Skip to Content

"nokulunga"

46 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 10:9

Makabongwe uJehova uNkulunkulu wakho owenamele wena ukuba akubeke esihlalweni sobukhosi sakwa -Israyeli; ngokuba uJehova wamthanda u-Israyeli kuze kube p hakade, ngalokho wakubeka inkosi ukuba wenze ukwahlulela nokulunga.

1 iziKronike 18:14

UDavide wabusa phezu kuka -Israyeli wonke , waphatha ukwahlulela nokulunga kubo bonke abantu bakhe.

1 kwabaseKorinte 1:30

Kepha ngaye nikuJesu Kristu owenzelwe thina ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu nokulunga kanye nokungcweliswa nokuhlengwa,

2 iziKronike 9:8

Makabongwe uJehova uNkulunkulu wakho owenamele wena ukuba akubeke esihlalweni sakhe sobukhosi ukuba ube yinkosi kuJehova uNkulunkulu wakho; ngokuba uNkulunkulu wakho wamthanda u -Israyeli waze wammisa kuze kube phakade, ngalokho wakubeka inkosi phezu kwabo ukuba wenze ukwahlulela nokulunga.

2 uSamuweli 8:15

UDavide wabusa phezu kuka -Israyeli wonke , uDavide waphatha ukwahlulela nokulunga kubo bonke abantu bakhe.

AmaHubo 103:17

Kepha umusa kaJehova uphezu kwabamesabayo kwaphakade kuze kube phakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,

AmaHubo 111:3

Umsebenzi wakhe ungubukhosi nodumo, nokulunga kwakhe kumi phakade.

AmaHubo 112:4

Kuyabaphumela abalungileyo ukukhanya ebumny ameni: umusa, nobubele, nokulunga.

AmaHubo 119:121

Ngiyenza ukwahlulela nokulunga; unganginikeli kubo abahluphi bami.

AmaHubo 143:1

Jehova, yizwa umkhuleko wami , ubeke indlebe ekuncengeni kwami ; ungiphendule ngokuthembeka kwakho nokulunga kwakho.

AmaHubo 24:5

Uyakwamukela isibusiso kuJehov a nokulunga kuNkulunkulu wensindiso yakhe.

AmaHubo 36:10

Mawume umusa wakho kubo abakwaziyo , nokulunga kwakho kubo abaqotho ngenhliziyo.

AmaHubo 45:4

Hlahlameleka ebukhosini bakho , uqhubeke ngenxa yeqiniso nokuthobeka nokulunga; isandla sakho sokunene siyakukufundisa izinto ezesabekayo.

AmaHubo 85:11

Kuyakuhluma iqiniso emhlabeni , kulunguzele phansi nokulunga kwasezulwini.

AmaHubo 88:12

Izimangaliso zakho ziyaziwa yini ebumnyameni , nokulunga kwakho ezweni lokukhohlwa na?

AmaHubo 99:4

Amandla eNkosi athanda okulungileyo , umisile ubuqotho ; ukwahlulela nokulunga ukwenzile kwaJakobe.

IzAga 16:8

Okuncane kanye nokulunga kungcon o kunenzuzo enkulu kanye nokungalungi.

IzAga 1:3

nokwamukela ukulaywa kube ngukuhlakanipha , nokulunga, nokwahlulela, neqiniso,

IzAga 21:21

Olandela ukulunga nomusa uyafumana ukuphila, nokulunga, nodumo.

IzAga 8:18

Ingcebo nodumo kukimi, ukunotha okumiyo nokulunga.

KwabaseRoma 6:20

Ngokuba l apho nise yizinceku zesono , nanikhululekile maqondana nokulunga.

NgokukaMathewu 6:33

Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe , khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.

U-Amose 5:24

Kepha ukwahlulela makugobhoze njengamanzi, nokulunga njengomfula onganqamukiyo.

U-Isaya 28:17

Ngiyakwenza ukwahlulela kube ngumucu wokulinganisa , nokulunga kube ngumthofu wokumisa , isichotho sihlwithe isiphephelo samanga , amanzi akhukhule indawo yokucasha.

U-Isaya 46:12

Ngilaleleni nina enilukhuni ngenhliziyo, enikude nokulunga.

