Skip to Content

"nobubi"

17 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 17:28

U-Eliyabe umfowabo omkhulu wezwa lapho ekhuluma kubantu ; intukuthelo ka -Eliyabe yamvuthela uDavide, wathi: Wehleleni na? Uzishiye kubani leziya zimvu ezingengakanani ehlane na ? Mina ngiyakwazi ukuziphakamisa kwakho nobubi benhliziyo yakho , ngokuba wehlile ukuba ubuke impi.

IsiLilo 4:13

Kungenxa yezono zabaprofethi balo nobubi babapristi bal o ababechitha igazi labalungileyo phakathi kwalo.

IzEnzo 13:10

wathi: O wena ogcwele inkohliso yonke nobubi bonke, ndodana kaSathane, sitha sokulunga konke, awuyikuyeka ukuziphambukisa izindlela eziqondileyo zeNkosi na?

KumaHeberu 10:17

nezono zabo nobubi babo angisoze ngakukhumbula futhi.

KwabaseKolose 3:8

kepha kalokhu nani manilahle konke lokho, ulaka, nokuthukuthela, nobubi, nokuhlambalaza, nokukhuluma amahlazo aphuma emlonyeni wenu;

KwabaseRoma 1:29

begcwele konke ukungalungi , nokonakala, nesangabe, nobubi; begcwele umhawu, nokubulala, nokuphikisana, nenkohliso, nobuqili, nokuhleba;

NgokukaMathewu 23:28

Kanjalo nani ngaphandle nibonakala kubantu nilungile, kanti ngaphakathi nigcwele ukuzenzisa nobubi.

U-Isaya 64:6

Sonke saba njengongcolileyo, nokulunga kwethu konke kwakunjengengubo enindiweyo; sabuna sonke njengeqabunga , nobubi bethu basisusa njengomoya.

U-Isaya 65:7

ububi babo nobubi bawoyise kanyekanye , usho uJehova, abashisa impepho ezintabeni, bangihlambalaza emagqumeni; ngiyakulinganisa kuqala umvuzo wabo ezifubeni zabo.

UDaniyeli 4:27

Ngalokho, nkosi, masamukeleke kuwe isiluleko sami , unqamule izono zakho ngokulunga , nobubi bakho ngokuba nomusa kwabampofu ; mhlawumbe kungelulwa ukuthula kwakho.

UHezekeli 18:20

Umphefumulo owonayo uyakufa; indodana ayiyikuthwala ukona kukayise, uyise angathwali ukona kwendodana; ukulunga kolungileyo kuyakuba phezu kwakhe, nobubi bomubi buyakuba phezu kwakhe.

UHezekeli 33:12

Kepha wena ndodana yomuntu , yisho kubantwana babantu bakho , uthi: Ukulunga kolungileyo akuyikumophula ngosuku lwesiphambeko sakhe , nobubi-ke bomubi akayikuwa ngabo ngosuku lokubuya kwakhe ebubini bakhe, nolungileyo akanakuphila ngakho ngosuku lokona kwakhe.

UJeremiya 16:17

Ngokuba amehlo ami akuzo zonke izindlela zabo ; abasithele ebusweni bami, nobubi babo abufihlekile emehlweni ami.

UJeremiya 44:9

Nikhohliwe yini ububi bukayihlo , nobubi bamakhosi akwaJuda , nobubi bamakhosikazi awo , nobubi benu , nobubi bawomkenu ababebenza ezweni lakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema, na?

UMalaki 2:6

Umthetho weqiniso wawusemlonyeni wakhe , nobubi babungatholwa ezindebeni zakhe ; wahamba nami ngokuthula nangobuqotho , wabuyisa abaningi ebubini.

UmShumayeli 2:21

Ngokuba kukhona umuntu omshikashika wakhe wenziwe ngokuhlakanipha, nangokwazi, nangekhono, kepha nokho uyakuwunikez a kumuntu ongawushikashikanga kube yisabelo sakhe . Nalokho kuyize nobubi obukhulu.

UmShumayeli 8:8

Akukho muntu onamandla phezu komoya ukuba awuthiye , futhi akakho obusa phezu kosuku loku fa; ukukhululwa akukho empini , nobubi abunakukhulula umninibo.