Skip to Content

"njengothuli"

11 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 13:7

Ngokuba akashiyanga abantu kuJehowahazi , kuphela abamahhashi abangamashumi ayisihlanu , nezinqola eziyishumi , nemigundatshani eyizinkulungwane eziyishumi , ngokuba inkosi yase -Aramu yabac hitha, yabenza baba njengothuli ekubhuleni.

2 uSamuweli 22:43

Ngabacolisisa njengothuli lomhlabathi; ngabagxoba, ngabalahla njengensila ezitaladini.

AmaHubo 18:42

Ngabacolisisa njengothuli emoyeni; ngabalahla njengensila ezitaladini.

AmaHubo 78:27

Wawisa phezu kwabo inyama njengothuli , nezinyoni ezinamaphiko njengesihlabathi solwandle.

U-Isaya 40:15

Bheka, izizwe zinjengethonsi kwasesitsheni , zibalwa njengothuli lwesilinganiso; bheka, iziqhingi uyaziphakamisa njengothuli olucolekileyo.

U-Isaya 41:2

Ngubani ovusile ukulung a kuphume empumalan ga, akubize ukuba kumlandele, anikele izizwe phambi kwakhe , amenze ukuba abuse amakhosi , abenze babe njengothuli ngenkemba yakhe , nanjengamabibi aphephezeliswayo ngomnsalo wakhe, na?

UDuteronomi 9:21

Ngase ngithatha isono senu , ithole enanilenzile , ngalishisa ngomlilo , ngaligxoba, ngaligayisisa laze laba njengothuli , ngaphonsa uthuli lwalo emfudlaneni owehla entabeni.

UGenesise 13:16

Ngiyakwenza inzalo yakho ibe njengothuli lomhlaba , kuze kuth i, uma umuntu engabala uthuli lomhlaba, iyakubalwa nenzalo yakho.

UJobe 27:16

Noma enqwabela isiliva njengothuli, alungise izambatho njengodaka,

UZakariya 9:3

ITire lazakhela inqaba , lanqwabela isiliva njengothuli , negolide elicwengekileyo njengodaka lwasezitaladini.

UZefaniya 1:17

Ngiyakucindezela abantu , bahambe njengezimpumputhe, ngokuba bonile kuJehova; igazi labo liyakuthululwa njengothuli , nenyama yabo njengomquba.