Skip to Content

"nyovane"

11 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 14:9

kodwa wenzile okubi kunabo bonke ababe phambi kwakho , wahamba wazenzela abanye onkulunkulu nezithombe ezibunjiweyo ukungivusa u kuba ngithukuthele, wangilahla nyovane,

1 uSamuweli 4:18

Kwathi esaphatha umphongolo kaNkulunkulu , wawa nyovane esihlalweni sakhe ngaseceleni kwesango , kwaphuka intamo yakhe , wafa, ngokuba wayengumuntu omdala, esinda. Wayebahlulele abakwa-Israyeli iminyaka engamashumi amane.

KumaHeberu 10:38

kepha olungileyo wami uyakuphila ngokukholwa ; kepha uma ehleh la nyovane, umphefumulo wami awunakuthokoza ngaye.

NgokukaJohane 18:6

Kuthe-ke ukuba athi kubo: Yimina, bahlehla nyovane, bawa phansi.

U-Isaya 28:13

Ngalokho izwi likaJehova liyakuba kubona isiyalezelo phezu kwesiyalezelo, isiyalezelo phezu kwesiyalezelo , umthetho phezu komthetho , umthetho phezu komthetho , lapha ingcosana , nalapho ingcosana , ukuze bahambe , bawe nyovane, baphuke, bacushwe, babanjwe.

U-Isaya 38:17

Bheka, kwakungokuhle kimi ukuthi nganginomunyu ; wena wawuthanda umphefumulo wami , waze waphuma egodini lokubhujiswa , ngokuba uzilahlile nyovane zonke izono zami.

U-Isaya 50:5

INkosi uJehova iyivulile indlebe yami, mina angihlubukanga, angihlehlanga nyovane.

UGenesise 49:17

UDani uyakuba yinyoka endleleni , inhlangwana emkhondweni eluma izithende zehhashi, awe nyovane olikhweleyo.

UGenesise 9:23

OShemi noJafete bathatha ingubo , bayifaka emahlombe abo bobabili , bahamba nyovane , basibekela ubunqunu bukayise ; ubuso babo babubh eka emuva, abaze babona ubunqunu bukayise.

UHezekeli 23:35

Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngokuba ungikhohliwe , wangilahla nyovane, uyakuthwala ukungcola kwakho nobufebe bakho.

UNehemiya 9:26

Kepha babengalaleli , bakuhlubuka, balahla nyovane umthetho wakho , bababulala abaprofethi bakho abafakaza ngabo ukubabuyisela kuwe , benza izithuko ezinkulu.