Skip to Content

"ofakazi"

11 occurrences in ZUL

1 kuThimothewu 5:19

Icala eliqondene nelunga ungalemukeli , kungekho ofakazi ababili noma abathathu.

AmaHubo 27:12

Unganginikeli entandweni yezitha zami ; ngokuba ofakazi bamanga bangivukele kanye nabafutha ukudlozomela.

AmaHubo 35:11

Ofakazi abangalungile bayasukuma, babuza kimi engingakwaziyo.

IsAmbulo 11:3

Ngiyakubanika ofakazi bami ababili ukuba baprofethe iz insuku eziyinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisithupha bembethe indwangu yamasaka.

IzEnzo 6:13

bamisa ofakazi bamanga abathi : Lo muntu akayeki ukukhuluma amazwi ngale ndawo engcwele nangomthetho;

IzEnzo 7:58

bamkhiphela ngaphandle komuzi , bamkhanda ngamatshe. Ofakazi babeka izingubo zabo ngasezinyaweni zensizwa egama layo linguSawulu.

NgokukaMarku 14:63

Khona umpristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe , wathi: Sisaswelelani ofakazi na?

NgokukaMathewu 26:60

kepha ababufumananga, nakuba kwafika ofakazi abaningi bamanga. Kodwa kamuva kwavela ababili,

U-Isaya 43:9

Izizwe zonke mazibuth elwe ndawonye, abantu bonke babuthane ; ngubani phakathi kwabo ongamemezela lokhu , asizwise izinto zakuqala ; mabalethe ofakazi babo ukuba balungisiswe, bezwe, bathi: Kuyiqiniso.

U-Isaya 44:9

Abenza isithombe esibaziweyo bayize bonke ; izinto zabo ezithandekayo aziyikusiza; ofakazi babo ababoni, futhi abazi; bayakujabhiswa.

U-Isaya 8:2

Ngazifakazisela ofakazi abaqinisileyo, u-Uriya umpristi noZakariya indodana kaJeberekiya.