"nodumo"
53 occurrences in ZUL
Ngikunika futhi nalokho ongakucelanga , imfuyo nodumo , ngangokuba kungayikubakho onjengawe phakathi kwamakhosi zonke izinsuku zakho.
UDavide wathi: USolomoni in dodana yami usengumfana , usathambile, nendlu eyakwakhelwa uJehova nga iba nkulu , ibatshazwe, ibe negama nodumo emazweni onke ; ngizakuyilungisela. Wayeseyilungisela kakhulu uDavide engakafi.
Ngobakho, Jehova, ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nasemhlabeni kungokwakho ; ngowakho umbuso , Jehova; wena uphakeme , uyinhloko phezu kwakho konke.
Wafa esemdala , esanelisiwe yizinsuku nen gcebo nodumo ; uSolomoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
ukuze ukuvivinywa kokukholwa kwenu okuyigugu kunegolide elibhubhayo noma livivinywa ngomlilo kufunyanwe kube ngukubongwa , nodumo, nokutuseka ekwambulweni kukaJesu Kristu;
Ngokuba nempela indoda ayifanele ukumboza ikhanda , lokhu ingumfanekiso nodumo lukaNkulunkulu ; kepha owesifazane uludumo lwendoda.
Ngalokho uJehova wawuqinisa umbuso esandleni sakhe ; wonke uJuda wathela intela kuJehoshafati, wayenengcebo nodumo olukhulu.
UJehoshafati wayenengcebo nodumo olukhulu, wahlangana ngobuhlobo no- Ahabi.
Wayesethi uNkulunkulu kuSolomoni : Ngenxa yokuba lokho kwakusenhliziyweni yakho , ungacelanga ingcebo , nemfuyo, nodumo, nokuphila kwabakuzondayo , futhi ungacelanga imihla eminingi , kepha wazicelela ukuhlakanipha nokwazi ukuba wahlulele abantu bami engikubeke inkosi phezu kwabo,
uyakuphiwa ukuhlakanipha nokwazi ; ngiyakukunika nengcebo, nemfuyo, nodumo, angazange abe nakho okungako amakhosi ayengaphambi kwakho , nalandelayo emva kwakho awayikuba nakho.
bamelana no -Uziya inkosi , bathi kuye : Akusikho okwakho , Uziya, ukushisela uJehova impepho , kungokwabapristi, amadodana ka -Aroni, abangcweliselwe uku shisa impepho ; phuma endlini engcwele , ngokuba wenze isiphambeko ; futhi awuyikuba nodumo oluvela kuJehova uNkulunkulu.
UHezekiya wayenengcebo nodumo oluningi kakhulu , wazenzela izindlu zesiliva, nezegolide, nezamatshe angamagugu , nezamakha, nezezihlangu, nezezinto zonke ezinxanelekayo,
ukuze kumenyezelwe eSiyoni igama likaJehova nodumo lwakhe eJerusalema,
Umsebenzi wakhe ungubukhosi nodumo, nokulunga kwakhe kumi phakade.
Ngiyakuzindla ngenkazimulo nodumo lobukhosi bakh o nangezimangaliso zakho.
Insindiso yami nodumo lwami kukuNkulunkulu ; idwala lami eliqinileyo nesiphephelo sami kukuNkulunkulu.
Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu ; uJehova uyakupha umusa nodumo; akayikubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.
bayakuletha ubukhosi nodumo lwezizwe.
Ufanele wena Nkosi yethu noNkulunkulu weth u ukwamukela inkazimulo nodumo namandla , ngokuba nguwena owadala izinto zonke, nangenxa yentando yakho zaba khona, zadalwa.
Kuthi lapho izidalwa zimnika inkazimulo nodumo nokubon ga ohlezi esihlalweni sobukhosi, yena ophilayo kuze kube phakade naphakade,
zithi ngezwi elikhulu : Lifanele iWundlu elahlats hwayo ukwamukela amandla nengcebo , nokuhlakanipha, nokunqoba, nodumo, nenkazimulo, nesibusiso.
Nakho konke okudaliweyo okusezulwini , nokusemhlabeni, naphansi komhlaba, naselwandle, nakho konke okukukho , ngakuzwa kuthi : Kuyena ohlezi esihlalweni sobukhos i nakulo iWundlu makube yisibusiso, nodumo, nenkazimulo, namandla kuze kube phakade naphakade.
Amen! Isibusiso, nenkazimulo, nokuhlakanipha, nokubongwa, nodumo, namandla, nokunqoba makube kuNkulunkulu weth u kuze kube phakade naphakade. Amen!
Abantwana babantwana bangumqhele wabadala , nodumo lwabantwana lungoyise.
Olandela ukulunga nomusa uyafumana ukuphila, nokulunga, nodumo.
Umvuzo wokuthobeka kokumesaba uJehov a uyingcebo, nodumo, nokuphila.
funa okuzwayo akuhlazise, nodumo lwakho lungabuyi.
