Skip to Content

"nombhoshongo"

7 occurrences in ZUL

U-Isaya 32:14

ngokuba izindlu zamakhosi zilahliwe, nomuzi onabantu abaningi ushiyiwe; igquma nombhoshongo kuyakuba yimihume kuze kube phakade , nenjabulo yezimbongolo zasendle, nedlelo lemihlambi,

UGenesise 11:4

Bathi: Wozani, asakhe umuzi nombhoshongo osiqongo sawo sisezulwini , sizenzele igama, funa sihlakazeke ebusweni bomhlaba wonke.

UGenesise 11:5

UJehova wehla ukuba abone umuzi nombhoshongo okwakhiwa ngabantwana babantu.

UNehemiya 3:11

UMalikhiya, indodana kaHarimi, noHashubi, indodana kaPhahati M owabi, balungisa elinye ibanga noMbhoshongo Wamaziko.

UNehemiya 3:25

UPhalali, indodana ka -Uzayi, wayemalungana neNqubu nombhoshongo ophumeleleyo endlini yenkosi engasenhla ngasegcekeni letilongo . Emva kwakhe nguPhedaya indodana kaPharoshi.

UNehemiya 3:26

AmaNethini ayehlezi e -Ofeli kwaze kwaba sendaweni malungana neSan go Lamanzi ngasempumalanga nombhoshongo ophumeleleyo.

UNehemiya 3:27

Emva kwakhe kwalungisa abaseThekhowa elinye ibanga malungana nombhoshongo omkhulu ophumeleleyo kwaze kwaba sogangeni lwase-Ofeli.