Skip to Content

"nilethe"

13 occurrences in ZUL

1 iziKronike 16:29

Mnikeni uJehova inkazimulo yegama lakhe, nilethe umnikelo, nize phambi kwakhe, nikhuleke kuJehova ngobuhle bobungcwele.

1 iziKronike 21:2

UDavide wayesethi kuJowabe nasezinduneni zabantu : Hambani nibale u - Israyeli kusukela eBeri Sheba kuze kube kwaDani, nilethe umumo wabo kimi ukuba ngiwazi.

2 iziKronike 29:31

Wayesethatha uHe zekiya, wathi: Senizahlukanisele uJehova ; sondelani, nilethe imihlatshelo neminikelo yokubonga endlini kaJehova. Ibandla laletha imihlatshelo neminikelo yokubonga , nabo bonke abaqhutshwa yinhliziyo evumayo baletha iminikelo yokushiswa.

AmaHubo 96:8

Mnikeni uJehova inkazimulo yegama lakhe , nilethe umnikelo , ningene emagcekeni akhe.

NgokukaLuka 15:23

nilethe ithole elikhuluphalisiweyo, nilihlabe, sidle, sijabule;

NgokukaLuka 23:14

wathi kubo: Nilethe kimi lo muntu ngokuthi ungodukisa abantu . Bhekani, mina ngimhlolile phambi kwenu , kepha angifumananga cala lalezo zinto enimmangalela ngazo;

U-Amose 4:4

Wozani eBethele , niphambeke, naseGiligali, nandise iziphambeko, nilethe imihlatshelo yenu ekuseni njalo , nokweshumi kwenu kanye ngezinsuku ezintathu,

UDuteronomi 12:6

nilethe khona iminikelo yenu yokushiswa, nemihlatshelo yenu, nokweshumi kwenu, nomnikelo wenu wokuphakanyiswa wesandla senu , nezithembiso zenu, neminikelo yenu yesihle, namazibulo ezinkomo zenu nawezimvu zenu,

UGenesise 42:20

nilethe umfowenu omncan e kimi , kuqiniswe amazwi enu , nize ningafi . Benze njalo.

UGenesise 42:34

nilethe kimi umfowenu omncane ; yikhona ngiyokwazi ukuthi aniyizo izinhloli kepha ningabaqotho, ngininike umfowenu, nihambe izwe.

UGenesise 45:19

Usuyaliwe: Yenzani lokhu: Nithathele izingane zenu nawomkenu izinqola ezweni laseGibithe, nilethe uyihlo, bese niza.

UHagayi 1:8

Khuphukelani entabeni , nilethe imithi , nakhe indlu ; ngiyakuyenamela, ngikhazimuliswe, usho uJehova.

UNumeri 16:17

thabathani, kube yilowo nalowo umcengezi wakhe womlilo , nibeke impepho kuyo, nilethe phambi kukaJehova kube yilowo nalowo umcengezi wakhe, imicengezi yomlilo engamakhulu amabili namashumi ayisihlanu , nawe futhi no-Aroni, kube yilowo nalowo umcengezi wakhe.