Skip to Content

"ohlala"

32 occurrences in ZUL

1 kaJohane 3:6

Lowo ohlala kuye akoni; lowo owonayo akambonanga, futhi akamazi.

2 kuThimothewu 1:14

okuhle okubekiwe kuwe ukulonde ngoMoya oNgcwele ohlala kithi.

2 uSamuweli 6:2

UDavide wahamba nabo bonke abantu ababe naye , besuka eBali Juda ukwenyusa khona umphongolo kaNkulunkulu obizwa ngeGama , lona igama likaJehova Sebawoti ohlala phezu kwamakherubi.

AmaHubo 69:25

Umuzi wabo mawuchitheke; makungabikho ohlala ematendeni abo.

AmaHubo 74:2

Khumbula ibandla lakho owalizuza endulo , owalikhulula ukuba libe yisifunda sefa lakho, nentaba yaseSiyoni ohlala kuyo.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 8:13

Wena ohlala emasimini, abangane balalela izwi lakho; ake ungizwise lona. Umakoti:

IsiLilo 4:21

Jabula, uthokoze, ndodakazi yakwa-Edomi, ohlala ezweni lase-Uzi. Indebe iyakudlulela nakuwena; uyakudakwa, uzenze nqunu.

IzEnzo 1:20

Ngokuba kulotshiwe eNcwadini yamaHubo ukuthi : Umuzi wakhe mawube yihlane, kungabikho ohlala kuwo , nokuthi: Isikhundla sakhe asithathwe ngomunye.

KwabaseRoma 8:11

Uma-ke uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini , yena owavusa uKristu Jesu kwabafileyo uyakuphilisa nemizimba yenu efayo ngaye uMoya wakhe ohlala kini.

NgokukaJohane 15:5

Mina ngingumvini , nina ningamagatsha ; ohlala kimi , nami kuye , lowo uthela izithelo eziningi; ngokuba ngaphandle kwami ningenze lutho.

U-Eksodusi 11:5

amazibulo onke asezweni laseGibithe ayakufa , kusukela kulo izibulo likaFaro ohlala esihlalweni sakhe sobukhosi kuze kube kulo izibulo lencekukazi engasetsheni lokugaya, kanye namazibulo onke ezinkomo.

U-Isaya 47:8

Manje yizwa lokhu wena ozijabulisayo , ohlala ulondekile, othi enhliziweni yakho: Yimi, akakho omunye ; angiyikuhlalisa okomfelokazi , nokufelwa abantwana angiyikukwazi.

U-Isaya 57:15

Ngokuba usho kanje ophakamileyo nophezulu , ohlala kuze kube phakade , ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, kepha nakuye onomoya ochotshoziweyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo nokuphilisa izinhliziyo zabachotshoziweyo.

U-Isaya 5:9

UJehova Sebawoti wathi ezindlebeni zami: Impela izindlu eziningi ziyakuba yincithakalo, nezinkulu nezinhle zingabi namuntu ohlala kuzo.

U-Isaya 6:11

Ngase ngithi : Nkosi, koze kube nini na ? Yathi: Kuze kuchithwe imizi , kungabe kusaba khona ohlala kuyo , nezindlu zingabe zisaba namuntu , nomhlaba uchitheke ube yize,

UGenesise 17:8

Ngiyakunika wena nenzalo yakho emva kwakho izwe ohlala kulo ungumfokazi, izwe lonke laseKhanani , libe yifa laphakade , ngibe nguNkulunkulu wabo. Ukusoka

UHezekeli 27:3

uthi kulo iTire: Wena ohlala ekungeneni kolwandle , ongumthengi wabantu eziqhingini eziningi , iNkosi uJehova isho kanje , ithi: Tire, wena ushilo ukuthi: Ngiphelele ebuhleni.

UHezekeli 7:7

Sekufikile kuwe ohlala ezweni ; isikhathi sesifikile , usuku lusondele , olokukhathazeka, kungesilo olokujabula ezintabeni.

UJeremiya 22:23

Wena ohlala eLebanoni , owakha isidleke sakho kuyo imisedari , uyakuhawukelwa kangakanan i ngokufikelwa kwakho yimihelo , imihelo enjengeyobelethayo!

UJeremiya 44:2

Usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Nikubonile konke okubi engikwehlisele phez u kweJerusalema naphezu kwayo yonke imizi yakwaJuda; bhekani, namuhla iyincithakalo, akakho ohlala kuyo

UJeremiya 46:19

Zenzele izinto zokuthunjwa , ndodakazi, ohlala eGibithe , ngokuba iNofi liyakuba yincithakalo, lishiswe kungabe kusabakho ohlala kulo.

UJeremiya 48:18

Yehla ebukhosini bakho , uhlale womile , ndodakazi, ohlala eDiboni , ngokuba umchithi kaMowabi ukhuphukela kuwe, achithe izinqaba zakho.

UJeremiya 4:29

Umuzi wonke uyabalek a ngenxa yomsindo wabamahhash i nowabemicibisholo; bayangena ezihlahleni, bakhuphukele emadwaleni; imizi yonke ishiyiwe, akakho ohlala kuyo.

UJeremiya 4:7

Ingonyama ikhuphukile esihlahleni sayo , umchithi wezizwe uyeza ; uphumile endaweni yakh e ukuba ulenze izwe lakho libe yincithakalo , ichithwe imizi yakho, kungabikho ohlala kuyo.

UJeremiya 50:3

Ngokuba kukhuphukela kulo isizwe sivela enyakatho, esiyakwenza izwe lalo libe yincithakalo, kungabikho ohlala kulo; abantu nezilwane kuyakubaleka , kuhambe.

UJeremiya 51:13

Wena ohlala ngasemanzini amakhulu , nonengcebo eningi , sekufikile ukugcina kwakho, isilinganiso sokuhaha kwakho.

UJeremiya 51:29

Umhlaba uyathuthumela , uqhaqhazele, ngokuba amacebo kaJehova ngeBabele em i okuba enze izwe laseBabele libe yincithakalo , kuze kungabikho ohlala khona.

UJeremiya 51:37

IBabele liyakuba yizinqwaba , nendawo yokuhlala kwamakhanka , nencithakalo, nento encimfelwayo, kungabikho ohlala khona.

UJeremiya 51:62

uthi: Jehova, wena ukhulumile ngale ndawo ukuba uyinqume ukuze kungabikho muntu ohlala kuyo, umuntu nasilwane, ngokuba iyakuba yihlane kuze kube phakade.

ULevitikusi 15:6

Ohlala entweni ahlale kuyo ocucuzayo uyakuhlanza izingubo zakhe , ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.

UZefaniya 2:5

Wo kwabakhileyo ngasogwini lolwandle , isizwe sama Khereti! Izwi likaJehova liphezu kwakho , Khanani, lizwe lamaFilisiti . Ngiyakukuchitha ukuze kungabikho ohlala khona.

UZefaniya 3:6

Nginqumile izizwe, imibhoshongo yazo yasezingosini ichithekile; ngichithile izitaladi zazo ukuze kungadluli muntu ; imizi yazo iqothuliwe ukuze kungabikho muntu, kungabikho ohlala kuyo.