Skip to Content

"okuphakade"

55 occurrences in ZUL

1 kaJohane 1:2

lokho kuphila kwabonakaliswa , sakubona, siyaqinisa sinishumayeza lokho kuphila okuphakade okwakukhona kuYise, kwabonakaliswa kithina --

1 kaJohane 2:25

Yilesi isithembiso yena asethembisa sona: ukuphila okuphakade.

1 kaJohane 3:15

Lowo ozonda umzalwane wakhe ungumbulali ; niyazi ukuthi akukho mbulali onokuphila okuphakade okuhlezi kuye.

1 kaJohane 5:11

Yilobu ubufakazi ukuthi uNkulunkulu usiphile ukuphila okuphakade , nalokhu kuphila kuseNdodaneni yakhe.

1 kaJohane 5:13

Nginilobele lokho , ukuze nazi ukuthi ninokuphila okuphakade nina enikholwa egameni leNdodana kaNkulunkulu.

1 kaJohane 5:20

Kepha sazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile , yasinika ingqondo ukuze simazi oweqiniso ; sikuye oweqiniso , kuyo iNdodana yakhe uJesu Kristu. Yena unguNkulunkulu oqinisileyo nokuphila okuphakade.

1 kuThimothewu 1:16

kepha ngahawukelwa ngalokhu ukuze uJesu Kristu abonakalise kimi engingesikhulu konke ukubekezela kwakhe , ngibe yisibonelo kwabazakukholwa nguye, baze babe nokuphila okuphakade.

1 kuThimothewu 6:12

Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa , ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wavuma ukuvuma okuhle phambi kofakazi abaningi.

2 kwabaseThesalonika 1:9

abazakunikwa isijeziso esingukubhujiswa okuphakade , basuke phambi kobuso beNkosi naphambi kwenkazimulo yamandla akhe,

AmaHubo 119:142

Ukulunga kwakho kungukulunga okuphakade; umthetho wakho uyiqiniso.

EkaJuda 1:21

nizigcine othandweni lukaNkulunkulu , nibheke umusa weNkosi yethu uJesu Kristu, kube ngukuphila okuphakade.

IzEnzo 13:46

Khona oPawulu noBarnaba bakhuluma ngesibindi , bathi: Bekudingeka ukuba izwi likaNkulunkulu li khulunywe kini kuqala; kepha lokhu nilinqaba, nizisho nina nithi anifanele ukuphila okuphakade , bhekani, sesiphendukela kwabezizwe.

IzEnzo 13:48

Kwathi abezizwe bekuzwa lokho , bathokoza, balidumisa izwi leNkosi ; bakholwa bonke ababemiselwe ukuphila okuphakade.

KuThithu 1:2

ethembeni lokuphila okuphakade uNkulunkulu ongaqambi amanga akwethembisa phambi kwezikhathi zaphakade,

KuThithu 3:7

ukuze silungisiswe ngomusa wakhe, sibe yizindlalifa zokuphila okuphakade ngokwethemba. Xwaya izifundiso zamanga

KumaHeberu 5:9

esephelelisiwe waba yisisusa sokusindiswa okuphakade kubo bonke abamlalelayo,

KumaHeberu 6:2

nesifundiso sombhapathizo nokubeka izandla , nokuvuka kwabafileyo nokwahlulelwa okuphakade.

KumaHeberu 9:12

wangena kanye kuphela endaweni engcwele , kungengegazi lezimbuzi nelamathole kepha ngegazi lakhe, ezuzile ukukhululwa okuphakade.

KwabaseGalathiya 6:8

Ngokuba ohlwanyelela inyama yakhe uyakuvuna ukubhubha kuyo inyama ; kepha ohlwanyelela uMoya uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya.

KwabaseRoma 2:7

labo abafuna ngokukhuthazela ekwenzeni okuhle inkazimulo nodumo nokungabhubhi bothola ukuphila okuphakade;

KwabaseRoma 5:21

ukuze njengalokho isono sabusa ngokufa , nomusa ubuse kanjalo ngokulunga, kube ngukuphila okuphakade ngoJesu Kristu iNkosi yethu.

KwabaseRoma 6:22

Kepha manje , senikhululiwe esonweni naba ngabakhonza uNkulunkulu , ninazo izith elo zenu kube ngukungcweliswa nasekugcineni ukuphila okuphakade.

KwabaseRoma 6:23

Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.

NgokukaJohane 10:28

ngizinika ukuphila okuphakade , azisoze zabhubha na phakade; akakho ongazihlwitha esandleni sami.

NgokukaJohane 12:25

Lowo othanda ukuphila kwakhe ulahlekelwa yikho , nozonda ukuphila kwakhe kuleli zwe uyakukulondela ukuphila okuphakade.

NgokukaJohane 12:50

Ngiyazi ukuthi umyalo wakhe ungukuphila okuphakade . Ngakho-ke lokho engikukhulumayo ngikukhuluma njengalokho uBaba angitshela khona.

NgokukaJohane 17:2

njengalokho uyiphile amandla phezu kwenyama yonke ukuba bonke oyiphe bona ibaphe ukuphila okuphakade.

NgokukaJohane 17:3

Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.

NgokukaJohane 3:15

ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo abe nokuphila okuphakade.

NgokukaJohane 3:16

Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka , waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.

