Skip to Content

"ningene"

20 occurrences in ZUL

1 kaPetru 2:9

kepha nina niluhlanga olukhethiweyo , ubupristi obobukhosi , isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo , ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni , ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;

2 iziKronike 30:8

Ningabi ntamo elukhuni njeng awoyihlo, kepha nimnike uJehova isandla senu, ningene endlini yakhe engcwele ayingcwelisile kuze kube phakade , nimkhonze uJehova uNkulunkulu wenu ukuba ulaka lwakhe oluvuthayo lubuye kini.

AbAhluleli 18:9

Bathi: Sukani, senyukele kubo , ngokuba silibonile izwe ; bhekani, lihle kakhulu; niyathula yini? Ningenqeni ukuhamba, ningene ukuba nilidle izwe.

AmaHubo 96:8

Mnikeni uJehova inkazimulo yegama lakhe , nilethe umnikelo , ningene emagcekeni akhe.

NgokukaJohane 4:38

Mina nganithumela ukuvuna lokho eningakusebenzanga; abanye basebenzile, nina-ke ningene emsebenzini wabo.

NgokukaLuka 19:30

ethi: Hambani niye emzaneni obhekene nani , nothi ukuba ningene kuwo , nizakufumana ithole lembongolo likhulekiwe , okungazange kuhlale muntu kulo; lithukululeni, nililethe.

U-Isaya 26:20

Wozani, bantu bami , ningene emakamelweni enu , nizivalele iminyango , nicashe ngokuphazima kweso, kuze kudlule ulaka.

UDuteronomi 11:31

Ngokuba niyakuwela iJordani, ningene ukulidla izwe uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona, nilidle, nihlale kulo.

UDuteronomi 11:8

Ngalokho niyakugcina yonke imiyalo engikuyala ngayo namuhla ukuba nibe namandla, ningene nilidle izwe eniwela ukuya kulo ukulidla,

UDuteronomi 30:18

ngiyanimemezela namuhla ukuthi niyakubhubha nokubhubha ; aniyikuzandisa izinsuku zenu ezweni eniwela iJordani ukuba ningene kulo ukulidla.

UDuteronomi 31:13

nokuba abantwana babo abangawaziyo bezwe , bafunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wenu isikhathi sonke sokuhlala kwenu ezweni eniwela iJordani ukuba ningene kulo ukulidla.

UDuteronomi 32:47

Ngokuba akusiyo into eyize kini ; lokho kungukuphila kwenu, nangale nto niyakuzandisa izinsuku zenu ezweni eniwela iJordani ukuba ningene kulo ukulidla.

UDuteronomi 4:1

Manje-ke, Israyeli, yizwa izimiso nezahlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, nize niphile, ningene nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninika lona.

UDuteronomi 8:1

Yonke imiyalo engikuya la ngayo namuhla niyakuyigcina niyenze ukuba niphile, nande, ningene ukulidla izwe uJehova alifungela oyihlo.

UGenesise 19:2

wathi: Bhekani, makhosi, ake niphambuke, ningene endlini yenceku yenu , nihlale ubusuku , nigeze izinyawo zenu andukuba nivuke ekuseni kusasa , nihambe indlela yenu. Zathi: Qha, siyakuhlala phandle.

UJoshuwa 1:11

Dabulani phakathi kwekamu, niyale abantu, nithi: Zilungiseleni umphako, ngokuba emva kwezinsuku ezintathu niyakuwela leli Jordani , ningene ukuba nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona ukuba nilizuze. Isiyalezo sikaJoshuwa ukuba izizwe zasempumalanga zisize ukunqoba izwe elingasentshonalanga kweJordani

UJoshuwa 23:12

Ngokuba uma nibuyela emuva , ninamathele ensalini yalezo zizwe , zona lezi ezisele phakathi kwenu, niganiselane nazo, ningene kuzo, nazo kini,

UNumeri 14:25

Ama-Amaleki namaKhanani akhile esigodini; jikani kusasa, ningene ehlane ngasendleleni eya eLwandle Olubomvu.

UNumeri 31:24

Niyakuhlanza izingubo zenu ngosuku lwesikhombisa , nihlambuluke, andukuba ningene ekamu.

UNumeri 33:51

Yisho kubantwana bakwa -Israyeli, uthi kubo: Nxa niwela iJordani ukuba ningene ezweni laseKhanani,