Skip to Content

"niphile"

16 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 18:32

ngize ngifike , nginiyise ezweni elinjengezwe lakini , izwe lamabele nelewayini, izwe lesinkwa nelezivini , izwe leminqumo nezinyosi , ukuba niphile, ningafi. Futhi ningamlaleli uHezekiya , lapho e niyenga ngokuthi : UJehova uyakusophula.

IzAga 9:6

Yekani ubuwula, niphile, nihambe ngendlela yokuqonda.

U-Amose 5:14

Funani okuhle, hhayi okubi, ukuze niphile, abe nani uJehova uNkulunkulu Sebawoti kanjalo, njengalokhu nisho.

U-Amose 5:4

Ngokuba usho kanje uJehova kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: Ngifuneni, niphile.

U-Amose 5:6

Funani uJehova , niphile, funa afikele indlu kaJosefa njengomlilo, udle, kungekho owucimayo eBethele.

UDuteronomi 30:19

Ngifakazisa namuhla izulu nomhlaba ngani ukuthi ngibeke phambi kwenu ukuphila nokufa , isibusiso nesiqalekiso; ngalokho khethani ukuphila ukuba niphile, wena nenzalo yakho,

UDuteronomi 4:1

Manje-ke, Israyeli, yizwa izimiso nezahlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, nize niphile, ningene nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninika lona.

UDuteronomi 5:33

Niyakuhamba njalo endleleni uJehova uNkulunkulu wenu aniyale ngayo , ukuze niphile, kube kuhle kini, nandise izinsuku zenu ezweni eniyakulidla.

UDuteronomi 8:1

Yonke imiyalo engikuya la ngayo namuhla niyakuyigcina niyenze ukuba niphile, nande, ningene ukulidla izwe uJehova alifungela oyihlo.

UGenesise 42:18

Wayesethi kubo uJosefa ngosuku lwesithathu : Yenzani lokhu , niphile, ngokuba ngiyamesaba uNkulunkulu.

UHezekeli 18:32

Ngokuba angenameli ukufa kofayo , isho iNkosi uJehova; ngalokho buyani, niphile.

UHezekeli 37:14

Ngiyakuwufaka uMoya wami kini , nize niphile , nginibeke ezweni lakini , nazi ukuthi mina Jehova ngikhulumile, ngakwenza, usho uJehova. Izinti ezimbili

UHezekeli 37:5

Isho kanje iNkosi uJehova kulawa mathambo, ithi: Bhekani, ngiyakungenisa kini umoya, niphile.

UHezekeli 37:6

Ngiyakubeka imisipha phezu kwenu , ngihlumise inyama phezu kwenu , nginimboze ngesikhumba, nginike umoya, niphile, nazi ukuthi nginguJehova.

UJeremiya 27:12

Ngakhuluma kuSedekiya inkosi yakwaJuda njengawo onke lawa mazwi , ngathi: Bekani izintamo zenu phansi kwejoka lenkosi yaseBabele, niyikhonze, yona nabantu bayo, niphile.

UJeremiya 27:17

Ningabalaleli; khonzani inkosi yaseBabele nize niphile; ubuyakuchithelwani lo muzi na?