Skip to Content

"nokulalela"

8 occurrences in ZUL

EkaJakobe 3:17

Kepha ukuhlakanipha okwaphezulu okokuqala kumhlophe , andukuba kube nokuthula, nokuva, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle ; akunakungabaza, akunakuzenzisa.

U-Eksodusi 15:26

wathi: Uma u lalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho , ukwenze okulungile emehlweni akhe , ulalele imiyalo yakhe , ugcine izimiso zakhe zonke , angiyikubeka phezu kwakho nasinye salezo zifo engizibeke phezu kwabaseGibithe, ngokuba nginguJehova okuphilisayo. Ukufika kwabakwa-Israyeli e-Elimi

U-Eksodusi 19:5

Kalokhu uma nilalela nokulalela izwi lami , nigcine isivumelwano sami , niyakuba yigugu kimi kunazo zonke izizwe , ngokuba umhlaba wonke ungowami,

U-Eksodusi 23:22

Kepha uma ulalela nokulalela izwi layo , ukwenze konke engikukhulumayo, ngiyakuba yisitha sezitha zakho, ngiphambane nabaphambana nawe.

UDuteronomi 11:13

Kuyakuthi uma nilalela nokulalela imiyalo yami enginiyala ngayo namuhla ukuba nimthande uJehova uNkulunkulu wenu , nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu,

UDuteronomi 15:5

uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho kuphela, ugcine ukwenza yonke le miyalo engikuyala ngayo namuhla.

UDuteronomi 28:1

Kuyakuthi uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho , uqaphele ukuyenza yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla, uJehova uNkulunkulu wakho akuphakamise phezu kwazo zonke izizwe zomhlaba.

UZakariya 6:15

Abakude bayakufika, bakhe ithempeli likaJehova , nazi ukuthi nguJehova Sebawoti ongithumile kini . Kuyakwenzeka, uma nilalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wenu.