Skip to Content

"okwesithathu"

10 occurrences in ZUL

1 kwabaseKorinte 12:28

UNkulunkulu umisile abathile ebandleni , kuqala abaphostoli , okwesibili abaprofethi, okwesithathu abafundisi, bese kuba yimisebenzi yamandla, bese kuba yiziphiwo zomusa zokuphulukisa , nokusiza, nokubusa, nezilimi ngezilimi.

IsAmbulo 12:4

umsila wakhe wadonsa okwesithathu kwezinkanyezi zezulu , waziphonsa emhlabeni. Nodrako wema phambi kowesifazane obezakubeletha , ukuze kuthi nxa esebelethile, ashwabadele umntwana wakhe.

IsAmbulo 8:11

Igama lenkanyezi lithiwa uMhlonyane . Okwesithathu kwamanzi kwaba ngumhlonyane, nabaningi kubantu bafa ngamanzi, ngokuba enziwa ababa.

IsAmbulo 8:12

Ingelosi yesine yayisibetha ; kwashaywa okwesithathu kwelanga, nokwesithathu kwenyanga , nokwesithathu kwezinkany ezi, ukuze okwesithathu kwakho kufiphazwe , nemini ingakhanyi okwesithathu kwayo , nobusuku ngokunjalo.

IsAmbulo 8:7

Eyokuqala yayisibetha; kwase kuba khona isichotho nomlilo kuxutshaniswe negazi, kwaphonswa emhlabeni ; okwesithathu komhlaba kwasha kwaqothuka, nokwesithathu kwemithi kwasha kwaqothuka , nabo bonke utshani obuluhlaza basha baqothuka.

IsAmbulo 8:8

Ingelosi yesibili yayisibetha ; kwangathi intaba enkulu ivutha umlilo , yaphonswa elwandle; okwesithathu kolwandle kwaba yigazi,

IsAmbulo 8:9

kwafa okwesithathu kokudaliweyo okwakuselwandle okuphilayo , nokwesithathu kwemikhumbi kwabhujiswa.

IsAmbulo 9:15

Zase zithukululwa izingelosi ezine ezilungiselwe ihora , nosuku, nenyanga, nomnyaka, ukuba zibulale okwesithathu kwabantu.

IsAmbulo 9:18

Ngalezo zinhlupho ezintathu kwabulawa okwesithathu kwabantu ngomlilo , nangomusi, nangesibabule, okwaphuma emilonyeni yawo.

UNumeri 15:7

uyakunikela okwesithathu kwehini lewayini libe ngumnikelo wokuphuzwa nephunga elimnandi kuJehova.