Skip to Content

"nojakobe"

37 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 13:23

Kodwa uJehova wayenomusa kubo, wayenesihe kubo , wabanakekela ngenxa yesivumelwano sakhe no -Abrahama no -Isaka noJakobe , akathandanga ukubachitha, futhi wayengakabalahli ebusweni bakhe.

IzEnzo 1:13

Kwathi sebengenile, benyukela ekamelweni eliphezulu , lapho bebehlala khona: oPetru, noJohane, noJakobe, no-Andreya, noFiliphu, noTomase, noBartolomewu, noMathewu, noJakobe ka -Alfewu, noSimoni umZelothe , noJuda kaJakobe.

KumaHeberu 11:9

Ngokukholwa waba ngumfokazi ezweni lesithembiso kwangathi ngelezizwe , ehlala ematendeni , beno-Isaka noJakobe , beyizindlalifa kanye naye zaleso sithembiso,

NgokukaLuka 13:28

Lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo , nxa senibon a o - Abrahama, no-Isaka, noJakobe, nabaprofethi bonke embusweni kaNkulunkulu, kepha nina nikhishelwe ngaphandle.

NgokukaLuka 5:10

kanjalo-ke noJakobe noJohane amadodana kaZebedewu ababesebenzisana noSimoni. UJesu wathi kuSimoni : Ungesabi; kusukela manje uzakubamba abantu.

NgokukaLuka 6:14

uSimoni owamqamba ngokuthi uPetru , no-Andreya umfowabo, noJakobe, noJohane, noFiliphu, noBartolomewu,

NgokukaLuka 6:15

noMathewu, noTomase, noJakobe ka-Alfewu, noSimoni othiwa isishisekeli,

NgokukaLuka 8:51

Esefike endlini kavumanga ukuba kungene muntu naye , kuphela oPetru , noJohane, noJakobe, noyise wentombazana, nonina.

NgokukaLuka 9:28

Kwathi emva kwalawo mazwi kungathi izinsuku zaba yisishiyagalombili wathatha oPetru, noJohane, noJakobe, wenyukela entabeni ukuyokhuleka.

NgokukaMarku 13:3

Esahlezi eNtabeni Yeminqumo maqondana nethempeli , oPetru noJakobe noJohane no-Andreya bambuza bebodwa,

NgokukaMarku 14:33

Wathatha oPetru noJakobe noJohane, waqala ukuba novalo nosizi.

NgokukaMarku 3:17

noJakobe kaZebedewu , noJohane umfowabo kaJakobe ; laba wabaqamba igama lokuthi oBowanergesi okungukuthi amadodana okuduma;

NgokukaMarku 3:18

no-Andreya, noFiliphu, noBartolomewu, noMathewu, noTomase, noJakobe ka-Alfewu, noThadewu, noSimoni umKhanani,

NgokukaMarku 5:37

Akavumelanga muntu amlandele , kuphela oPetru , noJakobe, noJohane umfowabo kaJakobe.

NgokukaMarku 9:2

Emva kwezinsuku eziyisithupha uJesu wathatha oPetru , noJakobe, noJohane, wakhuphukela nabo entabeni ende bebodwa ; waphenduka esinye isimo phambi kwabo.

NgokukaMathewu 10:2

Amagama abaphostoli abayishumi nambili yilawa : owokuqala nguSimoni othiwa uPetru , no-Andreya umfowabo , noJakobe kaZebedewu , noJohane umfowabo,

NgokukaMathewu 10:3

noFiliphu, noBartolomewu, noTomase, noMathewu umthelisi, noJakobe ka- Alfewu, noThadewu,

NgokukaMathewu 17:1

Emva kwezinsuku eziyisithupha uJesu wa thatha oPetru , noJakobe, noJohane umfowabo, wakhuphukela nabo entabeni ende bebodwa.

