Skip to Content

"okweshumi"

40 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 8:15

Iyakuthatha okweshumi kwembewu yenu nokwesivini senu , ikunike izinduna zayo nezinceku zayo.

1 uSamuweli 8:17

Iyakuthatha okweshumi kwezimvu zenu, nibe yizinceku zayo.

2 iziKronike 31:5

Lanele ukusakazeka nje leli zwi , abantwana bakwa -Israyeli banikela kakhulu ngolibo lwamabele , nolwewayini, nolwamafutha, nolwezinyosi, nakuzo zonke izithelo zamasimu, baletha kakhulu okweshumi kwakho konke.

2 iziKronike 31:6

Abantwana bakwa -Israyeli nabakwaJuda ababehlala emizini yakwaJuda baletha nabo okweshumi kwezinkabi nezimv u nokweshumi kwezinto ezingcwele ezazingcweliselwe uJehova uNkulunkulu wabo , bakubeka izinqwaba ngezinqwaba.

IsAmbulo 11:13

Ngalelo hora kwaba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba , kwawa okweshumi komuzi , nangokuzamazama komhlaba kwabulawa abantu abayizinkulungwane eziyisikhombisa , nabaseleyo b ashaywa luvalo , bamdumisa uNkulunkulu wezulu.

KumaHeberu 7:2

u-Abrahama wamabela okweshumi kukho konke yena ogama lakhe lithi kuqala ukuhunyushwa kwalo inkosi yokulunga , bese kuba yinkosi yaseSalema, okungukuthi inkosi yokuthula,

KumaHeberu 7:4

Qondani-ke ukuthi ungakanani yena owanikwa okweshumi kwempango ngu- Abrahama ukhokho.

KumaHeberu 7:5

Nalabo bamadodana kaLevi abamukeliswa ubupristi banomyalo wokuthatha okweshumi kubantu ngokomthetho , okungukuthi kubafowabo , ingani baphume okhalweni luka-Abrahama;

KumaHeberu 7:6

kepha yena ongabalwa ozalweni lwabo uthathile okweshumi ku -Abrahama, wambusisa lowo onezithembiso.

KumaHeberu 7:8

Lapha-ke abantu abafayo bamukeliswa okweshumi , kepha lapho ngofakazelwa ukuthi uyaphila.

KumaHeberu 7:9

Futhi kungathiwa noLevi owamukela okweshumi watheliswa okweshumi ngaye u-Abrahama,

NgokukaLuka 11:42

Kodwa maye kinina baFarisi , ngokuba nithela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokwemifino yonke, ninganaki ukulunga nokumthanda uNkulunkulu ! Benimelwe ukwenza lokhu , ningakuyeki nalokho.

NgokukaLuka 18:12

Ngizila ukudla kabili ngeviki , nginikela okweshumi kukho konke enginakho.

NgokukaMathewu 23:23

Maye kinina babhali nabaFarisi , bazenzisi, ngokuba nithela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokodonqa, niyeke okunzima komthetho: ukwahlulela nesihawu nokukholwa! Benimelwe ukwenza lokhu, ningakuyeki nalokho.

UDuteronomi 12:17

Ungekudle ngaphakathi kwamasango akho okweshumi kwamabele akho , noma okwewayini lakho , noma okwamafutha akho , noma okwamazibulo ezinkomo zakho, noma awezimvu zakho, noma izithembiso zakho ozenzayo, noma iminikelo yakho yesihle , noma umnikelo wokuphakanyiswa wesandla sakho,

UDuteronomi 14:21

Aniyikudla lutho lwengcuba; ungamnika umfokazi ophakathi kwamasango akho ukuba akudle , noma uthengise ngak ho kowezizwe , ngokuba wena uyisizwe esingcwele kuJehova uNkulunkulu wakho . Awuyikupheka izinyane lembuzi obisini lukanina. Okweshumi

UDuteronomi 14:23

ukudle phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha yena ukuba igama lakhe lihlale kuyo , okweshumi kwamabele akho , nokwewayini lakho, nokwamafutha akho, nokwamazibulo ezinkomo zakho , nokwawezimvu zakho , ukuba ufunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wakho njalo.

UDuteronomi 14:28

Ngasekugcineni kweminyaka emithathu njalo uyakukhipha konke okweshumi kwezithelo zakho ngawona lowo mnyaka , ukubekelele phakathi kwamasango akho;

UDuteronomi 26:11

wename ngakho konke okuhle uJehova uNkulunkulu wakho akunikile khona wena nendlu yakho, wena nomLevi, nomfokazi ophakathi kwakho. Okweshumi

UDuteronomi 26:12

Lapho u qedile ukuthatha okweshumi kwezithelo zakho ngomnyaka wesithathu ongumnyaka wokweshumi , usumnike uLevi khona , nomfokazi, nentandane, nomfelokazi ukuba badle phakathi kwamasango akho, basuthe,

UGenesise 14:20

Makabongwe uNkulunkulu oPhezukonke onike izith a zakho esandleni sakho. U-Abrama wamnika okweshumi kwakho konke.

