Skip to Content

"okuphakemeyo"

5 occurrences in ZUL

KwabaseRoma 12:16

Manibe nhliziyonye ; ningazindli okuphakemeyo , kodwa yaneliswani ngokuphansi. Ningazishayi abahlakaniphileyo.

NgokukaLuka 16:15

Wayesethi kubo : Nina ningabazishaya abalungileyo emehlweni abantu ; kepha uNkulunkulu uyazazi izinhliziyo zenu , ngokuba lokho okuphakemeyo phakathi kwabantu kuyisinengiso emehlweni kaNkulunkulu.

U-Isaya 2:12

Ngokuba uJehova Sebawoti unosuku ol uyakuba phezu kwakho konke okuzidlayo nokuzikhukhumezayo, naphezu kwakho konke okuphakemeyo , kuthotshiswe,

UHezekeli 21:26

isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Susa isigqoko , wethule umqhele ; lokhu akuyikuba yikho; phakamisa okuthobekileyo, uthobise okuphakemeyo.

UJobe 41:34

Ubona konke okuphakemeyo ; uyinkosi phezu kwabo bonke abantwana bokuzikhukhumeza.