NgokukaJohane 3:36

Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade ; kepha ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila , kodwa intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.

NgokukaJohane 4:14

kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumni ka wona kasayikoma naphakade; kepha amanzi engiyakumnika wona , phakathi kwakhe ayakuba ngumthombo wamanzi aphuphumayo, kube ngukuphila okuphakade.

NgokukaJohane 4:36

Ovunayo wamukeliswa umvuzo , abuthe isithelo kube ngukuphila okuphakade ukuba ohlwanyelayo athokoze kanye novunayo.

NgokukaJohane 5:24

Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini : Ozwa izwi lami , akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade ; akayi ekwahlulelweni , kepha usephumile ekufeni, wangena ekuphileni.

NgokukaJohane 5:39

Nihlola imibhalo , ngokuba nithi ninokuphila okuphakade kuyo ; yiyona efakaza ngami.

NgokukaJohane 6:27

Ningasebenzeli ukudla okuphelayo kepha ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade , eyakunipha khona iNdodana yomuntu , ngokuba uYise uNkulunkulu ubekile uphawu kuyona.

NgokukaJohane 6:40

Ngokuba lokhu kuyintando kaBaba ukuba yilowo nalowo obona iNdodana, akholwe yiyo , abe nokuphila okuphakade ; ngiyakumvusa mina ngomuhla wokuphela.

NgokukaJohane 6:47

Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwayo unokuphila okuphakade.

NgokukaJohane 6:54

Odla inyama yami , aphuze igazi lami , unokuphila okuphakade ; mina ngiyakumvusa ngomuhla wokuphela.

NgokukaJohane 6:68

USimoni Petru wamphendula wathi : Nkosi, siyakuya kubani na ? Amazwi okuphila okuphakade akuwe.

NgokukaLuka 10:25

Bheka, kwase kusukuma isazimthetho esithile , samlinga sathi : Mfundisi, ngizakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?

NgokukaLuka 18:18

Umbusi othile wayesembuza ethi : Mfundisi omuhle, ngiyakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?

NgokukaLuka 18:30

ongayikwamukeliswa okuphindwe kani ngi kulesi sikhathi nasenkathini ezayo ukuphila okuphakade. UJesu ukhuluma ngokuhlupheka kwakhe (Math. 20:17; Mark. 10:32)

NgokukaMarku 10:17

Ekuphumeni kwakhe ukuya endleleni umuntu wagijimela kuye , waguqa ngamadolo phambi kwakhe , wambuza wathi : Mfundisi omuhle , ngiyakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?

NgokukaMarku 10:30

ongayikwamukeliswa ngekhulu: manje kulesi sikhathi izindlu, nabafowabo, nawodadewabo, nawonina, nabantwana, namazwe kanye nokuzingelwa , nasenkathini ezayo ukuphila okuphakade.

NgokukaMathewu 19:16

Bheka-ke, kwasondela kuye othile , wathi: Mfundisi, ngiyakwenzantoni enhle ukuba ngibe nokuphila okuphakade na?

NgokukaMathewu 19:29

Nalowo oshiye izindlu , noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina , noma abantwana, noma amazwe ngenxa yeg ama lami , uyakwamukeliswa okuphindwe kaningi, adle ifa lokuphila okuphakade.

NgokukaMathewu 25:46

Laba bayakumuka , baye ekujezisweni okuphakade , kodwa abalungileyo baye ekuphileni okuphakade.

U-Isaya 33:14

Izoni zaseSiyoni ziyesaba, ukuthuthumela kubambile abangenaNkulunkulu. Ngubani phakathi kweth u ongahlala nomlilo oqothulayo ; ngubani phakathi kwethu ongahlala nokunkewuzela okuphakade na?

U-Isaya 45:17

Kepha u -Israyeli uyakusindiswa nguJehov a ngokusindiswa okuphakade ; aniyikujabha, aniyikuba namahloni kuze kube phakade.

U-Isaya 60:19

Ilanga alisayikuba ngukukhanya kuwe emini , nenyanga ayisayikukukhanyisela ngokukh azimula ebusuku ; uJehova uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe, uNkulunkulu wakho abe ludumo lwakho.

U-Isaya 60:20

Ilanga lakho alisayikushona , nenyanga yakho ayisayikuncipha , ngokuba uJehova uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe , nezinsuku zokulila kwakho ziyakuphela.

UDaniyeli 12:2

Abaningi abalele emhlabathini wothuli bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye ihlazo nokunengwa okuphakade.

UDaniyeli 4:34

Ngasekugcineni kwezinsuku mi na Nebukadinesari ngaphakamisa amehlo ami ezulwini , nomqondo wami wabuyela kimi , ngambonga oPhezukonke , ngamdumisa, ngamtusa yena ohlezi phakade . Ngokuba ukubus a kwakhe kungukubusa okuphakade , nombuso wakhe ungowezizukulwane ngezizukulwane;

UDaniyeli 9:24

Amasonto angamashumi ayisikhombisa anqunyelwe abantu bakho nomuzi wakho ongcwele ukuqeda iziphambeko , nokukhawula izono , nokwenza ukubuyisana ngobubi, nokungenisa ukulunga okuphakade , nokunamathelisa umbono nesiprofetho, nokugcoba indlu engcwelengcwele.