Skip to Content

"nomlotha"

6 occurrences in ZUL

KumaHeberu 9:13

Ngokuba uma igazi lezimbuzi nelezinkunzi nomlotha wesithole kufafaza abangcolileyo, kuhlambulula kube ngukuhlanzeka kwenyama,

U-Esteri 4:1

UMoridekayi esekwazi konke okwenziweyo , uMoridekayi waziklebhu la izingubo zakhe , wembatha indwangu yamasaka nomlotha , waphumela phakathi komuzi, wakhala ngokukhala okukhulu okumunyu;

U-Esteri 4:3

Kuzo zonke izifunda lapho kwafika khona izwi lenkosi nomthetho wayo , kwaba khona ukulila okukhulu phakathi kwabaJuda , nokuzila ukudla nokukhala ngezinyembezi , nokulila; abaningi balala phansi bembethe izindwangu zamasaka nomlotha. U-Esteri uyabikelwa indaba. Impendulo yakhe

U-Isaya 58:5

Yikhona lokhu kuzila engikukhethileyo yin i nosuku lokuba umuntu awuhluphe umphefumulo wakhe ; ukuthi umuntu ugoba ikhanda lakhe njengomhlanga, endlale indwangu yamasaka nomlotha pha nsi kwakhe, na? Lokhu kambe ungakubiza ngokuthi ukuzil a nosuku olwamukelekayo kuJehova na?

UGenesise 18:27

Kepha u -Abrahama waphendula wathi : Bheka, sengiqalile ukukhuluma eNkosini, mina engiluthuli nomlotha.

UJobe 30:19

Ungiphonsile odakeni; sengifana nothuli nomlotha.