U-Isaya 48:18

Sengathi nga ulalele imiyalo yami ! Khona ukuthula kwakho kwakuyakuba njengomfula, nokulunga kwakho njengamaza olwandle;

U-Isaya 51:6

Phakamiselani amehlo enu ezulwini , niwubheke umhlaba phansi , ngokuba izulu liyakunyamalala njengomusi, umhlaba uguge njengengubo, nabakhileyo kuwo bafe njengezinsensane, kepha insindiso yami iyakum a kuze kube phakade, nokulunga kwami akuyikuphela.

U-Isaya 54:17

Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela, nalo lonke ulimi olukuvukelayo luyakwahlulelwa ; lokhu kuyifa lezinceku zikaJehov a nokulunga kwazo okuvela kimi, usho uJehova.

U-Isaya 56:1

Usho kanje uJehova , uthi: Gcinani ukwahlulela, nenze ukulunga, ngokuba insindiso yami iseduze ukuba ifike, nokulunga kwami ukuba kwambulwe.

U-Isaya 59:14

Ukwahlulela kubuyiselwa emuva , nokulunga kumi kude , ngokuba iqiniso liyakhubeka esigcawini, nobuqotho abunakungena.

U-Isaya 59:16

Wabona ukuthi akukho muntu , wamangala ukuthi wayengekho omelayo ; yayisimsindisa ingalo yakhe, nokulunga kwakhe kwamphasa.

U-Isaya 59:9

Ngalokho ukwahlulela kukude nathi , nokulunga akusifumani ; sihlalela ukukhanya, kepha bheka , ubumnyama; silindela imin i, kepha sihamba ekuhlweni.

U-Isaya 60:17

Esikhundleni sethusi ngiyakuletha igolide , nasesikhundleni sensimbi ngiyakuletha isiliva; esikhundleni somuthi ithusi , nasesikhundleni samatshe insimbi, ngibeke ukuthula kube ngababonisi bakho , nokulunga kube ngababusi bakho.

U-Isaya 64:6

Sonke saba njengongcolileyo, nokulunga kwethu konke kwakunjengengubo enindiweyo; sabuna sonke njengeqabunga , nobubi bethu basisusa njengomoya.

UHezekeli 18:19

Kepha nithi : Indodana ayithwali ngani ukona kukayise na ? Indodana isikwenzile ukwahlulela nokulunga , yagcina zonke izimiso zami , yazenza, iyakuphila nokuphila.

UHezekeli 18:21

Kepha uma omubi ebuya kuzo zonke izono zakhe azenzileyo, agcine zonke izimiso zami, enze ukwahlulela nokulunga, uyakuphila nokuphila; kayikufa.

UHezekeli 18:27

Lapho omubi ephenduka ebubini bakhe abe nzileyo, enze ukwahlulela nokulunga, uyakusindisa umphefumulo wakhe.

UHezekeli 18:5

Kepha uma umuntu olungileyo enza ukwahlulela nokulunga,

UHezekeli 45:9

Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Makwanele kini nina zikhulu zakwa - Israyeli; susani ubudlova nokuphanga, nenze ukwahlulela nokulunga, niyeke ukuxosha abantu bami, isho iNkosi uJehova.

UJeremiya 22:15

Uyinkosi ngokuba ushisekela imisedari na? Angithi uyihlo wadla, waphuza, wenza ukwahlulela nokulunga, kwaba kuhle kuye, na?

UJeremiya 22:3

Usho kanje uJehova , uthi: Yenzani izahlulelo nokulunga , nophule ophangiweyo esandleni somcindezeli , ningoni, ningadluzuli abafokazi , nezintandane, nabafelokazi, ningachithi igazi elingenacala kule ndawo.

UJeremiya 23:5

Bheka, izinsuku ziyeza , usho uJehova , lapho ngiyakumisela uDa vide iHlumela elilungileyo ; liyakubusa njengenkosi , libe nokuhlakanipha , lenze ukwahlulela nokulunga ezweni.

UJeremiya 33:15

Ngalezo zinsuku nangaleso sikhath i ngiyakuhlumisela uDavide iHlumela Lokulunga; liyakwenza ukwahlulela nokulunga emhlabeni.

UJeremiya 9:24

kepha ozibongayo makazibong e ngalokhu ukuthi uyangiqonda , angazi ukuthi nginguJehov a owenza umusa nokwahlulela nokulunga emhlabeni , ngokuba ngiyathokoza ngokunjalo, usho uJehova.

UJobe 35:8

Ububi bakho buqondene nomuntu onjengawe , nokulunga kwakho kuthintana nendodana yomuntu.

UJobe 36:17

Kepha ugcwele ukwahlulelwa kwababi ; ukwahlulela nokulunga kuyakubamba.