Skip to Content

"nojuda"

40 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 1:35

Bese nenyuka emva kwakhe , afike ahlale esihlalweni sami sobukhosi , ngokuba uyakuba yinkosi esikhundleni sami; ngimbekile ukuba abe ngumbusi phezu kuka-Israyeli noJuda.

1 iziKronike 12:16

Kwafika nabantwana bakwaBenjamini noJuda enqabeni kuDavide.

1 iziKronike 2:1

Nanka amadodana ka -Israyeli: oRubeni, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no- Isakare, noZebuloni,

1 uSamuweli 18:16

Kepha wonke u -Israyeli noJuda bamthanda uDavide , ngokuba wayephuma engena phambi kwabo. UDavide umkhwenyana wenkosi

2 AmaKhosi 14:10

Umchithile impela u-Edomi; inhliziyo yakho ikuphakamisile ; dumiseka ngakho, uhlale ekhaya; uzilebelani ukuba uwe wena , noJuda ekanye nawe , na?

2 AmaKhosi 17:13

Nokho uJehova wayexwayisile o -Israyeli noJuda ngesandla sabo bonke abaprofethi nababoni ukuthi : Phendukani ezindleleni zenu ezimbi , nigcine imiyalo yami nezimiso zami njengawo wonke umth etho engayala ngawo oyihlo nengawuthuma kini ngesandla sezinceku zami abaprofethi.

2 AmaKhosi 21:11

Ngokuba uManase inkosi yakwaJuda enzile lezi zinengiso, enze kabi kunakho konke ukwenza kwama -Amori ayephambi kwakhe , wonisa noJuda ngezithombe zakhe,

2 iziKronike 13:15

Base bekhamuluka abantu bakwaJuda , nalapho abantwana bakwaJuda bekhamuluka, uNkulunkulu washaya oJerobowamu no -Israyeli wonke phambi kuka-Abiya noJuda.

2 iziKronike 15:2

waphuma ukuhlangabeza u-Asa, wathi kuye: Ngizweni, Asa, noJuda wonke, noBenjamini, uJehova unani , uma ninaye ; uma nimfuna , uyakufunyanwa yinina; kepha uma nimshiya, uyakunishiya nani.

2 iziKronike 21:17

bakhuphukela ukulwa noJuda , bafohlela kuye , basusa yonke impahla eyayifumaniseka endlini yenkosi kanye namadodana akhe nawomkakhe ; akusalanga ndodana kuyo, uJehowahazi omncane emadodaneni ayo kuphela.

2 iziKronike 25:19

Uthi: Bheka, ngichithile u -Edomi; inhliziyo yakho iyakuphakamisa ukuba uzidumise; hlala ekhaya manje; uzilebelani ukuba uwe wena, noJuda ekanye nawe, na?

2 iziKronike 30:1

UHezekiya wathumela kuye wonke u -Israyeli noJuda, walobela o-Efrayimi noManase izincwadi ukuba beze endlini kaJehova eJerusalema , bamenzele uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli iphasika.

2 iziKronike 30:6

Zase zihamba izigijimi nezincwadi eziphuma esandleni senkosi nasezikhulwini zayo, zaya kuye wonke u -Israyeli noJuda ngesiyalezo senkosi sokuthi: Nina bantwana bakwa -Israyeli, buyelani kuJehova uNkulunkulu ka - Abrahama noka -Isaka noka -Israyeli ukuba abuyele kuyo insali yenu yabasindileyo esandleni samakhosi ase-Asiriya.

2 uSamuweli 11:11

U-Uriya wathi kuDavide : Umphongolo, no-Israyeli, noJuda bahlezi emadokodweni; inkosi yami uJowabe nezinceku zenkosi yami zimisile endle ; mina-ke, pho, ngingene endlini yami, ngidle, ngiphuze, ngilale nomkami na? Kuphila kwakho nokuphila komphefumulo wakho, angiyikuyenza leyo nto.

2 uSamuweli 19:39

Bonke abantu bawela iJordani, nenkosi yawela; inkosi yamanga uBarizilayi, yambusisa; wabuyela endaweni yakhe. Ukuphikisana kuka-Israyeli noJuda

2 uSamuweli 24:1

Intukuthelo kaJehova yabuye yavuthela u-Israyeli, wamvusa uDavide ngabo ngokuthi: Hamba ubale u-Israyeli noJuda.

AbAhluleli 10:9

Abantwana bakwa-Amoni bawela iJordani ukuba balwe noJuda noBenjamini nendlu yakwa-Efrayimi; u-Israyeli wantula kakhulu.

