Skip to Content

"nopawulu"

8 occurrences in ZUL

IzEnzo 14:14

Kwathi ukuba bakuzwe lokho abaphostoli oBarnaba noPawulu , baklebhula izingubo zabo, baphonseka phakathi kwesixuku bememeza

IzEnzo 15:12

Isixuku sonke sathula ; babelalela oBarnaba noPawulu belanda ngezibonakaliso nangezimangaliso zonke uNkulunk ulu abezenzile ngabo phakathi kwabezizwe.

IzEnzo 15:2

Kuthe ukuba kuvele ukuphambana nok uphikisana okukhulu phakathi kwabo noPawulu noBarnaba, banquma ukuba oPawulu noBarnaba nabathile kubo bakhuphukele eJerusalema kubaphostoli namalunga ngaleyo ndaba.

IzEnzo 15:22

Khona kwaba kuhle kubaphostoli namalunga nakulo ibandla lonke ukuthumela e -Antiyokiya noPawulu noBarnaba amadoda akhethiweyo phakathi kwabo , uJuda o thiwa uBarsaba noSila , amadoda angabaholi phakathi kwabazalwane,

IzEnzo 15:25

kwaba kuhle kithi sesinhliziyonye ukuthuma kini amadoda akhethiweyo kanye nabathandiweyo bethu oBarnaba noPawulu,

IzEnzo 17:4

Base bevuma abanye kubo , bazihlanganisa noPawulu noSila, futhi nesixuku esikhulu samaGreki akholwayo , kanye nabesifazane abadumileyo abangeyingcosana.

IzEnzo 19:15

Kepha umoya omubi waphendula , wathi kuwo : UJesu ngiyamazi , noPawulu ngiyamqonda; kepha nina ningobani na?

IzEnzo 19:29

Umuzi wonke wagcwala isiphithiphithi , batheleka nganhliziyonye esigcawini sokubukela , babamba oGayu no -Aristarku, abaseMakedoniya, ababehamba noPawulu.