Skip to Content

"nizenze"

13 occurrences in ZUL

U-Isaya 32:11

Qhaqhazelani nina besifazane abazinzileyo , nihlupheke nina enizethembayo; khumulani nizenze nqunu , nibhince indwangu yamasaka ezinkalweni zenu.

UDuteronomi 4:1

Manje-ke, Israyeli, yizwa izimiso nezahlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, nize niphile, ningene nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninika lona.

UDuteronomi 4:14

UJehova wanginika ngaleso sikhathi uku nifundisa izimiso nezahlulelo ukuba nizenze ezweni eningena kulo ukulidla.

UDuteronomi 4:6

Ngalokho manizigcine, nizenze, ngokuba lokhu kungukuhlakanipha kwenu nokuqonda kwenu emehlweni ezizwe eziyakuzizwa zonke lezi zimiso , zithi: Impela lesi sizwe esikhulu singabantu abahlakaniphileyo nabaqondileyo.

UDuteronomi 7:12

Kuyakuthi ngokuba nilalela lezi zahlulelo , nizigcine, nizenze, uJehova uNkulunkulu wakho uyakugcina isivumelwano nawe nomusa awufungela oyihlo,

UHezekeli 20:19

NginguJehova uNkulunkulu wenu : hambani ngezimiso zami , nigcine izahlulelo zami, nizenze,

UHezekeli 36:27

Ngiyakufaka umoya wami phakathi kwenu , ngenze ukuba nihambe ngezimiso zami; niyakugcina izahlulelo zami, nizenze.

UJeremiya 18:11

Manje yisho kubantu bakwaJuda nakwabakhileyo eJerusalema , uthi: Usho kanje uJehova , uthi: Bhekani, nginibumbela okubi , ngiceba icebo ngani ; buyani, kube yil owo nalowo endleleni yakhe embi , nizenze izindlela zenu nezenzo zenu zibe zinhle.

UJobe 27:12

Bhekani, nina nonke nikubonile; kungani ukuba nizenze ize na?

ULevitikusi 19:37

Anogcina zonke izimiso zami nazo zonke izahlulelo zami , nizenze; nginguJehova.

ULevitikusi 20:22

Ngalokho anogcina zonke izimiso zami , nazo zonke izahlulelo zami , nizenze ukuba izwe lapho nginiyisa khona ukuba nihlale kulo linganihlanzi.

ULevitikusi 20:8

Anogcina izimiso zami, nizenze; nginguJehova oningcwelisayo.

ULevitikusi 25:18

Ngalokho anozenza izimiso zami, nigcine izahlulelo zami, nizenze, nihlale ezweni nilondekile.