Skip to Content

"nomaphi"

18 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 2:42

Inkosi yayisithuma yambiza uShimeyi , yathi kuye : Angithi ngikufungisile uJehova, ngaqinisa kuwe ukuthi: Mhla uphuma uye nomaphi, yazisisa ukuthi uyakufa nokufa, na? Wathi kimi: Izwi engilizwileyo lihle.

1 iziKronike 17:8

nganginawe nomaphi lapho wawuya khona , nganquma zonke izitha zakho ngaphambi kwakho ; ngiyakukwenza igama njengamagama abakhulu abasemhlabeni.

1 iziKronike 18:13

Wamisa amakhanda kwa -Edomi; bonke abakwa -Edomi baba yizinceku zikaDavide. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona. Izinduna zikaDavide

1 iziKronike 18:6

UDavide wamisa amakhanda e -Aramu laseDamaseku ; ama-Aramu aba yizinceku zikaDavide, athela intela. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona.

1 uSamuweli 14:47

USawule esethathile umbuso wakwa-Israyeli walwa nazo zonke izitha zakhe nxazonke, noMowabi, nabantwana bakwa-Amoni, no-Edomi, namakhosi aseSoba, namaFilisti; nomaphi lapho ebheka khona, wayehlula.

1 uSamuweli 18:5

UDavide waphuma , waya nomaphi lapho uSawule emthuma khona , waziphatha ngokuhlakanipha ; uSawule wambeka phezu kwamadoda empi ; wayemuhle emehlweni abantu bonke nasemehlweni ezinceku zikaSawule.

2 AmaKhosi 18:7

UJehova wayenaye; nomaphi lapho eya khona, waphumelela; wayihlubuka inkosi yase-Asiriya, kayikhonzanga.

2 uSamuweli 7:9

nganginawe nomaphi lapho wa wuya khona, nganquma zonke izitha zakho ngaphambi kwakho ; ngiyakukwenza igama elikhulu njengegama labakhulu abasemhlabeni.

2 uSamuweli 8:14

Wamisa amakhanda kwa -Edomi; kulo lonke lakwa -Edomi wamisa amakhanda, nabo bonke abakwa-Edomi baba yizinceku zikaDavide. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona.

AbAhluleli 2:15

Nomaphi lapho bephumela khona , isandla sikaJehova sasimelene nabo sibenzela okubi njengokukhuluma kukaJehova nanjengokufunga kukaJehova kubo; bantula kakhulu.

IsAmbulo 18:17

Ngokuba ngehora linye nje ingcebo engaka ichithekile . Nabashayeli bonke bemikhumbi, nabo bonke abaya nomaphi ngomkhumb i, namatilosi, nabo bonke abasebenza elwandle bemela kude,

NgokukaMarku 14:9

Ngiqinisile ngithi kini : Nomaphi lapho liyakushunyayelwa khona ivangeli ezweni lonke , kuyakukhulunywa nangalokho akwenzileyo , kube yisikhumbuzo ngaye. Umvuzo wokumkhaphela uJesu (Math. 26:14; Luk. 22:3)

NgokukaMarku 6:56

Kwathi nomaphi lapho engena khona , emizaneni, nasemizini, nasemaphandleni, babeka abagulayo ezigcawini , bamncenga ukuba bathinte noma umphetho wengubo yakhe kuphela; bonke abamthinta basindiswa.

NgokukaMathewu 24:28

Nomaphi lapho kukhona isidumbu, kulapho amanqe eyakubuthana khona.

NgokukaMathewu 26:13

Ngiqinisile ngithi kini : Nomaphi lapho l iyakushunyayelwa khona leli vangeli ezweni lonke , kuyakukhulunywa nangalokho akwenzileyo , kube yisikhumbuzo ngaye. Umvuzo wokumkhaphela uJesu (Mark. 14:10; Luk. 22:3)

UJoshuwa 1:16

Bamphendula uJoshuwa , bathi: Konke osiyale ngakho s iyakukwenza; nomaphi lapho usithuma khona, siyakuya khona.

UJoshuwa 1:7

Qina kuph ela, ume isibindi kakhulu , uqaphele ukwenza ngokomthetho wonke akuyala ngawo uMose inceku yami , ungaphambuki kuwo ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ukuba ube nempumelelo nomaphi lapho uya khona.

UJoshuwa 1:9

Angikuyalile na ? Qina, ume isibindi , ungesabi, ungabi naluvalo , ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.