IzEnzo 1:13

Kwathi sebengenile, benyukela ekamelweni eliphezulu , lapho bebehlala khona: oPetru, noJohane, noJakobe, no-Andreya, noFiliphu, noTomase, noBartolomewu, noMathewu, noJakobe ka -Alfewu, noSimoni umZelothe , noJuda kaJakobe.

NgokukaJohane 18:2

NoJuda owamkhaphelayo wayeyazi leyo ndawo , ngokuba uJesu wayevama ukuhlangana khona nabafundi bakhe.

NgokukaLuka 6:16

noJuda kaJakobe, noJuda Iskariyothe owaba ngumkhapheli.

NgokukaMarku 3:19

noJuda Iskariyothe owamkhaphelayo. Isono sokuhlambalaza (Math. 12:22; Luk. 11:14)

NgokukaMarku 6:3

Lo akusiye umbazi , indodana kaMariya , nomfowabo kaJakobe , noJose, noJuda, noSimoni, na? Nawodadewabo abakho yini lapha kithi na ? Base bekhubeka ngaye.

NgokukaMathewu 10:4

noSimoni umKhanani, noJuda Iskariyothe owamkhaphelayo.

NgokukaMathewu 13:55

Lo akasiyo indodana yombazi na ? Unina kathiwa uMariya , nabafowabo asithi oJakobe, noJosefa, noSimoni, noJuda na?

U-Eksodusi 1:2

ngoRubeni, noSimeyoni, noLevi, noJuda,

U-Ezra 10:23

KumaLevi: ngoJozabadi, noShimeyi, noKhelaya onguKelitha, noPhethahiya, noJuda, no-Eliyezeri.

U-Isaya 11:13

Umhawu ka-Efrayimi uyakusuka, nabacindezela uJuda bayakunqunywa; u- Efrayimi akayikuba namhawu ngoJuda, noJuda kayikucindezela u-Efrayimi.

U-Isaya 3:8

Ngokuba iJerusalema likhubekile, noJuda uwile, lokhu izilimi zabo nezenzo zabo ziphambene noJehova ukucunula amehlo enkazimulo yakhe.

UDuteronomi 27:12

Laba bayakuma entabeni yaseGerizimu ukubusisa abantu, lapho seniwelile iJordani: oSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noJosefa, noBenjamini;

UGenesise 35:23

Amadodana kaLeya ayenguRubeni, izibulo likaJakobe, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni.

UHoseya 12:2

UJehova unokuphikisana noJuda futhi ; uyakuhambela uJakobe ngenxa yezindlela zakhe, ambuyisele ngokwezenzo zakhe.

UHoseya 5:13

Lapho u -Efrayimi abona isifo sakh e noJuda isilonda sakhe , u-Efrayimi waya e -Asiriya, wathumela enkosi ni uJarebi ; kepha ingeniphulukise , ayinakusipholisa isilonda senu.

UHoseya 8:14

Ngokuba u -Israyeli ukhohliwe uMdali wakhe , wakha izindlu zamakhosi , noJuda wandisile imizi ebiyelweyo , ngiyakuthuma umlilo emizini yakhe , uqede izindlu zayo zobukhosi.

UJeremiya 17:20

uthi kuwo : Zwanini izwi likaJehova nina makhosi akwaJuda , noJuda wonke, nani nonke enakhileyo eJerusalema eningena ngalawa masango;

UJeremiya 30:3

Ngokuba bheka , izinsuku ziyeza , usho uJehova , lapho ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantu bami o -Israyeli noJuda, usho uJehova, ngibabuyisele ezweni engalinika oyise ukuba balidle.

UJeremiya 9:26

iGibithe, noJuda, no-Edomi, nabantwana bakwa-Amoni, noMowabi, nabo bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo abakhe ehlane , ngokuba zonke izizwe azisokile, nendlu yonke yakwa-Israyeli ayisokile enhliziyweni.

UNehemiya 12:34

noJuda, noBenjamini, noShemaya, noJeremiya,

UNehemiya 12:36

nabafowabo oShemaya , no-Azareli, noMilalayi, noGilalayi, noMahayi, noNethaneli, noJuda, noHanani, bephethe izinto zokubethwa zikaDa vide, umuntu kaNkulunkulu; u-Ezra, umbhali, wayengaphambi kwabo.

UNehemiya 12:8

AmaLevi: ngoJeshuwa, noBinuwi, noKadimiyeli, noSherebiya, noJuda, noMathaniya owayephethe ukubonga, yena nabafowabo,

UZakariya 14:14

NoJuda uyakulwa eJerusalema , kubuthwe ingcebo yazo zonke izizwe ezizungezileyo, igolide, nesiliva, nezambatho, kube kuningi kakhulu.