"nokubhubhisa"
8 occurrences in ZUL
Munye ongummisimthetho nomahluleli ; nguyena onamandla okusindisa nokubhubhisa; kepha ungubani wena omahlulelayo umakhelwane na? Umuntu akakwazi okuzakumvelela ngomuso
nezizwe zazinolaka , kepha kwafika ulaka lwakho , nesikhathi sokwahlulelwa kwabafileyo , nokunika umvuzo izinceku zakho , abaprofethi nabangcwele nabesabayo igama lakho , abancane nabakhulu , nokubhubhisa ababhubhisa umhlaba.
Isela kalizi kungengokweba nokubulala nokubhubhisa ; mina ngize ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime.
Indluzula ayisayikuzwakala ezweni lakho , nencithakalo nokubhubhisa phakathi kwemikhawulo yakho , kepha uyakubiza izingange zakho ngokuthi iNsindiso, namasango akho ngokuthi iNdumiso.
Iyakwethuswa yimibiko evela empumalanga nasenyakatho ; iyakuphuma ngokufutheka okukhulu ukuchitha nokubhubhisa abaningi.
Bona, ngiyakubeka namuhla phezu kwezizwe naphezu kwemibuso ukusiphula nokudiliza, ukuchitha nokubhubhisa, ukwakha nokutshala.
Njalo lapho ngikhuluma, ngiyakhala, ngimemeza ngobudlova nokubhubhisa, lokhu izwi likaNkulunkulu lenziwa ihlazo nenhlekiso kimi usuku lonke.
Njengomthombo umpompoza amanzi awo, kanjalo umpompoza ububi bawo; ubudlova nokubhubhisa kuzwakele phakathi kwawo ; ukugula namanxeba kukhona phambi kwami njalo.