Skip to Content

"okungekho"

13 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 26:15

UDavide wathi ku -Abineri: Awusiye umuntu okungekho onjengawe kwa - Israyeli na ? Awulindanga ngani inkosi yakho , inkosi? Ngokuba kwafika omunye wabantu ukuyobulala inkosi yakho, inkosi.

2 kaPetru 1:9

ngokuba okungekho kuye lezo zinto uyimpumputhe , ebona kalufifi , ekhohliwe ukuhlanjululwa ezonweni zakhe zokuqala.

AmaHubo 146:3

Ningethembi ezikhulwini nasendodaneni yomuntu okungekho kuyo ukusiza.

AmaHubo 55:19

UNkulunkulu uzakuzwa, abaphendule, yena okhona kwaphakade . Sela Yibona kambe okungekho kubo ukuphenduk a, nabangamesabiyo uNkulunkulu.

AmaHubo 92:15

ukuze bashumayele ukuthi uJehova ulungile ; uyidwala lami okungekho kuye ukungalungi.

EkaJakobe 1:17

Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu , zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.

KwabaseRoma 4:17

njengokulotshiweyo ukuthi : Ngikumisile ube nguyise wez izwe eziningi phambi kwalowo Nkulunkulu akholwa nguye, yena ophilisa abafileyo nobiza okungekho ngokungathi kukhona,

NgokukaJohane 1:47

UJesu wabona uNathanayeli eza kuye , wathi ngaye : Bheka, umIsrayeli uqobo okungekho nkohliso kuye.

U-Amose 5:20

Lungubumyama usuku lukaJehova , alusikho ukukhanya , nesigayegaye okungekho kuso ukukhazimula.

UDuteronomi 32:20

Wayesethi: Ngiyakubafihlela ubuso bami , ngibone ukugcina kwabo ukuthi kuyakuba yini ; ngokuba bayisizwe esiphambeneyo , abantwana okungekho kubo ukukholwa.

UHoseya 8:8

U-Israyeli uyagwinywa ; manje sebephakathi kwabezizw e njengesitsha okungekho intokozo kuso.

UJeremiya 22:28

Lo muntu uKhoniya uyisitsha esidelelw eyo nesaphukileyo na ? Uyindebe okungekho kuyo intokozo na? Uzwitshelweni yena nenzalo yakhe, balahlelwa ezweni abangalaziyo, na?

UZakariya 9:11

Nawe, ngenxa yegazi lesivumelwano sakho , ngikhiphile iziboshwa zakho emgodini okungekho kuwo amanzi.