Skip to Content

"ocebileyo"

7 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 4:8

Kwathi ngelinye ilanga u -Elisha wadlulela eShunemi lapho kwakukhona owesifazane ocebileyo , wamcindezela ukuba adle isinkwa . Kwakuthi njalo nxa edlula, waphambukela khona ukuba adle.

IzAga 13:7

Kukhona ozishaya ocebileyo , engenalutho kodwa ; kukhona ozish aya ompofu, enemfuyo enkulu.

IzAga 14:20

Ompofu uyazondwa nangumakhelwane wakhe , kepha ocebileyo unabaningi abamthandayo.

NgokukaMathewu 27:57

Sekuhlwile, kwafika umuntu ocebileyo wase -Arimatheya, igama lakhe nguJosefa, owayengumfundi kaJesu naye;

U-Eksodusi 30:15

Ocebileyo akayikunika kakhulu , ompofu angatheli kancane kunenxenye yeshekeli, lapho benikela ngomnikelo kuJehova ukuba kwenzelwe ukubuyisana kwemiphefumulo yenu.

UJobe 34:19

ongakhethi ubuso bezikhulu, onganaki ocebileyo kunompofu, na? Ngokuba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.

URuthe 2:1

UNawomi wayenesihlobo somyeni wakhe , umuntu ocebileyo , owomndeni ka-Elimeleki, igama lakhe linguBowazi.