Skip to Content

"nomuntu"

33 occurrences in ZUL

1 kwabaseKorinte 5:11

kepha manje nganilobela ukuba ningahlangani nomuntu obizwa ngokuthi ungumzalwane, uma eyisifebe , noma engohahayo , noma engokhonza izithombe, noma eyisithuki, noma eyisidakwa, noma engumphangi; ningaze nadla nokudla nonjalo.

2 AmaKhosi 4:29

Wayesethi kuGehazi : Bhinca izikhali zakho , uthathe udondolo lwami ngesandla sakho , uhambe; uma uhlangana nomuntu , ungambingeleli; uma umuntu ekubingelela , ungamphenduli, ubeke udondolo lwami ebusweni bomntwana.

2 uSamuweli 3:38

Inkosi yathi ezincekwini zayo : Anazi yini ukuthi kufile umbusi nomuntu omkhulu kwa-Israyeli namuhla na?

EkaJakobe 1:23

Ngokuba uma umuntu engolizwayo izwi engesiye olenzayo , lowo ufana nomuntu obuka ubuso bakhe bemvelo esibukweni;

IzAga 14:14

Ohlehla ngenhliziyo uyasutha ngezindlela zakhe , nomuntu omuhle ngemisebenzi yakhe.

IzAga 22:24

Ungabi ngumngane womuntu onolaka, ungahambi nomuntu onokufutheka,

IzAga 24:5

Umuntu ohlakaniphileyo udlula onamandla , nomuntu onokwazi onezikhwepha.

IzAga 27:17

Insimbi ilola insimbi, nomuntu ubuso bomunye.

IzAga 27:21

Ukhamba lokuncibilikisela lungolwesiliva , nesithando ngesegolide , nomuntu unjengodumo lwakhe.

IzAga 29:22

Umuntu onolaka uvusa ukuxabana , nomuntu ofuthekayo uvama ukuphambeka.

IzAga 3:13

Ubusisiwe umuntu othola ukuhlakanipha nomuntu ozuza ingqondo,

IzEnzo 19:38

Ngakho uma uDemetriyu kanye nezingcweti zabakhandi besiliva benendaba nomuntu, zikhona izinsuku zokuthetha amacala , bakhona nababusi ; mabamangalelane.

NgokukaLuka 22:10

Wathi kubo: Bhekani, seningene emzini niyakuhlangana nomuntu othwele imbiza yamanzi; mlandeleni, niye endlini angena kuyo,

NgokukaLuka 6:48

Ufana nomuntu owayakha indlu , wemba washonisa , wabeka isisekelo edwaleni. Ekufikeni kwesikhukhula umfula washaya leyo ndlu , kepha wawungenamandla okuyinyakazisa, ngokuba yayakhiwe kahle.

NgokukaMarku 14:13

Wayesethuma ababili kubafundi bakhe , wathi kubo: Hambani niye emzini; khona nizakuhlangana nomuntu othwele imbiza yamanzi; mlandeleni.

NgokukaMathewu 12:35

Umuntu omuhle ukhipha okuhle engcebeni yakhe enhle ; nomuntu omubi ukhipha okubi engcebeni yakhe embi.

NgokukaMathewu 13:24

Omunye umfanekiso wawubeka kubo , wathi: Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu owahlwanyela imbewu enhle ensimini yakhe;

NgokukaMathewu 13:52

Wayesethi kubo : Ngakho-ke yilowo nalowo mbhali ofundiselwe umbuso wezulu ufana nomuntu , umnumzane, okhipha engcebeni yakhe okusha nokudala. UJesu udelelwa emzini wakubo (Mark. 6:1; Luk. 4:16)

NgokukaMathewu 18:23

Ngalokho umbuso wezulu ufaniswa nomuntu oyinkosi obethanda ukubalisana nezinceku zakhe.

NgokukaMathewu 20:1

Ngokuba umbuso wezulu ufana nomuntu ongumninindlu owaphuma ekuseni ukuqasha izisebenzi ziye esivinini sakhe.

NgokukaMathewu 22:2

Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu oyinkosi , owenzela indodana yakhe umshado.

NgokukaMathewu 5:15

Nomuntu kasokheli isibani , asibeke phansi kwesitsha , kodwa usifaka othini; khona siyabakhanyisela bonke abasendlini.

U-Isaya 46:11

mina engibiza inqe empumalang a nomuntu wecebo lami ezweni elikude ; yebo, ngikhulumile, ngiyakukufikisa; nginqumile, ngiyakukwenza.

U-Isaya 55:7

Omubi makashiye indlela yakhe, nomuntu owenza okubi imicabango yakhe, abuyele kuJehova , uyakuba nomusa kuye , yebo, abuyele kuNkulunkulu wethu, ngokuba uyakwenza ukuthethelela kube kukhulu.

U-Isaya 66:3

Ohlaba inkunzi ebulala nomuntu, nohlaba iwundlu eyaphula nentamo yenja, nonikela ngomnikelo wempuphu , kepha enikela nangegazi lezingulube , noshisa inhlaka , ebonga nesithombe , yebo, laba bakhethile izindlela zabo , nemiphefumulo yabo iyathokoza ngezinengiso zabo.

UDuteronomi 5:24

nathi: Bheka, uJehova uNkulunkulu wethu usibonisile inka zimulo yakhe nobukhulu bakhe , salizwa izwi lakhe livela phakathi komlilo ; sibonile namuhla ukuthi uNkulunkulu uyakhuluma nomuntu, adlule aphile.

UHezekeli 18:8

enganiki ngenzalo, engamukeli inzuzo, ebuyisa isandla sakhe ebubini , enza ukwahlulela okuqinisileyo phakathi komuntu nomuntu;

UHezekeli 1:26

Phezu komkhathi owawuphezu kwamakhanda azo kwakunjengokungathi isihlalo sobukhosi , isimo saso s injengetshe lesafire . Phezu kokwakunjengesihlalo sobukhosi kwakukhona okufana nomuntu phezu kwaso ngaphezulu.

UJeremiya 27:5

Mina ngenzile umhlaba , nomuntu, nesilwane okukhona emhlabeni ngamandla ami amakhulu nangengalo yami eyeluliweyo , ngiwunika lowo ofanele emehlweni ami.

UJobe 35:8

Ububi bakho buqondene nomuntu onjengawe , nokulunga kwakho kuthintana nendodana yomuntu.

UJobe 3:23

nomuntu ondlela yakhe isithekile , uNkulunkulu ambiyeleyo nxazonke zakhe, na?

ULevitikusi 24:10

Indodana yowesifazane wakwa -Israyeli, uyise wayo engowaseGibithe , yaphuma yaya phakathi kwabantwana bakwa -Israyeli; indodana yowesifazane wakwa-Israyeli nomuntu wakwa-Israyeli baxabana ekamu;

ULevitikusi 7:18

Uma inyama yomhlatshelo weminikelo yakhe yokuthula idliwa ngosuku lwesithathu, ayiyikwamukeleka, ingabalelwa kuye owanikela ngayo ; iyakunengeka, nomuntu oyidlayo uyakuthwala ububi bakhe.