Skip to Content

"nibuyele"

13 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 23:23

Bhekani, nizazi zonke izindawo zokucasha , lapho eca sha khona, nibuyele kimi nineqiniso ; ngiyakuhamba nani ; kuyakuthi uma ekhona ezweni , ngimfice phakathi kwayo yonke imindeni yakwaJuda.

2 AmaKhosi 1:6

Zathi kuye : Kwakhuphuka umuntu ukuba asihlangabeze, wathi kithi : Hambani, nibuyele enkosini enithumileyo , nithi kuyo: Usho kanje uJehova , uthi: Kungokuba kungekho Nkulunkulu kwa -Israyeli ukuba uthume ukubuza kuBali Zebubi unkulunkulu wase-Ekroni na? Ngalokho umbhede okhuphukele kuwo awuyikwehlika kuwo, kepha uyakufa nokufa.

KwabaseGalathiya 4:9

kepha manje , njengalokhu senimazi uNkulunkulu , yebo, phezu kwalokho, niyaziwa nguNkulunkulu, kukanjani ukuba nibuyele ezifundisweni zobungane ezilulana nezingelutho , enithanda ukuphinda nibe yizigqila zazo na?

UDuteronomi 3:20

uJehova aze aphe abafowenu ukuphumula njengani , nabo balidle izwe uJehova uNkulunkulu wenu ayakubanika lona ngaphesheya kweJordani , andukuba nibuyele, kube yilowo nalowo ezweni lakhe engininike lona.

UGenesise 42:19

Uma ningabaqotho, makuboshwe omunye wabafowenu endlini yokulindwa kwenu, kepha hambani nina, nibuyele namabele endlala yezindlu zenu,

UGenesise 43:13

Nithathe futhi umfowenu, nisuke nibuyele kulowo muntu.

UHezekeli 16:55

Odadewenu, iSodoma namadodakazi alo , bayakubuyela esimweni sabo sokuqala, neSamariya namadodakazi alo bayakubuyela esimweni sabo sokuqala, wena namadodakazi akho nibuyele esimweni senu sokuqala.

UHoseya 14:2

Thabathani amazwi , nibuyele kuJehova , nithi kuye : Susa konke okubi , wamukele okuhle, sinikele ngemilomo yethu njengangezinkunzi.

UJoshuwa 18:8

Amadoda ayesesuka, ahamba; uJoshuwa wayala abahambayo ukuba balobe izwe, wathi: Sukani nihambe ezweni , nililobe, nibuyele kimi , nginenzele inkatho phambi kukaJehova eShilo.

UJoshuwa 1:15

uJehova aze aphumuze abafowenu njengani , nabo badle izwe uJehova uNkulunkulu wenu abanika lona, andukuba nibuyele ezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga , nilidle.

ULevitikusi 25:10

Niyakuwungcwelisa umnyaka wamashumi ayisihlanu , nimemezele inkululeko ezweni lonke kubo bonke abakhileyo kulo ; kuyakuba yijubili kini, nibuyele, kube yilowo nalowo efeni lakhe , nibuyele, kube yilowo nalowo kwabomndeni wakhe.

UNumeri 14:43

Ngokuba ama-Amaleki namaKhanani alapho ngaphambi kwenu ; niyakuwa ngenkemba, lokhu nibuyele emuva ekumlandeleni uJehova ; ngalokho uJehova akayikuba khona phakathi kwenu.

URuthe 1:8

UNawomi wathi komalokazana bakhe ababili : Hambani nibuyele , kube yilowo nalowo endlini kanina ; uJehova makanenzele umusa , njengalokho nanenza kwabafileyo nakimi.