NgokukaMathewu 8:11

Kepha ngithi kini : Abaningi bayakuza bevela empumalanga nasentshonalanga, bahlale ekudleni no -Abrahama no -Isaka noJakobe embusweni wezulu,

U-Eksodusi 1:1

Lawa angamagama amadodana ka-Israyeli afika eGibithe noJakobe ; yileyo naleyo yafika nomuzi wayo:

U-Eksodusi 2:24

UNkulunkulu wezwa ukububula kwabo ; uNkulunkulu wakhumbula isivumelwano sakhe no-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.

U-Eksodusi 6:8

Ngiyakuningenisa ezweni engaphakamisa isandla sami ngalo ukulinika u - Abrahama, no-Isaka, noJakobe; ngiyakunipha lona libe yifa; nginguJehova.

UDuteronomi 1:8

Bhekani, ngilibekile izwe phambi kwenu ; ngenani nilidle izwe uJehova alifungela oyihlo , o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe ukulinika bona nenzalo yabo emva kwabo.

UDuteronomi 29:13

ukuze azimisele wena namuhla ube yisizwe sakhe , yena abe nguNkulunkulu wakho, njengalokho akhuluma kuwe , nanjengalokho afunga koyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.

UDuteronomi 30:20

ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho , ulilalele izwi lakhe , unamathele kuye , ngokuba lokho kungukuphila kwakho nobude bezinsuku zakho, ukuze uhlale ezweni uJehova alifungela oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ukubanika lona.

UDuteronomi 34:4

UJehova wathi kuye : Nanti izwe engalifun gela o -Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ngathi: Ngiyakunika lona inzalo yakho . Ngikubonise lona ngamehlo akho, kepha awuyikuwela khona.

UDuteronomi 6:10

Kuyakuthi lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakukungenisa ezweni alifungela oyihlo , o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ukukunika lona kanye nemizi emikhulu nemihle ongayakhanga,

UDuteronomi 9:27

Khumbula izinceku zakho o -Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ungabheki inkani yalaba bantu, nabubi babo, nasono sabo,

UDuteronomi 9:5

Akungokulunga kwakho noma ngobuqotho benhliziyo yakho ungena ulidle izwe lazo , kepha kungobubi balezo zizwe uJehova uNkulunkulu wakho azixosha phambi kwakho nangokuba eyakuliqinisa izwi uJehova alifunge la oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.

UGenesise 25:18

Bahlala-ke kwasukela eHavi la kwaze kwaba seShuri elingaphambi kwaseGibithe ekuhambeni ukuya e -Asiriya; wakha ngasempumalanga kwabafowabo. Ukuzalwa kuka-Esawu noJakobe

UGenesise 30:36

Wamisa ibanga lezinsuku ezintathu phakathi kwakhe noJakobe ; uJakobe walusa imihlambi eseleyo kaLabani.

UGenesise 35:29

U-Isaka wagqibuka wafa , wabuthelwa kubantu bakhe , emdala esanelisiwe yizinsuku. O-Esawu noJakobe amadodana akhe bammbela.

UGenesise 46:26

Bonke abantu abeza noJakobe eGibithe abaphuma okhalweni lwakhe , ngaphandle kwabafazi bamadodana kaJakobe , bonke abantu babe ngamashumi ayisithupha nesithupha.

UGenesise 50:24

Wayesethi uJosefa kubafowabo : Mina sengiyafa , kepha uNkulunkulu uzakunihambela nokunihambela , anikhuphule kuleli zwe , aniyise ezweni alifungela o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.

ULevitikusi 26:42

ngiyakukhumbula isivumelwano sami noJakobe ; nesivumelwano sami no - Isaka, nesivumelwano sami no-Abrahama ngiyakusikhumbula, ngilikhumbule nezwe.

UNumeri 23:23

Ayikho imilingo engamelan a noJakobe; akukho ukubhula okungamelana no-Israyeli; manje sek uyashiwo ngoJakobe nango -Israyeli ukuthi uNkulunkulu wenzeni.

UNumeri 32:11

Impela kulaba bantu abaphuma eGibithe , kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu , akayikubona noyedwa izwe engalifungela u -Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ngokuba abangilandelanga ngokuphelelyo,