Ubude bezinsuku busesandleni sakho sokunene , nakwesokhohlo kukhona ingcebo nodumo.
ukuze uthole umusa nodumo oluhle emehlweni kaNkulunkulu nabantu.
Ingcebo nodumo kukimi, ukunotha okumiyo nokulunga.
Isikhashana wamenza waba mncinyane kunezingelosi ; wambeka umqhele wenkazimulo nodumo, wammisa phezu kwemisebenzi yezandla zakho, izinto zonke wazibeka phansi kwezinyawo zakhe.
kodwa siyambona owenziwe waba mncinyane isikhashana kunezingelosi , uJesu, ebekiwe umqhele wenkazimulo nodumo ngenxa yokuhlupheka kokufa, ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yabo bonke.
nigcwaliswe ngezithelo zokulunga ezingaye uJesu Kristu, kube yinkazimulo nodumo kuNkulunkulu. UPawulu ulanda ngokuhlala kwakhe eboshiwe eRoma
abakuphela kwabo ngukubhujiswa , abankulunkulu wabo yisisu , nodumo lwabo lusehlazweni labo, abangabanaka okomhlaba.
kepha inkazimulo nodumo nokuthula kubo bonke abenza okuhle, kumJuda kuqala, nakumGreki futhi.
labo abafuna ngokukhuthazela ekwenzeni okuhle inkazimulo nodumo nokungabhubhi bothola ukuphila okuphakade;
Kepha nxa umenyiwe , hamba uhlale endaweni esenzansi ukuba , nxa efika okumemileyo, athi kuwe: Mhlobo, yenyukela enhla; khona uyakuba nodumo phambi kwabo bonke abahlezi nawe ekudleni.
AbaJuda base benakho ukukhanya, nokuthokoza, nokujabula, nodumo.
Ngokuba uMoridekayi wayemkhulu endlini yenkosi , nodumo lwakhe lwahamba ezifundeni zonke , ngokuba lowo muntu uMoridekayi wayelokhu ekhula njalo.
Kuyakuthi ngalolo suku impande kaJese ime iyibhanela lezizwe ; abezizwe bayakuyifuna, nendawo yayo iyakuba nodumo.
Mhubeleni uJehova ihubo elisha , nodumo lwakhe , kusukela emikhawulweni yomhlaba , nina enehlela elwandle nakho konke okukulo , nina ziqhingi nabakhileyo kuzo.
KuJehova yonke inzalo kaJakobe yakwa -Israyeli iyakulungisiswa, ibe nodumo.
Ngiyakusondeza ukulunga kwami , akukude, insindiso yami ayiyikulibala ; ngibeka insindiso eSiyoni nodumo lwami kwa-Israyeli.
Ngalolo suku ihlumela likaJehova liyakuba lihle, libe nenkazimulo, nezithelo zomhlaba ziyakuba nodumo nobuhle kwabaphunyukileyo bakwa-Israyeli.
Ngokuba njengokuba umhlaba uveza ihlumela lawo , nanjengensimu ehlumisa okutshalwe kuyo , kanjalo iNkosi uJehova iyakuvez a ukulunga nodumo phambi kwezizwe zonke.
Wena nkosi uyinkosi yamakhosi onikwe umbuso , namandla, nodumo nguNkulunkulu wasezulwini.
Kepha uma nibonisa iphupho nencazo yalo , niyakwamukela kimi izipho nemivuzo nodumo olukhulu; ngalokho ngiboniseni iphupho nencazo yalo.
E nkosi , uNkulunkulu oPhezukonke wanika uNebukadinesari uyihlo umbuso, nobukhulu, nodumo, nobukhosi;
Ngokuba njengalokhu ibhande linamathela okhalweni lomuntu , kanjalo ngiyinamathelisile kimi yonke indlu yakwa -Israyeli nayo yonke indlu yakwaJuda, usho uJehova , U kuba babe ngabantu bami , negama, nodumo, nendumiso, kepha kabalalelanga. Izimvaba ezaphukileyo
Bonke abantu ababesesangweni namalunga bathi : Singofakazi; uJehova makenze lowo wesifazane ongene endlini yakho abe njengoRaheli noLeya abakha bobabili indlu yakwa -Israyeli, ucebe e -Efratha, ube nodumo eBetlehema;
UJehova uyakusindisa amatende akwaJuda kuqala , ukuze udumo lwendlu yakwaDavide nodumo lwabakhileyo eJerusalema lungakhuliswa phezu kukaJuda.
Izimpukane ezifileyo zenza amafutha omthaki ukuba anuke , abile; kanjalo ubuwula obuncane bulingana nokuhlakanipha nodumo.
umuntu uNkulunkulu amnika ingcebo , nemfuyo, nodumo, aze angasweli lutho lomphefumulo wakhe kukho konke akufisayo , uNkulunkulu angamniki nokho amandla okudla kukho, kepha kudliwa ngumfokazi ; lokho kuyize , kuyisifo esibi.