Skip to Content

"nomlomo"

18 occurrences in ZUL

2 kaJohane 1:12

Nginokuningi kokunilobela, angithandanga ukukuloba ngephepha noyinki, kodwa ngiyethemba ukuza kini , ngikhulume nani umlomo nomlomo , ukuze ukuthokoza kwethu kuphelele.

3 kaJohane 1:14

kepha ngiyethemba ukukubona masinyane, sikhulume umlomo nomlomo.

AmaHubo 109:2

Ngokuba umlomo womubi nomlomo wenkohliso bawuvulile ngakimi ; bakhulumile ngami ngolimi lwamanga.

IsAmbulo 13:2

Isilo engasibonayo sasifana nengwe , nezinyawo zaso zazinjengezebhere , nomlomo waso wawunjengomlomo wengonyama . Udrako wasinika amandla akhe, nesihlalo sakhe sobukhosi, nokubusa okukhulu.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 7:9

nomlomo wakho njengewayin i elihle elihamba lehle kamnandi , lewuka ngezindebe nangamazinyo. Umnyeni:

IzAga 18:6

Izindebe zesiwula ziletha ukuxabana, nomlomo waso ubiza imivimbo.

IzAga 26:28

Ulimi lwamanga luyazonda olubachobozileyo , nomlomo othophayo usebenza incithakalo.

IzAga 6:12

Umuntu omubi, umuntu wokona, nguye ohamba nomlomo ophambeneyo,

IzAga 8:13

Ukumesaba uJehova kungukuzonda okubi ; ukuzidla, nokuzikhukhumeza, nendlela embi, nomlomo wobuphoxo, ngiyakuzonda.

U-Eksodusi 4:12

Ngalokho hamba ; ngizakuba nomlomo wakho , ngikufundise lokho ozakukukhuluma.

U-Eksodusi 4:15

Uyakukhuluma ku ye, ufake amazwi emlonyeni wakhe ; ngizakuba nomlomo wakho nomlomo wakhe, nginifundise lokho eniyakukwenza.

UDaniyeli 7:20

nangezimpondo eziyishumi ezazisekhanda laso, nolunye olwavelayo, ezawa phambi kwalo ezintathu , lolo phondo olwalunamehlo nomlomo owawukhuluma izinto ezinkulu , olukubonakala kwalo kwakukukhulu kunezinye.

UDaniyeli 7:8

Ngabuka izimpondo ; bheka, kwavela phakathi kwazo olunye uphondo , oluncane, okungaphambi kwalo ezintathu zezimpondo zokuqala zasimbulwa; futhi bheka , kulolo phondo kwakukhona amehlo anjengamehlo omuntu , nomlomo okhuluma izinto ezinkulu.

UJeremiya 12:2

Ubatshalile, futhi bagxilile; bayakhula, bathela izithelo; useduze nomlomo wabo, kepha ukude nezinhliziyo zabo.

UJeremiya 32:4

uSedekiya inkosi yakwaJuda angaphunyuki esandleni samaKaledi , kepha anikelwe nokunikelwa esandleni senkosi yaseBabele, akhulume nayo umlomo nomlomo, amehlo akhe awabone amehlo ayo,

UJeremiya 34:3

Awuyikuphunyuka esandleni sayo ; uyakubanjwa nokubanjwa , unikelwe esandleni sayo ; amehlo akho ayakubheka amehlo enkosi yaseB abele, ikhulume nawe umlomo nomlomo; uyakuya eBabele.

UJobe 31:27

kwayengwa inhliziyo yami esitha, nomlomo wanga isandla sami,

UNumeri 12:8

ngiyakukhuluma naye umlomo nomlomo ngokusobala , kungabi ngamazwi ayimfumbe; isimo sikaJehova uyakusibona ; anesabanga ngani ukukhuluma ngenceku yami uMose na?