Skip to Content

"niyakugcina"

11 occurrences in ZUL

NgokukaJohane 14:15

Uma ningithanda, niyakugcina imiyalo yami.

U-Eksodusi 12:17

Niyakugcina umkhosi wesinkwa esingenamvubelo , ngokuba ngalona lolo suku ngikhiphile amabandla enu ezweni laseGibithe ; ngalokho anogcina lolu suku ezizukulwaneni zenu zonke ngokomthetho waphakade.

U-Eksodusi 12:24

Niyakugcina le nto ibe ngumthetho kuwena nakuwo amadodana akho kuze kube phakade.

U-Eksodusi 12:25

Kuyakuthi lapho senifike ezweni uJehova azakuninika lona njengesithembiso sakhe, niyakugcina inkonzo yakhe.

UDuteronomi 11:32

Niyakugcina ukuzenza zonke izimiso nezahlulelo engizibeka phambi kwenu namuhla.

UDuteronomi 11:8

Ngalokho niyakugcina yonke imiyalo engikuyala ngayo namuhla ukuba nibe namandla, ningene nilidle izwe eniwela ukuya kulo ukulidla,

UDuteronomi 6:17

Niyakugcina nokugcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu , nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe akuyale ngakho.

UHezekeli 36:27

Ngiyakufaka umoya wami phakathi kwenu , ngenze ukuba nihambe ngezimiso zami; niyakugcina izahlulelo zami, nizenze.

ULevitikusi 19:19

Niyakugcina izimiso zam i; ungavumeli izilwane zakho zizekwe ngolunye uhlobo; ungahlwanyeli ensimini yakho izinhlobo ezimbili zembewu ; kungezi phezu kwakho ingubo eyizinhlobonhlobo zezintanjana.

UNumeri 18:5

Niyakugcina inkonzo yendlu engcwele nenkonzo yase -altare, ukuze ulaka lungabe lusaba khona phezu kwabantwana bakwa-Israyeli.

UNumeri 18:7

Wena namadodana akho kanye nawe niyakugcina ubupristi kukho konke okwe-altare, nakukho konke okuphakathi kwesihenqo ; niyakukhonza; ngiyaninika ubupristi njengenkonzo yesipho ; umfokazi osondelayo wobulawa.