UGenesise 28:22

naleli tshe engilimise libe yinsika liyakuba yindlu kaNkulunkulu , nakukho konke oyakungipha khona ngiyakukunika okweshumi.

UHezekeli 45:11

I-efa nebhati kuyakuba yisilinganiso sinye , ukuze ibhati lifumbathe okweshumi kwehomere, ne-efa okweshumi kwehomere, isilinganiso salo sibe ngokwehomere.

ULevitikusi 27:29

Akukho muntu owaqalekiswayo , owaqalekiswa kubantu , ongahlengwa; wobulawa nokubulawa. Okweshumi

ULevitikusi 27:32

Konke okweshumi kwezinkomo noma okwezimvu , zonke ezidlula phansi kwentonga, okweshumi kuyakuba ngcwele kuJehova.

ULevitikusi 5:11

Kepha uma amandla akhe enganeli ama hobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba , makalethe umnikelo wakhe ngalokho one ngakho , okweshumi kwe -efa lempuphu ecolekileyo , ube ngumnikelo wesono , angatheli mafutha phezu kwawo , angabeki nhlaka phezu kwawo , ngokuba kungumnikelo wesono,

ULevitikusi 6:20

Nanku umnikelo ka -Aroni nowamadodana akhe abayakunikela ngawo kuJehova mhla begcotshwa: okweshumi kwe-efa lempuphu ecolekileyo kube ngumnikelo wempuphu njalonjalo , inxenye yakho ekuseni nenxenye yakho kusihlwa.

UMalaki 3:10

Ngenisani konke okweshumi endlini yengcebo ukuba kube ngukudla endlini yami, ningivivinye ngalokhu , usho uJehova Sebawoti , uma ngingayikunivulela amafasitele asezulwini , nginithululele isibusiso kunokwaneleyo.

UNehemiya 10:37

silethe ulibo lomgqakazo wethu , neminikelo yethu yokuphakanyiswa , nezithelo zemithi yezinhlobo zonke , newayini namafutha kubapristi emakamelweni endlu kaNkulunkulu wethu, nokweshumi komhlabathi wethu kumaLevi, ngokuba wona amaLevi amukela okweshumi emizini yonke esilima kuyo.

UNehemiya 10:38

Umpristi, indodana ka -Aroni, ubeyakuba namaLevi , lapho amaLevi amukela okweshumi ; amaLevi ayakukhuphulela okweshumi kokweshumi endlini kaNkulunkulu wethu emakamelweni endlini yengcebo.

UNehemiya 13:12

Wonke uJuda wayeseletha okweshumi kwamabele , nokwewayini, nokwamafutha engcebeni.

UNumeri 15:6

Kepha inqama uyakuyilungisela okweshumi okubili kwempuphu ecolekileyo exovwe nokwesithathu kwehini lamafutha, kube ngumnikelo wempuphu;

UNumeri 18:21

Bhekani, ngibanikile abantwana bakwaLevi konke okweshumi kwa-Israyeli, kube yifa labo , ngomsebenzi abawusebenzayo , inkonzo yetende lokuhlangana.

UNumeri 18:24

Ngokuba okweshumi kwabantwana bakwa-Israyeli abanikela ngakho, kube ngumnikelo wokuphakanyiswa kuJehova , ngikunikile amaLevi kube yifa lawo; ngalokho ngishilo kuwo, ngathi: Phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli aniyikuba nafa.

UNumeri 18:26

Futhi uyakukhuluma kumaLevi , uthi kuwo : Nxa nithabatha kwabakwa - Israyeli okweshumi engininike khona kuvela kubo, kube yifa lenu , niyakunikela ngomnikelo wokuphakanyiswa kuJehova , okweshumi kokweshumi.

UNumeri 18:28

Kanjalo nani niyakunikela ngomnikelo wokuphakanyiswa kuJehova ngakho konke okweshumi kwenu enikwamukelayo kubantwana bakwa -Israyeli; niyakunikela ku-Aroni umpristi ngomnikelo wokuphakanyiswa kaJehova.

UNumeri 28:28

kanye nomnikelo wazo wempuphu , impuphu exovwe namafutha , okweshumi okuthathu ngaleyo naleyo nkunzi, nokweshumi okubili ngenqama inye,

UNumeri 29:14

kanye nomnikelo wazo wempuphu , impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, okweshumi okuthathu ngaleyo naleyo nkunzi yezinkunzi eziyishumi nantathu, nokweshumi okubili ngaleyo naleyo nqama yezinqama ezimbili,

UNumeri 29:3

kanye nomnikelo wazo wempuphu, impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, okweshumi okuthathu ngenkunzi, nokweshumi okubili ngenqama,

UNumeri 29:9

kanye nomnikelo wazo wempuphu, impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, okweshumi okuthathu ngenkunzi, nokweshumi okubili ngenqama,