"nokristu"
23 occurrences in ZUL
bephenya ukuthi yisiphi nokuba sinjani isikhathi asikhombayo uM oya kaKristu owayekubo , efakaza ngaphambili ngezinhlupheko eziqondene noKristu nangenkazimulo eyakulandela zona;
UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngomyalo kaNkulunkulu uMsindisi wethu noKristu Jesu ithemba lethu,
Ngiyaqinisa phambi kukaNkulunkulu noKristu Jesu nezingelosi ezikhethiweyo ukuba ulonde lezo zinto ngokungazinqumeli , ungenzi lutho ngokukhetha.
Ngokuba njengomzimba umunye , kepha unezitho eziningi , nezitho zonke zomzimba, nokuba ziziningi, zingumzimba munye, unjalo-ke noKristu.
Ngiyaqinisa phambi kukaNkulunkulu noKristu Jesu oyakwahlulela abaphilayo nabafileyo nangokubonakala kwakhe nombuso wakhe, ngithi:
Ngase ngibona izihla lo zobukhosi ; bahlala kuzo , banikwa ukwahlulela ; ngabona nemiphefumulo yababenqunywe amakhanda ngenxa yokufakaza ngoJesu nangenxa yezwi likaNkulunkulu , nalabo abangakhulekanga kuso isilo nomfanekiso waso , nabangamukelanga uphawu lwesilo ebunzini labo nasesandleni sabo ; baphila, babusa kanye noKristu iminyaka eyinkulungwane.
Ngakho indlu yonke yakwa -Israyeli mayazi impela ukuthi uNkulunkulu umenzile iNkosi noKristu uJesu lo enambethela nina esiphambanweni. Ukuphenduka nokubhapathizwa kwaba yizinkulungwane ezintathu
Kanjalo noKristu akazidumisanga yena aze abe ngumpristi omkhulu , kepha wadunyiswa nguye owakhuluma kuye , wathi: UyiNdodana yami wena , namuhla ngikuzele,
kunjalo noKristu , esenikelwe kanye ukuba athwale izono zabaningi , uyakubonakala ngokwesibili ngaphandle kwesono kulabo abamlindeleyo , kube ngukusindiswa.
sesifile ngeziphambeko , wenza siphile kanye noKristu -- kungomusa nisindisiwe --
ngokuba indoda iyinhloko yomfazi , njengokuba noKristu uyinhloko yebandla, yena engumsindisi womzimba.
Madoda, thandani omkenu , njengalokho noKristu ulithandile ibandla , wazinikela ngenxa yalo
Ngokuba akakho owake w azonda eyakhe inyama , kepha uyayondla, ayiphathe kahle, njengalokhu noKristu enza kulo ibandla;
Kepha ngiphakathi kokubili; nginesifiso sokumuka ngibe noKristu, ngokuba yikhona okuhle kakhulu;
Ngokuba ngomthetho mina ngafa kuwo umthetho , ukuze ngiphilele uNkulunkulu. Ngibethelwe kanye noKristu;
Nahlukene noKristu nina nonke enifuna ukulungisiswa ngomthetho ; niwile emseni.
Uma nifile kanye noKristu nakhululwa ezifundisweni zokucathula kwezwe, yini ukuba okungathi nisaphila ngokwezwe nithobele izifundiso zokuthi:
Ngakho uma navuswa kanye noKristu, funani okwaphezulu, lapho ekhona uKristu, ehlezi ngakwesokunene sikaNkulunkulu;
Ngokuba nafa, ukuphila kwenu kufihliwe noKristu kuNkulunkulu;
ngokuba noKristu akazithokozisanga yena, kepha kunjengokuba kulotshiwe ukuthi: Ukuthuka kwabakuthukayo kwehlela phezu kwami.
Ngalokho yamukelanani , njengalokho noKristu wasamukela , ukuze kudunyiswe uNkulunkulu.
Kepha uma safa kanye noKristu , siyakholwa ukuthi siyakuphila futhi kanye naye,
Uma-ke singabantwana , siyizindlalifa futhi , izindlalifa zikaNkulunkulu , izindlalifa kanye noKristu, uma phela sihlupheka kanye naye , ukuze siphiwe inkazimulo futhi kanye naye. Abantwana bakaNkulunkulu bayakungena ebukhosini emva kwezinhlupheko