enjengalena na?

UJeremiya 30:6

Ake nibuze, nibone, uma owesilisa wake wabeletha na? Ngibonelani onke amadoda enezandla zawo ezinkalweni njengobelethayo, ubuso bonke buphaphathekile, na?

UJeremiya 5:1

Yehlani nenyuke ezitaladini zaseJerusalema , nibone nazi , nicinge ezigcawini, uma ningafumana umuntu , uma kukhona owenza ukwahlulela , ofuna iqiniso; bese ngilithethelela.

UJeremiya 6:16

Usho kanje uJehova , uthi: Yimani ezindleleni, nibone, nibuze imikhondo yasendulo ukuthi iphi indlela enhle , nihambe ngayo , niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu; kepha bathi: Asiyikuhamba ngayo.

UJeremiya 7:12

Kepha hambani niye endaweni yami eShilo, lapho ngalibeka khona igama lami kuqala, nibone engakwenzayo kuyo ngenxa yobubi babantu bami u - Israyeli.

UJoshuwa 2:1

UJoshuwa indodana kaNuni wathuma ngasese eseShithimi amadoda amabili abe yizinhloli, wathi: Hambani nibone izwe neJeriko. Basuka, bafika endlini yesifebe esigama laso linguRahabi, balala khona.

UNumeri 13:18

nibone izwe ukuthi linjani , nabantu abakhe kulo ukuthi banamandla noma babuthakathaka, bayingcosana noma baningi yini,